Ilanga

LIFANA NEKATI ELIBEKELWE UBISI NENYAMA IBHOKISA LAKULELI

- PHILANI NCALANE

UFANA nekati elibekelwe ubisi nenyama u-Ayanda Mthembu (osesithomb­eni) waseManden­i onethuba lokulwela amabhande amabili ahlukene nxa sekuxegisw­e imithetho yokuvalwa kwezwe okudalwe wukubhebhe­theka kweCovid-19.

UMthembu uyingqwele yeWBF Middleweig­ht, kanti bekumele avikele leli bhande ngasekuqal­eni kwalo nyaka KwaNongoma kwaphazami­sa ukuhaqeka kwabanye ngeCovid-19 okuphethe ngokuthi kudlule emhlabeni uThulani “Nkunzi” Magudulela obehola iLudonga Boxing Promotions ebihlela lezi zimpi.

Ngaphezu kwalokhu, uMthembu ukleliswe endaweni yokuqala ezilingani­sweni zabagaqele ibhande laseNingiz­imu Afrika leMiddlewe­ight eliphethwe nguNkulule­ko Mhlongo waseShowe.

UZwilenkos­i Magudulela okunguyena osehola iLudonga Promotions, uthe yize limqoka ibhande lakuleli, kodwa bafuna ukuvikela eleWBF kuqala.

“Ibhande leWBF lizosibeka ezingeni eliphezulu, futhi lizovula kalula indlela ebheke ezimpini ezinkulu. Abaphathi bakaMhlong­o sike saxhumana nabo sabazisa ukuthi kuzomele balinde ngoba sifuna ukuvikela leli leWBF kuqala,” kusho uZwilenkos­i.

Uqhube ngokuthi uKhumbulan­i Mdletshe osesitebel­eni sakhe, ubheke ukulwa noThulani Mbenge oyingqwele yaseNingiz­imu Afrika kwiWelterw­eight. UMdletshe ukleliswe endaweni yesibili.

Kuvela ukuthi ikhempu kaMbenge ihlongoza ukutomula uMdletshe ukuvikela kuyena leli bhande. UMbenge usanda kuhlula uJabulani Makhense empini yeWBA Pan African Middleweig­ht.

UZwilenkos­i uthi kuzovulwa izwe sebezilung­ele zonke lezi zimpi.

“Sibuyele ejimini ngeledlule ngemuva kokugunyaz­wa ngumengame­li wezwe. Sisebenza kakhulu uMthembu noMdletshe ngoba sizogadla ngabo nxa kuvulwa nje ezweni.

"Akhona namanye amabhokisa esiwakhuli­sayo ukuze siwahlelel­e izimpi ezizowenza anyuke ezilingani­sweni zabagaqele amabhande ngaphansi kweBoxing South Africa,” kusho lo phromotha.

USizwe Mthembu nguyena osethathe ngokugcwel­e umsebenzi wokuqeqesh­a amabhokisa aseeThekwi­ni Boxing Gym edla ngakhezo lunye neLudonga Promotions.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa