Isitha somuntu omnyama nguye uqobo
KUNEMPILO engihluphayo imihla namalanga. Impilo yokuhlushwa wumhlaba engiphila kuwona, khona lapho ngibe ngifuna ukuqonda izinto engiphila nazo kulo mhlaba.
Noma ngithi ngiyaziba kulokhu kubelesela, kube sengathi likhona leli cala engalenza. Konke okuyimina kwenzeka kwedlulele, kuthi noma sengiphiwe ngingazi noma ngiyabona yini ukuthi nami ngabelwe, elami ilihlo kube wukubheka ngenhliziyo yezinyembezi nokuhala nokungafiseli lutho umakhelwane.
Noma sekuzile kimina kanganeliseki. Kuningi ngiyakubala imihla namalanga, ibala lami libe limnyama.
Izinto nezahlakalo zakamuva zingishiya ngidinda isililo engingasiqondi. Uma ungumuntu okhulele emakhaya, kuningi okukhumbula usukhulile. Kwakukhona imizi yakwasibanibani, ukhula welusa izinkomo zakini, kodwa inhliziyo ibe nokulubalubela ukuba ngowakulowo muzi.
Emalokishini kunemizi eyayingadle ngabukhulu, kodwa abakhona bedla izambane likapondo, kunoxhaxha lwezitolo, abazali bakhona kungosaziwayo emphakathini nasemasontweni, noma kukhulunywa ngesenti kukhulunywa ngabo kuqala.
Namhlanje wugwadule. Leyo mizi ingamanxiwa alele imbuya, kwashabalala bonke abantu bakhona, ngabe kwenzekani? Izindunduma zamathuna zisele zodwa, kokunye usubona ngamatshe azungeze okwabe kuyithuna.
Emalokishini imizi isekhona kodwa kuxoxwa indaba kuthiwa kwabe kukwabani, namhlanje sekukwabani, owakhona umndeni okuyiwona owakha lowo muzi kawaziwa.
Nakhona uma kukhonjwa owokugcina wakhona, kuyahlawunjiselwa ukuthi wagcina eshonephi.
Sinezifundiswa namhlanje ezingodokotela ngokweziqu, nosolwazi, abanye babengosolwazi sebadlula emhlabeni, sekuxoxwa indaba bengashiyanga lutho.
Kukhona ababeneziqu, bemayikayika ngamajazi emfundo, bengosolwazi okwakuthi uma wethuka wapaka imoto yakho endaweni lapho epaka khona enyuvesi, kuduma inyuvesi yonke ukuthi ubuyini wena uze upake endaweni kasolwazi.
Usuyothola ngelinye ilanga kukhonjwa kuthiwa laphaya kwabe kuwumuzi kasolwazi sibanibani.
Konke sekwahamba, nemfundo sekwaphephuka namajazi.
Ukuthi iziqu zikhona, kwakufanele kwazi nengane encane, imali ukuthi isebhange, izimoto zikanokusho nomuzi omuhle eduze kolwandle kufanele kwazekile nokuthi “ngiyikholwa elikhulu, ngidumisa ngisho nangemoto engihamba ngayo”. Kithina kudlulele uma kuqhathaniswa nezinye izizwe.
Yinjabulo nokwesasa engisakhuluma ngakho. Kukhona konke lokhu kwesasa, kubheduka izinto ezimbi ngakithina, ungathi kuyedlulela kunokwezinye izinhlanga.
Ngizojika eduze ngendaba esegudwini namhlanje yabantu ababalelwa ku-300 abafile - njengoba bebezitapela ukudla ezitolo beshisa nempahla - kuthiwa amakhaza kahulumeni ayanyinyitheka yizidumbu, izihlobo kazikatholakali.
Masikuyeke okokusha kwezitolo nokutatshwa kwempahla - obekuyithina futhi ebesibonakala sihamba phambili.
Impahla isengabuyiseleka kodwa impilo lena esikhuluma ngayo engamakhulu, ngeke iphinde ibuye. Noma ngabe bekukhona lapho bekuhlatshwe khona umkhosi wokuthi makuyotatshwa ezitolo, kungani kuphume ngami engimnyama?
Ngingasho ngithi yindlala, ububha nenhlupheko, kodwa kuze kuchitheke igazi! Ngani lena engaka okufanele ngibe wumnikelo wayo ngebala lami elimnyama?
Kubantu bonke asebeke bachithekelwa yigazi kuleli zwe, babayizigqila zengqondo nezomphefumulo, kungani kuseyimina nanamhlanje?
Uma kukhona okuhle engithi ngiyakwenza, ngikwenza kuze kube yinsini nesidadada, noma sekuchitheka, okwami kuphela konke.
Namhlanje ichibi legazi kube ngelami elichitheke kakhulu kunelezinhlanga ebezizivikela.
Konke lokhu ngikuphakanyisiswa wukuthi yini lena esafika nayo nebala elimnyama, okwathiwa size singayilahli, kodwa okhokho nobabamkhulu bayilahla ukuze konke uma kwenzeka kwenzeke kuze kweqe kithina, bese kunyamalala nakabuhlungu?
Kasinamlando, sawulahla sabhalelwa, namhlanje siwuchithe thina ezaleni, sizama ukuwuqoqa kodwa kujulile, ngenxa yaso leso sandla esiqoqayo.
Iso elibi, amazwi amabi anemibhinqo nembuqo kukumina; inzondo yokubona okuhle komunye webala elifanayo ilanga liphuma lishona, kukumina.
Bathi bencoma ngifike ngigxeke, kugqame ukugxeka kunobekukhuluywa kokwakha. Ikhona le nto esabunjwa ngayo okufanele ngabe namhlanje sesiyifunile sayithola.
Sikhale ngomhlophe sithi usihlukumezile, manje iminyaka eyogamanxa kwewu-28 sithi sizimele, sikhululekile, kunalokho inzondo nezinyembezi kwanda kakhulu kunakuqala.
Ubumnyama bobusuku buza nokwethuka novalo lokuya ngiphindelela emnyango ngiyobheka ukuthi ngivalile na.
Ukuphepha abamhlophe sebezakhele bona, isitha bayasazi ukuthi kasikude, siseduze - yimina.
Kuthi kunjalo, nami ngibe ngisazi esami isitha ukuthi yimina, umfowethu nodadewethu ngokwebala.
Inselelo enkulu yilokhu okwenzekile. Yaphelelaphi imizi esingamanxuluma esikhathini sanamhlanje?
Ake ngizibuze ukuthi kungani njalo konke okwami uma kwenzeka - kukuhle noma kukubi - kwedlulele, kugcine sekusiyidadada. Masiwubheke lo khiye njengenkukhu ezaleni, sizowuthola.