Litheleke ngehlazo ikhansela kuboshwa indodakazi 'ngokutapa'
Lithe kushaqwe konke ukudla kwesitokofela emzini walo
LINGENE ehlazweni ikhansela laku-ward 4, kuMasipala waseMuziwabantu, kuboshwa indodakazi yalo ngoLwesithathu oludlule emuva kokuba amaphoyisa namasosha begasele emzini walo, bashaqa izimpahla okusolwa ukuthi zatatshwa njengoba abantu babezitapela ezitolo, ezinye bezishisa.
UNkz Nokwanda Nozisali, ozalwa nguNkz Nelisiwe Nozisali waboshwa ngesikhathi amaphoyisa namasosha bengena umuzi nomuzi KwaMachi, eHarding, bepekequla, befuna izimpahla ezazitatshwa.
Likhuluma neLANGA ikhansela, lithe ngesikhathi indodakazi yalo iboshwa, lona lalingekho lisemhlanganweni.
"Amaphoyisa namasosha ngabafica sebelapha ekhaya, basho futhi ukuthi bathunywe emizini emithathu, okuyilapha ekhaya, nakweminye emibili.
"Lapha ekhaya bathatha indodakazi yami ngoba befice ukudla abasola ukuthi sikutapile, kanti wukudla kwesitokofela.
"Singomama lapha endaweni siyahlangana, sidlale, bafika bakuthatha konke ukudla ngoba ngangingenaso isiliphu. Bathatha ngisho izingubo zokulala ezimbili engangiziphiwe ngabahlobo bami.
"Kuningi ukukhuluma osekukhona njengoba abaningi sebesabalalisa izithombe zami ezinkundleni zokuxhumana, bethi kuboshwe mina ngecala lokutapa ama-microwave, ama-heater nezitofu, okuyinto engekho,” kusho ikhansela.
Lithi lisazibuza ukuthi amaphoyisa namasosha baze baqonde kule mizi emithathu nje, babethunywe ngubani.
"Okubuhlungu njengoba kuboshwe indodakazi yami, amaphoyisa athule, kawasitsheli lutho ngokuqhubekayo," kusho yena.
USomlomo kaMasipala waseMuziwabantu, uMnu Mzwandile Nyathi, uthe ngeke baphawule lutho ngalolu daba ngoba yinto abasayibone ezinkundleni zokuxhumana, ikhansela kalikaze libatshele lutho.
“Nami ngisezwe ngabantu ukuthi kuboshwe indodakazi yekhansela ngoba isolwa ngokuntshontsha ukudla ezitolo njengoba bekutatshwa nje.
"Kasikawutholi umbiko oqondile njengoba besingakaxhumani nekhansela,” kusho usomlomo.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCol Thembeka Mbhele, uthe kuboshwe indodakazi yekhansela ngecala eliyiyamanisa nokutapa ezitolo. Ivelile eNkantolo yeMantshi yaseHarding.
thandeka.ngobese@ilanganews. co.za