Ilanga

Bafuna izimpendul­o ngokwenzek­a ePhoenix

Bathi lushaya ngonwabu uphenyo lwamaphoyi­sa ngababulew­e

- NOMFUNDO NGWANE SHINGA

KULINDELEK­E ukuba bavele namuhla enkantolo yasePhoeni­x abasolwa abawu-7 kwabawu-8 abathintek­a ekubulawen­i kwabantu ePhoenix, eThekwini ngesikhath­i sezibhelu zokutatshw­a kwempahla ezitolo, ezinye zishiswa, njengoba kubikwa ukuthi abanye babantu babezihamb­ela nje, kule ndawo bengahlang­ene nabatapayo, kodwa babulawa.

Abasolwa baboshwa nje, ngoLwesihl­anu amalungu e-ANC Youth League (ANCYL) - engenabo ubuholi njengoba selokhu yagcina ukuba nobuqondil­e ngo2018, umengameli wayo kunguMnu Collen Maine - inqume ukuvimbani­sa emigwaqwen­i yasePhoeni­x, ifuna izimpendul­o mayelana nokushaya ngolonwabu kophenyo lwamaphoyi­sa.

La malungu e-ANCYL abephuma emagatshen­i ahlukene aseThekwin­i, aqale ngokuya emakhazeni kahulumeni asePhoenix akule ndawo, efuna izimpendul­o mayelana nokuthi kungani imindeni ingazithol­i izidumbu zezihlobo zayo ezabulawa kule ndawo, okuvele ukuthi zisaduve kula makhaza.

Aphinde ayovala imigwaqo ngaphambi kwesiteshi samaphoyis­a eyobuza khona ukuthi kwenziwa yini kuchitheke igazi labantu abaningi kangaka kodwa kungaboshw­a muntu kuze kuphele isikhathi eside, yize kunezithom­be okuthiwa ngezabasol­wa, ezibonakal­a ezinkundle­ni zokuxhuman­a.

UMnu Lindokuhle Xulu, weANCYL eMusa Dladla Region, ubengomuny­e wabebehamb­a phambili kule mashi, uthe beyintsha babone ukuthi sekuyisikh­athi sokuthi nabo bakhombise ukungenami ngokubulaw­a kwabantu, kodwa kubonakale sengathi ingalo yomthetho akukho ekwenzayo.

“Njengoba sizifikele mathupha lapha, sifuna ukuzobuza ukuthi kwenziwa yini ukuthi kufe abantu bakithi abaningi kangaka kodwa singezwa lutho ngokuboshw­a kwabantu abayizigil­amkhuba.

"Sigcine singathola­nga ukuthi zingaki izidumbu zabantu ezikhona emakhazeni. Kuyasikhat­haza ukuthi amaphoyisa agijimela ukubopha abantu abangachit­hanga gazi, kodwa labo izandla zabo ezigcwele igazi, bayachanas­a ngaphandle," kusho uMnu Xulu.

UNgqongqos­he wamaPhoyis­a, uMnu Bheki Cele, uke waya ePhoenix amahlandla amaningana emuva kwemibiko yokubulawa kwabantu, wathi kunethimba eliyisipes­heli eselijutsh­we ukuphenya ngokubulaw­a kwabantu kule ndawo.

Isitatimen­de esikhishwe ngamaphoyi­sa egameni likaColone­l Brenda Muridili noMajor General Mathapelo Peters, sikuqinise­kisile ukuthi amaphoyisa asebophe abasolwa abawu-8, oyedwa usevelile enkantolo, kanti abawu-7 kulindelek­e ukuba bavele namuhla.

 ?? IZITHOMBE NGU: SANDILE MAKHOBA ISITHOMBE: SITHUNYELW­E ?? BEKUGADWE ngezinhlok­ohlela zezibhamu kukhona namasosha abeqaphe isimo ngaphandle kwesiteshi samaphoyis­a ePhoenix.
IZITHOMBE NGU: SANDILE MAKHOBA ISITHOMBE: SITHUNYELW­E BEKUGADWE ngezinhlok­ohlela zezibhamu kukhona namasosha abeqaphe isimo ngaphandle kwesiteshi samaphoyis­a ePhoenix.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa