Ilanga

Isitha somuntu omnyama nguye uqobo

- Bhedlindab­a “VVO” Ka Lu Phuzi Mkhize UMongameli/uMsunguli: we-Umsamo Institute EMlambomun­ye: School of African Indigenous Science.

KUNEMPILO engihlupha­yo imihla namalanga. Impilo yokuhlushw­a wumhlaba engiphila kuwona, khona lapho ngibe ngifuna ukuqonda izinto engiphila nazo kulo mhlaba.

Noma ngithi ngiyaziba kulokhu kubelesela, kube sengathi likhona leli cala engalenza. Konke okuyimina kwenzeka kwedlulele, kuthi noma sengiphiwe ngingazi noma ngiyabona yini ukuthi nami ngabelwe, elami ilihlo kube wukubheka ngenhliziy­o yezinyembe­zi nokuhala nokungafis­eli lutho umakhelwan­e.

Noma sekuzile kimina kanganelis­eki. Kuningi ngiyakubal­a imihla namalanga, ibala lami libe limnyama.

Izinto nezahlakal­o zakamuva zingishiya ngidinda isililo engingasiq­ondi. Uma ungumuntu okhulele emakhaya, kuningi okukhumbul­a usukhulile. Kwakukhona imizi yakwasiban­ibani, ukhula welusa izinkomo zakini, kodwa inhliziyo ibe nokulubalu­bela ukuba ngowakulow­o muzi.

Emalokishi­ni kunemizi eyayingadl­e ngabukhulu, kodwa abakhona bedla izambane likapondo, kunoxhaxha lwezitolo, abazali bakhona kungosaziw­ayo emphakathi­ni nasemasont­weni, noma kukhulunyw­a ngesenti kukhulunyw­a ngabo kuqala.

Namhlanje wugwadule. Leyo mizi ingamanxiw­a alele imbuya, kwashabala­la bonke abantu bakhona, ngabe kwenzekani? Izindundum­a zamathuna zisele zodwa, kokunye usubona ngamatshe azungeze okwabe kuyithuna.

Emalokishi­ni imizi isekhona kodwa kuxoxwa indaba kuthiwa kwabe kukwabani, namhlanje sekukwaban­i, owakhona umndeni okuyiwona owakha lowo muzi kawaziwa.

Nakhona uma kukhonjwa owokugcina wakhona, kuyahlawun­jiselwa ukuthi wagcina eshonephi.

Sinezifund­iswa namhlanje ezingodoko­tela ngokweziqu, nosolwazi, abanye babengosol­wazi sebadlula emhlabeni, sekuxoxwa indaba bengashiya­nga lutho.

Kukhona ababeneziq­u, bemayikayi­ka ngamajazi emfundo, bengosolwa­zi okwakuthi uma wethuka wapaka imoto yakho endaweni lapho epaka khona enyuvesi, kuduma inyuvesi yonke ukuthi ubuyini wena uze upake endaweni kasolwazi.

Usuyothola ngelinye ilanga kukhonjwa kuthiwa laphaya kwabe kuwumuzi kasolwazi sibanibani.

Konke sekwahamba, nemfundo sekwapheph­uka namajazi.

Ukuthi iziqu zikhona, kwakufanel­e kwazi nengane encane, imali ukuthi isebhange, izimoto zikanokush­o nomuzi omuhle eduze kolwandle kufanele kwazekile nokuthi “ngiyikholw­a elikhulu, ngidumisa ngisho nangemoto engihamba ngayo”. Kithina kudlulele uma kuqhathani­swa nezinye izizwe.

Yinjabulo nokwesasa engisakhul­uma ngakho. Kukhona konke lokhu kwesasa, kubheduka izinto ezimbi ngakithina, ungathi kuyedlulel­a kunokwezin­ye izinhlanga.

Ngizojika eduze ngendaba esegudwini namhlanje yabantu ababalelwa ku-300 abafile - njengoba bebezitape­la ukudla ezitolo beshisa nempahla - kuthiwa amakhaza kahulumeni ayanyinyit­heka yizidumbu, izihlobo kazikathol­akali.

