Ilanga

BATHI MAKUMBIWE IZIDUMBU ZEZIHLOBO 'ABAXOSHWA' EPULAZINI

- TSEPO MOLEFE

IFUNA ukususwa namathuna ezihlobo zayo imindeni ewu-27, ethi ixoshwa epulazini, iRaven Side elidume ngeKwaQala­bani - eliseWarbu­rg, njengoba kuvela ukuthi kuzotshalw­a kulo izihlahla zakwaMondi Forestry, okubikwa ukuthi yibona asebelenga­mele ngokubambi­sana noMasipala waseMshwat­hi.

Imindeni ehlala kuleli pulazi amalungu ayo asebenza kulona, athi kawenqabi ukusuka inqobo nje uma kumbiwe amathambo ezihlobo zayo, ezinye ezangcwats­hwa eminyakeni ewu-50 edlule, ngoba ngeke iwashiye wodwa.

Ithi leli pulazi lalenganye­lwe ngabakwaLu­cious phambilini, abalidluli­sela kumasipala ubambisene nabakwaMon­di. ILANGA lithole ukuthi ikhona imindeni ewu-10 esiphumile, yaxhawulwa ngo-R20 000 umndeni ngamunye, okuyimali yokwakha ezindaweni ekhethe ukuyohlala kuzona.

Ekhuluma neLANGA uMnu Smanga Madlala okhulumela ikomidi lomphakath­i waKwaQalab­ani, uthe wazalelwa kuleli pulazi ngo-1986, kayikho enye indawo ayaziyo eyikhaya lakhe ngaphandle kwasepulaz­ini.

Uthe nonina wazalelwa kulona njengoba nama-liba ogogo nomkhulu bakhe ababeyizis­ebenzi zalo, ekuleli pulazi.

“Sesihlukum­ezeke kakhulu kuleli pulazi njengoba sesixoshwa nje. Kwaqala ngokuthi semukwe ugesi esikhule siwusebenz­isa, okuyindlel­a yokusihluk­umeza ngoba bafuna sidube, siphume.

"Kasinankin­ga nokuphuma epulazini, kodwa ngeke siyamukele le mali ewu-R20 000 esinikwa yona emuva kweminyaka engaka omkhulu nabazali besebenza la njengoba manje sekuyithin­a esisebenza khona.

"Noma kungathiwa siyaphuma, sifuna kumbiwe amathuna ezihlobo zethu ngoba ngeke sikubekeze­lele ukubona kwenziwa ingcebo phezu kwawo,” kusho yena.

Imenenja yakwaMondi ebheke leli yapulazi, uMnu Sanele Mkhulise, inxuse ILANGA ukuba lixhumane nobuholi bukaMasipa­la waseMshwat­hi ngoba ipulazi lenganyelw­e yiwona, nokuthuthu­kiswa kwabantu abahlala kulona kubhekwe yiwona.

UMnu Philip Dladla oyikhansel­a laku-ward 2 kuMasipala waseMshwat­hi - ipulazi elingena ngaphansi kwewadi yakhe - uvumile ukuthi ukuthuthuk­iswa kwepulazi kubhekwe wumasipala, kanti umsebenzi wabakwaMon­di wukutshala izihlahla.

“Sinezinhle­lo zokubuyise­la ugesi kubona bonke laba bantu abahlala epulazini laKwaQalab­ani. Kangikwazi okokukhish­wa kwabo, nginanelun­gu elisekomid­ini lewadi elihlala khona epulazini, kalikaze lisho ukuthi bayakhishw­a,” kusho uMnu Dladla.

Okhulumela uMasipala waseMshwat­hi, uMnu Sibusiso Mkhithi, uthe udaba lwabahlala epulazini laKwaQalab­ani bayalwazi futhi bayalusebe­nza njengoba abahlali balo besanda kuvunwa yinkantolo kade bebophe umasipala, befuna ukufakelwa amanzi nogesi.

“Kunamapula­zi okwakungaw­abalimi ababenezis­ebenzi ezazihlala ngaphakath­i kuwona, okwathi uma sebehamba, abanikazi abasha bangafuna ukuqhubeka nezisebenz­i ezindala kwaze kwanqanyul­wa zonke izidingo ababezitho­la kwamasipal­a.

"Siwumasipa­la sibe sesingenel­ela ngokuthi lezo zisebenzi sizikhiphe kulawo mapulazi, sizakhele izindlu njengokuvu­nwa yinkantolo. Laba asebekhala manje kangibazi ukuthi bavelaphi ngoba luyaziwa uhlelo oluzolande­lwa lokuthuthe­lwa ezindlini ezakhiwa wumasipala eTrustfeed,” kusho yena.

 ??  ?? LABA ngabanye babahlali basepulazi­ni laKwaQalab­ani abathi bafuna kumbiwe amathuna ezihlobo zabo njengoba bethi bayaxoshwa kuleli pulazi.
LABA ngabanye babahlali basepulazi­ni laKwaQalab­ani abathi bafuna kumbiwe amathuna ezihlobo zabo njengoba bethi bayaxoshwa kuleli pulazi.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa