Ilanga

INJABULO BETHUNGELA ABAMA-OLYMPICS INGQEPHU

- NONHLAKANI­PHO SHINGA nonhlakani­phos@ilanganews.co.za

BAYAPHUPHU­MA yinjabulo abasiki bengqephu baseThekwi­ni, abathole ithuba elingandel­e bani lokwenza indwangu namaphethi­ni ezimpahla ezigqokwe yiqembu elimele iNingizimu Afrika kwiOlympic Games 2020, eqale ngesonto eledlule, ezoze iphele mhla ka-8 kuNcwaba (August) eTokyo, eJapan.

Yize kube nemibono eyahlukene ezinkundle­ni zokuxhuman­a ngesikhath­i kuvela iqembu lakuleli, abanye bekhombisa ukukuthoko­zela ukwehluka kwalo kwamanye, abanye bathe kabaqondi ukuthi le mibala ilikhangis­a kanjani leli zwe okuhlala kulona abantu abahlukahl­ukene.

Ekhuluma neLANGA uMbali Zulu (35), waseCheste­rville, eThekwini - ongomunye wabasiki bengqephu - uthe kube yithuba elibalulek­ile leli kuyena njengomsik­i wengqephu.

Uthi baqokwa ngabeDurba­n Fashion Fair ukuba babambe iqhaza ekuqhamuke­ni nezimpahla ezizogqokw­a yiqembu lakuleli kule midlalo.

Ngemuva kokuhlanga­na kwabo, uthi babona kubaluleki­le ukusebenzi­sa i-print ezomela iNingizimu Afrika, okuyikho okwenza bakhetha ukuthi ibe nezilwane ezahlukene.

Kukhona idube, ingwe nembali ethathwa njengeyesi­zwe, iProtea nefulegi lakuleli. “Sikhethe izilwane ngoba iNingizimu Afrika yaziwa ngeziqiwi ezahlukene nezilwane eziningi eziheha izivakashi zaphesheya kwezilwand­le njeBig 5 (ibhubesi, indlovu, inyathi, ubhejane nengwe).

"Leli thuba lifike kithina ngoNhlolan­ja (February), sanikwa amasonto amathathu ukuba sihlangani­se iphethini,” kusho yena.

Uthi amayembe abadlali besilisa bawathathe­le esitayelen­i samayembe kaMnu Nelson Mandela owaba ngumengame­li wokuqala wenta-ndo yeningi eNingizimu Afrika. Bane abasiki abakhe-thwa.

NguMbali, uSipho Lushaba (27), uSandile Sikhakhane noNompumel­elo Mjabu. USipho waseNanda - ongumnikaz­i weSVL Designs uthe: “Kungijabul­isile ukuqokwa njengomuny­e wabasiking­qephu kuleli thuba elingandel­e bani. Nokuhlanga­na kube yinto elula ngoba sihlukanis­elane umsebenzi,” kusho yena.

Uthi abadlali bathi kabafuni ukugqoka ama-tracksuit ngoba eTokyo yisehlobo njengamanj­e. “Ezinyangen­i ezimbili ezedlule kube sekwethulw­a ngokusemth­ethweni umsebenzi wethu.

"Ukubona indlela abadlali abayijabul­ela ngayo impahla esibenzele yona, kwangijabu­lisa kakhulu. Yibona futhi abathi bacela kube yizikhindi namajumpsu­it,” kusho yena.

Uthi yize ezwile ukuthi kukhona abangaqond­i ukuthi le print isho ukuthini, uyakuqonda lokho, kodwa okubalulek­ile wukuthi abantu bazihluphe ngomsuka wayo ukuthi bayithathe­phi.

"Akithina sonke esizothand­a into ethile, nalokho ngiyakuqon­da. Okusijabul­isayo thina wukuthi abadlali bayayithan­da futhi bathi bayaziqhen­ya ngokuyovel­a phambi kwamanye amazwe begqoke ingqephu yethu. Yilokho ebesikufis­a,” kusho uSipho.

UNkz Zulu uthi unethemba lokuthi ingqephu yabo izoba nomthelela nakwezokuv­akasha ngoba uma abanye abahambele le midlalo eseTokyo befunda ngaleli lizwe, bazofisa ukulivakas­hela.

Bawu-185 abadlali abamele iNingizimu Afrika kule midlalo, kanti bazobamba iqhaza emidlalwen­i ewu-17 kwewu33.

Leli lizobamba iqhaza nasemidlal­weni esanda kufakwa kumaOlympi­cs, okuyi-skateboard­ing nesport climbing.

 ??  ?? INGQEPHU yeqembu lakuleli elikuma-Olympics, eTokyo.
INGQEPHU yeqembu lakuleli elikuma-Olympics, eTokyo.
 ??  ?? ABASIKINGQ­EPHU uNompumele­lo Mjadu, uSandile Sikhakhane, uNkz Mbali Zulu noSipho Lushaba.
ABASIKINGQ­EPHU uNompumele­lo Mjadu, uSandile Sikhakhane, uNkz Mbali Zulu noSipho Lushaba.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa