BATHI MAKUMBIWE IZIDUMBU ZEZIHLOBO 'ABAXOSHWA' EPULAZINI
IFUNA ukususwa namathuna ezihlobo zayo imindeni ewu-27, ethi ixoshwa epulazini, iRaven Side elidume ngeKwaQalabani - eliseWarburg, njengoba kuvela ukuthi kuzotshalwa kulo izihlahla zakwaMondi Forestry, okubikwa ukuthi yibona asebelengamele ngokubambisana noMasipala waseMshwathi.
Imindeni ehlala kuleli pulazi amalungu ayo asebenza kulona, athi kawenqabi ukusuka inqobo nje uma kumbiwe amathambo ezihlobo zayo, ezinye ezangcwatshwa eminyakeni ewu-50 edlule, ngoba ngeke iwashiye wodwa.
Ithi leli pulazi lalenganyelwe ngabakwaLucious phambilini, abalidlulisela kumasipala ubambisene nabakwaMondi. ILANGA lithole ukuthi ikhona imindeni ewu-10 esiphumile, yaxhawulwa ngo-R20 000 umndeni ngamunye, okuyimali yokwakha ezindaweni ekhethe ukuyohlala kuzona.
Ekhuluma neLANGA uMnu Smanga Madlala okhulumela ikomidi lomphakathi waKwaQalabani, uthe wazalelwa kuleli pulazi ngo-1986, kayikho enye indawo ayaziyo eyikhaya lakhe ngaphandle kwasepulazini.
Uthe nonina wazalelwa kulona njengoba nama-liba ogogo nomkhulu bakhe ababeyizisebenzi zalo, ekuleli pulazi.
“Sesihlukumezeke kakhulu kuleli pulazi njengoba sesixoshwa nje. Kwaqala ngokuthi semukwe ugesi esikhule siwusebenzisa, okuyindlela yokusihlukumeza ngoba bafuna sidube, siphume.
"Kasinankinga nokuphuma epulazini, kodwa ngeke siyamukele le mali ewu-R20 000 esinikwa yona emuva kweminyaka engaka omkhulu nabazali besebenza la njengoba manje sekuyithina esisebenza khona.
"Noma kungathiwa siyaphuma, sifuna kumbiwe amathuna ezihlobo zethu ngoba ngeke sikubekezelele ukubona kwenziwa ingcebo phezu kwawo,” kusho yena.
Imenenja yakwaMondi ebheke leli yapulazi, uMnu Sanele Mkhulise, inxuse ILANGA ukuba lixhumane nobuholi bukaMasipala waseMshwathi ngoba ipulazi lenganyelwe yiwona, nokuthuthukiswa kwabantu abahlala kulona kubhekwe yiwona.
UMnu Philip Dladla oyikhansela laku-ward 2 kuMasipala waseMshwathi - ipulazi elingena ngaphansi kwewadi yakhe - uvumile ukuthi ukuthuthukiswa kwepulazi kubhekwe wumasipala, kanti umsebenzi wabakwaMondi wukutshala izihlahla.
“Sinezinhlelo zokubuyisela ugesi kubona bonke laba bantu abahlala epulazini laKwaQalabani. Kangikwazi okokukhishwa kwabo, nginanelungu elisekomidini lewadi elihlala khona epulazini, kalikaze lisho ukuthi bayakhishwa,” kusho uMnu Dladla.
Okhulumela uMasipala waseMshwathi, uMnu Sibusiso Mkhithi, uthe udaba lwabahlala epulazini laKwaQalabani bayalwazi futhi bayalusebenza njengoba abahlali balo besanda kuvunwa yinkantolo kade bebophe umasipala, befuna ukufakelwa amanzi nogesi.
“Kunamapulazi okwakungawabalimi ababenezisebenzi ezazihlala ngaphakathi kuwona, okwathi uma sebehamba, abanikazi abasha bangafuna ukuqhubeka nezisebenzi ezindala kwaze kwanqanyulwa zonke izidingo ababezithola kwamasipala.
"Siwumasipala sibe sesingenelela ngokuthi lezo zisebenzi sizikhiphe kulawo mapulazi, sizakhele izindlu njengokuvunwa yinkantolo. Laba asebekhala manje kangibazi ukuthi bavelaphi ngoba luyaziwa uhlelo oluzolandelwa lokuthuthelwa ezindlini ezakhiwa wumasipala eTrustfeed,” kusho yena.