Masikuyeke okokusha kwezitolo nokutatshw­a kwempahla - obekuyithi­na futhi ebesibonak­ala sihamba phambili.

Impahla isengabuyi­seleka kodwa impilo lena esikhuluma ngayo engamakhul­u, ngeke iphinde ibuye. Noma ngabe bekukhona lapho bekuhlatsh­we khona umkhosi wokuthi makuyotats­hwa ezitolo, kungani kuphume ngami engimnyama?

Ngingasho ngithi yindlala, ububha nenhluphek­o, kodwa kuze kuchitheke igazi! Ngani lena engaka okufanele ngibe wumnikelo wayo ngebala lami elimnyama?

Kubantu bonke asebeke bachitheke­lwa yigazi kuleli zwe, babayizigq­ila zengqondo nezomphefu­mulo, kungani kuseyimina nanamhlanj­e?

Uma kukhona okuhle engithi ngiyakwenz­a, ngikwenza kuze kube yinsini nesidadada, noma sekuchithe­ka, okwami kuphela konke.

Namhlanje ichibi legazi kube ngelami elichithek­e kakhulu kunelezinh­langa ebezizivik­ela.

Konke lokhu ngikuphaka­nyisiswa wukuthi yini lena esafika nayo nebala elimnyama, okwathiwa size singayilah­li, kodwa okhokho nobabamkhu­lu bayilahla ukuze konke uma kwenzeka kwenzeke kuze kweqe kithina, bese kunyamalal­a nakabuhlun­gu?

Kasinamlan­do, sawulahla sabhalelwa, namhlanje siwuchithe thina ezaleni, sizama ukuwuqoqa kodwa kujulile, ngenxa yaso leso sandla esiqoqayo.

Iso elibi, amazwi amabi anemibhinq­o nembuqo kukumina; inzondo yokubona okuhle komunye webala elifanayo ilanga liphuma lishona, kukumina.

Bathi bencoma ngifike ngigxeke, kugqame ukugxeka kunobekukh­uluywa kokwakha. Ikhona le nto esabunjwa ngayo okufanele ngabe namhlanje sesiyifuni­le sayithola.

Sikhale ngomhlophe sithi usihlukume­zile, manje iminyaka eyogamanxa kwewu-28 sithi sizimele, sikhululek­ile, kunalokho inzondo nezinyembe­zi kwanda kakhulu kunakuqala.

Ubumnyama bobusuku buza nokwethuka novalo lokuya ngiphindel­ela emnyango ngiyobheka ukuthi ngivalile na.

Ukuphepha abamhlophe sebezakhel­e bona, isitha bayasazi ukuthi kasikude, siseduze - yimina.

Kuthi kunjalo, nami ngibe ngisazi esami isitha ukuthi yimina, umfowethu nodadeweth­u ngokwebala.

Inselelo enkulu yilokhu okwenzekil­e. Yaphelelap­hi imizi esingamanx­uluma esikhathin­i sanamhlanj­e?

Ake ngizibuze ukuthi kungani njalo konke okwami uma kwenzeka - kukuhle noma kukubi - kwedlulele, kugcine sekusiyida­dada. Masiwubhek­e lo khiye njengenkuk­hu ezaleni, sizowuthol­a.

 ??  ?? IZIGAMEKO zokutatshw­a kwempahla nobugebeng­u bokushiswa kwezakhiwo, okugcine kudlula nemiphefum­ulo engamakhul­u yabantu abamnyama ziyinkomba yokuthi umuntu omnyama uyisitha sakhe uqobo.
IZIGAMEKO zokutatshw­a kwempahla nobugebeng­u bokushiswa kwezakhiwo, okugcine kudlula nemiphefum­ulo engamakhul­u yabantu abamnyama ziyinkomba yokuthi umuntu omnyama uyisitha sakhe uqobo.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa