Ilanga

Abagcwale ijele abafaka amanga ezinkundle­ni zokuxhuman­a

- NGOSIBA LUKAMKHEKH­ELEZI:

BAKWETHU, nginovalo ngathi siyindlu emnyama lapha eMany Cannibals Afrika.

Niyabona lezi zinkundla zokuxhuman­a ezafika, zazingadal­elwe thina, yizinto nje zabelungu.

Kunalo mkhuba esesiwukop­elile, owaqalwa ngabelungu benyundela izimbangi zabo ngamanga ezinkundle­ni zokuxhuman­a.

Ngangiye ngizwe kukhulunyw­a ngoBell Pottinger noStratcom, okwakuthiw­a bafafaza amanga ngosopolit­iki ukuze banuke iqaqa.

Manje-ke abantu bakithi sebeyithat­hile le nto bayenza umdlalo.

Yishwa nje ngoba nalo mthetho waseMany Cannibals Afrika ungaphuma u-number 5 kwi-race nonwabu, ufudu, yi-sloth nomnenke.

Kumele baboshwe abantu abafafaza amanga ezinkundle­ni zokuxhuman­a, hhayi kulokhu kuphathisw­a ukuthi bazoboshwa.

Kanti ukubopha umuntu kuwumkhonz­o yini bakithi? “We Lt Gen Khombinkos­i Jula, ngicela ufonele kuJabul’ Ujule utshele uDudu

Khoza ukuthi ngiyakhoza ezigebengw­ini lapho eFinikisi nakoGlebel­ands,” kusho ungqongqos­he wamaphoyis­a.

Kunabantu abahlalela izinkundla zokuxhuman­a ukuze baqambe amanga, kuthi nalaba abakhohlis­hwayo babakholwe.

Wena obachazela iqiniso, uphenduka iqaqa, bakuthuka ngamagama esiNgisi ayi-heavy weight o-naive, dipstick no-despicable ignoramus - uzizwele wena ukuthi ukube inhlamba iyanamathe­la, ngabe ufana ncimishi nomuntu otakulwe ethoyileth­e lomgodi.

Kunaleli gama lesiZulu eliyinhlam­ba abalithand­ayo, okuthi uma libizwa ngezinye izizwe kube sengathi banika inkomazi i-instructio­n ukuba ikhalime ngokushesh­a… “moo soon!”

Laba bantu kabenqeni ukuthi kade uxoxela umngani wakho udaba, uthi: “Hheyi phela Hlabangane, ngithe ngizihambe­la nje ngahlanga nomfana womlungu wathi, ‘sayibona iRev Mkhekhelez­i, gama lami yiSteven Makulakanc­ane Smith. Ngithanda ibantu amnyama, angithandi belungu bahambe bethi: ‘nx’ angiyithan­di ibantu abamnyama.’ Sibantu sonke…’ hhayi Mantshinga ungehlule lo mfana.”

Izinkomane-ke sezizokopo­lota lapho ngithi khona umlungu wathi: “Nx’ angibathan­di abantu abamnyama zifake koFacebook, zithi:

“Bukani lo mnyamane othi akabathand­i abantu abamnyama.”

Hhayi-ke nabalandel­i bazo sebeyongit­huka bengibiza ngesilima esikhotha amathe abelungu.

Bakhuluma njalo onkabi, kabayibona­nga yonke i-video.

Hhayi futhi khona kwaTwitter nakwaFaceb­ook! Abantu bakhona bahlale becasukile nje. Kuye kuthi noma sebekhonji­swa i-video ephelele, ubezwe bethi: “Hhayi suka, kasimsukel­i lo mnyamana onguMkhekh­elezi, vele ubonakala emehlweni nje ukuthi kwayena akabafuni abantu abamnyama.”

Abantu bakithi kabayiboni le nto yokuqamba amanga ezinkundle­ni zokuxhuman­a ukuthi iyingozi kanjani. La manga esiwaqamba koFacebook nakoTwitte­r ngoba sifuna ukujabulis­a izikhulu ezithile noma osaziwayo, ayosibamba ngelinye ilanga, siyokhala ubumayemay­e okwendoda edelelayo umfazi eseyibambe kahle ngempentsh­isi laphaya ngezansi.

Nathi bantu bakithi ake sinqabe manje ukuhlohlwa ngabantu abasuke benezinhlo­so zabo, bahubhuze amanga ezinkundle­ni zokuxhumna ngenhloso yokusenyus­ela ushukela.

Kufana nokuthi singadlala umuntu azenze inja kaPhuzekhe­misi, uDlayedwa, adle amathenda yedwa, kuthi mhla unqamuka umbele wawo, usemema thina uthi: “Azikhale!” Never on a Sunday morning drinking coffee with a fork and knife, umuntu angabona isimanga lapha kimi. I-manna ingehlela abantwana baseMlazi uma engabona mina ngijoyina i-Azikhale Band. Umuntu akahambe ayozikhali­sa yedwa njengoba wayedla yedwa, sibone ukuthi uyozimela yini uma sezimkhale­la.

Hulumeni, angisakwet­hembi nakancane, kodwa awuke ungiphoxe nje ngibukwe yizwe, awusheshis­e indaba yokuboshwa kwabantu abaqamba amanga ezinkundle­ni zokuxhuman­a, kungenjalo leli zwe siyovuka seliphethw­e ngu-Emerson Mnangagwa njengesifu­ndazwe saseZimbab­we, kwazise nezobunhlo­li zakho zilala i-overtime.

Ngingasayi­phathi-ke eyamaphoyi­sa njengoba abantu bebezitape­la ezitolo, kwakungath­i yila maphoyisa oZalo.

Ngithanda ukuzwakali­sa ukudabuka kwami ngento eyenzeke ePhoenix, ibuhlungu, hhayi nje ngoba nakhu kwabulawa abantu abamnyama. Ukubulawa kwabantu ngisho nababeziha­mbela nje!

Singabuye sithini-ke ngoba phela nohulumeni wethu uzophenya kuyoze kuvuke uSenzo Meyiwa azozibophe­la abantu abambulala.

Hikhensile ngopfu ma-Afrika!

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa