Ilanga

Ukwebiwa kwempahla uthi ngeke kumthene amandla

Uthi abatapayo bathathe konke ngisho isisefo semali nemishini yokukhokha ngekhadi

- THANDEKA NGOBESE thandeka.ngobese@ilanganews.co.za

UFUNGA uyagomela usomabhizi­nisi wesifazane waseShowe owendlulwa ngabantu ababezitap­ela ezitolo, ezinye bezishisa - njengoba kwakunodun­gunyane olwasuka emuva kokuzinike­la kukaMnu Jacob Zuma ejele ukuyodonsa isigwebo sezinyanga eziwu-15 ngokudelel­a inkantolo uthi ngeke aphele amandla, uzosivusa isitolo sakhe sokudla kwezilwane esaqala ukusebenza ngoNdasa (March) nonyaka.

UNkz Ayanda Nzuza (26), uthi abantu babethi ucabanga ukuthi wenzani njengoba evula i-Amashazi Animal

Feed Suppliers ngoba abantu abavame ukungena kuleli bhizinisi ngabamhlop­he, uthi abantu bahhundule sonke isitokwe sakhe. Ngenhlanhl­a kabasishis­anga lesi sitolo esidayisa ukudla kwezilwane - okubalwa izinkukhu, izinja, amahhashi, izimvu, izinkomo nezingulub­e - yimijovo yazo nezimfonyo, yizinto zokuthena namacici afakwa ezinkomeni. UNkz Nzuza uthi ngesikhath­i abantu betapa, basishiya isitolo singenalut­ho. Bathatha ngisho isisefo semali, wumshini osetshenzi­swa uma abantu bekhokha ngekhadi nekhompyut­ha.

Uthi lesi sitolo saqala ukusebenza ngoNdasa emuva kwesikhath­i eqongelela imali yokusiqala. Wehlelwa yilo mshophi nje, akakasitho­leli nomswalens­e. "Bese ngiqashe abantu ababili abasebenza ngokugcwel­e kanti sekuzokwen­zeka lo mshophi.

"Sengizamil­e ukuthenga amakhompyu­tha nesisefo, kuzothi uma kuqala isonto, ngiqale ngifake isitoko esisha. Angihlehli, kwazise ngesikhath­i ngingena ebhizinisi­ni ngangazi ukuthi ngizohlang­abezana nezinselel­o,” kusho yena.

Uthi uthando lokudayisa ukudla kwemfuyo lwaqala ngesikhath­i kuvalwa izwe ngoNdasa wango2020, izisebenzi eziningi zavaleleka emakhaya.

"Ngangisebe­nza ukwamukela abafikayo esitolo (receptioni­st). Ngagcina ngisele nomqashi wami (kwazise ozakwabo babesebenz­ela emakhaya), okwangipho­qa ukuba ngiyifunde yonke imisebenzi ukumlekele­la. Kwase kuyimina engenza ama-oda ezinto ezishodayo, ngibhekeke­le nebhizinis­i.

"Ngafunda izinto eziningi, uthando lwaleli bhizinisi lwaqala lapho. Umqashi wami ubewusizo olukhulu engilekele­la kokuningi noma sengimtshe­la ukuthi ngicabanga ukuvula inkampani yami, wangeseka kakhulu,” kusho yena.

Uthi njengoba ubesenesik­hundla esisha emsebenzin­i, ebesimenza aphume ehhovisi, wabona ukuthi kunethuba eBulwer kwazise sasingekho isitolo esidayisa ukudla kwezilwane.

“Akekho ekhaya ebengibuke­la kuyena njengoba ngizalwa ngabazali abangafund­ile.

"Ngisho ngisazama ukungena ebhizinisi­ni, abantu bebengayiz­wisisi le nto, bethi ngake ngabona bani odayisa ukudla kwezilwane, kuzothengw­a ngubani ngoba leli bhizinisi lenziwa kakhulu ngabamhlop­he.

"Indlela ibhizinisi ebelihamba kahle ngayo, bese ngizibona ngifana nezitolo okubalwa kuzo iTWK no-Epol eminyakeni ewu-5 ezayo kanti kuzokwenze­ka le nhlekelele,” kusho yena.

Ugqugquzel­a nabanye abesifazan­e abanamaphu­pho amakhulu njengoba ukuthi bangalalel­i okushiyo ngabantu emaceleni okuzobathe­na amandla, kodwa amehlo abo bawathi njo esicongwen­i.

 ??  ?? UNKZ Ayanda Nzuza ongumnikaz­i weMashazi Animal Feed ecekelwe phansi ngabebezit­apela ukudla ezitolo.
UNKZ Ayanda Nzuza ongumnikaz­i weMashazi Animal Feed ecekelwe phansi ngabebezit­apela ukudla ezitolo.
 ??  ?? WUKUDLA kwemfuyo abantu abebezitap­ela khona eMashazi Animal Feed kaNkz Ayanda Nzuza.
WUKUDLA kwemfuyo abantu abebezitap­ela khona eMashazi Animal Feed kaNkz Ayanda Nzuza.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa