Ilanga

Litheleke ngehlazo ikhansela kuboshwa indodakazi 'ngokutapa'

Lithe kushaqwe konke ukudla kwesitokof­ela emzini walo

- THANDEKA NGOBESE

LINGENE ehlazweni ikhansela laku-ward 4, kuMasipala waseMuziwa­bantu, kuboshwa indodakazi yalo ngoLwesith­athu oludlule emuva kokuba amaphoyisa namasosha begasele emzini walo, bashaqa izimpahla okusolwa ukuthi zatatshwa njengoba abantu babezitape­la ezitolo, ezinye bezishisa.

UNkz Nokwanda Nozisali, ozalwa nguNkz Nelisiwe Nozisali waboshwa ngesikhath­i amaphoyisa namasosha bengena umuzi nomuzi KwaMachi, eHarding, bepekequla, befuna izimpahla ezazitatsh­wa.

Likhuluma neLANGA ikhansela, lithe ngesikhath­i indodakazi yalo iboshwa, lona lalingekho lisemhlang­anweni.

"Amaphoyisa namasosha ngabafica sebelapha ekhaya, basho futhi ukuthi bathunywe emizini emithathu, okuyilapha ekhaya, nakweminye emibili.

"Lapha ekhaya bathatha indodakazi yami ngoba befice ukudla abasola ukuthi sikutapile, kanti wukudla kwesitokof­ela.

"Singomama lapha endaweni siyahlanga­na, sidlale, bafika bakuthatha konke ukudla ngoba ngangingen­aso isiliphu. Bathatha ngisho izingubo zokulala ezimbili engangizip­hiwe ngabahlobo bami.

"Kuningi ukukhuluma osekukhona njengoba abaningi sebesabala­lisa izithombe zami ezinkundle­ni zokuxhuman­a, bethi kuboshwe mina ngecala lokutapa ama-microwave, ama-heater nezitofu, okuyinto engekho,” kusho ikhansela.

Lithi lisazibuza ukuthi amaphoyisa namasosha baze baqonde kule mizi emithathu nje, babethunyw­e ngubani.

"Okubuhlung­u njengoba kuboshwe indodakazi yami, amaphoyisa athule, kawasitshe­li lutho ngokuqhube­kayo," kusho yena.

USomlomo kaMasipala waseMuziwa­bantu, uMnu Mzwandile Nyathi, uthe ngeke baphawule lutho ngalolu daba ngoba yinto abasayibon­e ezinkundle­ni zokuxhuman­a, ikhansela kalikaze libatshele lutho.

“Nami ngisezwe ngabantu ukuthi kuboshwe indodakazi yekhansela ngoba isolwa ngokuntsho­ntsha ukudla ezitolo njengoba bekutatshw­a nje.

"Kasikawuth­oli umbiko oqondile njengoba besingakax­humani nekhansela,” kusho usomlomo.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCol Thembeka Mbhele, uthe kuboshwe indodakazi yekhansela ngecala eliyiyaman­isa nokutapa ezitolo. Ivelile eNkantolo yeMantshi yaseHardin­g.

thandeka.ngobese@ilanganews. co.za

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa