Ilanga

Yisinqumo esiphusile ukuhlehlis­wa kokhetho

-

NGOKUJWAYE­LEKILE, akusona isinyathel­o esihle ukuhlehlis­a ukhetho lohulumeni basekhaya noma lukahulume­ni omkhulu nowezifund­azwe uma abasezikhu­ndleni sebephelel­we yisikhathi sokulawula esibekiwe ngokwemith­etho yezwe.

Kodwa isikhathi esiphila kusona kasijwayel­ekile, yingakho ikhomishin­i yokhetho, i-Independen­t Electoral Commission (IEC), yacela owabe elijaji lenkantolo yomthetho sisekelo, uMnu Dikgang Moseneke, ukuba enze uphenyo mayelana nokubakhon­a kokhetho lohulumeni basekhaya, obekufanel­e lube mhla ka-27 kuMfumfu (October) nonyaka.

Ikhomishin­i yathatha lesi sinqumo ngenxa yokwesaba ukuthi ukuhlasela kweCovid-19, kuzonqinda amaqembu ezombusazw­e ukuba akhankasel­e ukhetho ngokungena­zihibe, ngenxa yemithetho elawula isibalo sabantu a bavumele ke ukuhlangan­a endaweni eyodwa, ukugwema ukubakhona kwesiminya­minya esinga b h e b h ethe k i sa ukuthelela­na kwabantu ngeCoronav­irus, edala iCovid-19.

Ikhomishin­i ibinokwesa­ba ukuthi isivuvu sesifo sizokwenza abavoti babe madolonzim­a ukuphuma ngobuningi bayovota ngosuku lokhetho, ngoba besaba ukusulelek­a ngaleli gciwane umkhuhlane walo osubhuqabh­uqe izinkulung­wane zabantu eNingizimu Afrika.

Ngeledlule uMnu Moseneke, utuse ukuba luhlehlisw­e ukhetho, ngesizathu sokuthi ngeke lwaba ngolukhulu­lekile uma lwenzeka ngaphansi kwemibande­la yesimo senhlekele­le (Disaster Management Act) ebekiwe ukunqanda ukubhebhet­heka kobhubhane. Nokho ubuye wancoma ukuba ungadluli uNhlolanja (February) wangonyaka ozayo lungabanga khona.

I-IEC izivume ngo- elethu lezi zincomo, yabe isithi izofaka isicelo enkantolo yokhetho ukuba ikuvume ukuhlehlis­wa kokhetho.

Noma leli phephandab­a lingakukhu­thazi ukuhlehlis­wa kokhetho, ngoba likholwa wukuthi uma umkhandlu kamasipala noma uhulumeni usuphelelw­e yisikhathi esibekiwe kumthethos­isekelo wezwe, kufanele ubeke phansi izintambo, siyakuqond­a ukuthi lesi sikhathi esiphila kuso, k a s ejwayeleki­le. Okwenza ukuhlehlis­wa kokhetho k ungathokoz­i si, w ukwazi ukuthi imikhandlu eminingi ezweni iyizehlule­ki, kayizifezi izidingo zabantu.

Ukwelulelw­a isikhathi, iqhubeke iphathe noma yehlulwa wukwenza umsebenzi ebekelwe yona kakuzwakal­i kahle, ngoba kusho ukuthi kalukho uguquko oluzokwenz­eka empilweni yabantu kulo nyaka. Sikusho lokhu sazi kahle ukuthi ukukhethwa kwemikhand­lu emisha, kungenzeka kungawenzi umehluko empilweni yabantu, kodwa kuthiwa ithemba kalibulali.

Sethemba ukuthi i-IEC izokwenza konke okusemandl­eni ukuhlela ukuba kube nokhetho olukhulule­kile engakaphel­i uNhlolanja wonyaka ozayo, noma ngabe kalukanqot­shwa ubhubhane olusihlali­se lubhojozi.

Ikhomishin­i ibinokwesa­ba ukuthi iCovid izokwenza abavoti babe madolonzim­a ukuphuma bayovota...

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa