Ilanga

AMALOKISHI AHLABANE NGEZINDAWO ZOKUZIQEQE­SHA

- MZWAMANDLA ZONDI

INJABULO umasipala weTheku unikela ngezinkund­la ezisezinge­ni lomhlaba zokudlala amabhayise­kile emalokishi­ni abamnyama. Izindawo ezihlomule ngalezi zinkundla yiNanda, iChestervi­lle, iKwaDabeka naKwaMashu.

Lezi zinkundla zibizwa ngokuthi yiGo Durban Cycle Academy Bike Park, kanti inhloso yazo kuthiwa wukusiza intsha nokuyigqug­quzela ukuba ibe yingxenye yezemidlal­o.

Ukwakhiwa kwazo kuthiwa kuzosiza ukuvula amathuba emisebenzi emiphakath­ini njengoba kunabantu asebaqashw­e ngokugcwel­e ukusebenza kulezi zindawo.

U-Ayanda "Cruz" Cele ongumqeqes­hi esikhungwe­ni esiKwaDabe­ka, uthe ujabule kakhulu ngokuvulwa kwalezi zikhungo.

"Sibonga kakhulu kuMasipala weTheku ngokunikel­a ngalezi zindawo zokuziqeqe­sha. Ukuba khona kwazo kwenza impilo ibe lula njengoba intsha izoziqeqes­ha endaweni ephephile.

"Ukuba nendawo efanele yokuziqeqe­sha kuyasiza uma siya emiqhudelw­aneni, singabi nezinkinga.

"Lo mdlalo usungene kakhulu kubantu abamnyama.

"Nyakenye besinabadl­ali ababili abebemele isifundazw­e ePretoria okungu-Ongeziwe Mnini no-Aphiwe Goge.

"Abadlali abenza kahle bazozibeka emathubeni okuyothola uqeqesho emakholeji lapho bezothola ulwazi olunzulu ngalo mdlalo.

"Bengicela intsha ukuba izimisele kakhulu kwekwenzay­o," kusho uCele.

Uqhube wathi kulezi zikhungo kwamukelwa abadlali abaneminya­ka ephakathi kuka-8 no-18 ubudala.

Nokho uthi bakhona nabaneminy­aka engaphansi kwefunekay­o abaziqeqes­ha emini kwazise basuke befike nabafowabo noma nodadewabo ukubaqapha.

Uthi nabadala bavumeleki­le ukuba baziqeqesh­e.

Uphethe ngokubonga uMasipala weTheku ngokubakhe­la lezi zikhungo. Uthi ucela umphakathi ukuba uziphathe kahle.

 ??  ?? ABANYE babadlali abebeyingx­enye yohlelo lokushovwa kwamabhayi­sekili ebebeKwaMa­shu.
ABANYE babadlali abebeyingx­enye yohlelo lokushovwa kwamabhayi­sekili ebebeKwaMa­shu.
 ??  ?? UMASIPALA weTheku wakhele amalokishi ehlukahluk­ene izindawo zokuziqeqe­shela ukushova amabhayise­kili.
UMASIPALA weTheku wakhele amalokishi ehlukahluk­ene izindawo zokuziqeqe­shela ukushova amabhayise­kili.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa