SEKUPHINDE KWAGADLA UKUFA EMNDENINI WOWOKHOZI
SEKUPHINDE kwagadla ukufa emndenini womdidiyeli wohlelo lomculo wesintu oKhozini FM, uNonhlanhla “Mdonso” Ngcobo, obesazikhotha amanxeba njengoba ngoMasingana (January) kwashona umfowabo nomyeni wakhe, njengoba sekushone unina nodadewabo ngokulandelana.
Unina (kaMdonso) uNkk Thandi Ngcobo, ushone ngoLwesihlanu, kwathi izolo ngeSonto kwashona udadewabo, uNkz Mandisa Ngcobo.
UMdonso utshele ILANGA ukuthi selokhu kwashona umfowabo, uMnu Bhekisisa Ngcobo, unina akazange aphile egazini, wahlatshwa wukugula okungapheli. UMandisa yena kuvela ukuthi wethuswe wukushona kukanina, waquleka, waphuthunyiswa esibhedlela. Ugcine eseshonile.
Kwenzeka konke lokhu nje, uMdonso ubesanda kushonelwa ngumyeni wakhe, uMfu Nathan Pottier. Uthe kunzima ngisho ukuba achaze okumehlele ngenxa yesimo abhekene naso eshonelwa ngunina.
“Selokhu kwashona umfowethu, umama akazange aphile. Wakhala kakhulu ngaleso sikhathi, wagula, waphathwa wumkhuhlane ongalawuleki.
"Ngendlela abeyiyona, ngangithi mhlawumbe uyoshona ngesikhathi esisodwa nomfowethu.
"Ukudlula emhlabeni kukamfowethu kwamhlukumeza kakhulu, wavele wabona kuphelile ngempilo,” kusho uMdonso.
UMnu Ngcobo wayengu-mphathi womsakazo wo-mphakathi, iZululand FM. Wadlula emhlabeni emuva kokugula okuyamaniswa neCovid-19, njengoba wagula usuku olulodwa ekhala ngokuncisheka umoya.
Emuva kwezinsukwana, kwashona uMfu Pottier owayengumseshi esiteshini samaphoyisa eShowe, esakaza uhlelo lwezenkolo kwiZululand FM.