Babhekene nengwadla abahola eyesibonelelo
Kabazi bazoholaphi njengoba kulinyazwe imishini yemali
ZIYIME emthumeni kubantu abaningi baKwaZulu-Natal njengoba bengazi ukuthi uma sekuqalwa ukuholwa kwesibonelelo sabangasebenzi esiwu-R350, bazosiholaphi kwazise izitolo, amaposi - lapho le mali iholwa khona - nemishini yokukhipha imali kwacekelwa phansi ngesikhathi abantu bezitapela ezitolo emasontweni amabili adlule.
Kuzokhumbukela ukuthi ngeSonto, uMengameli Cyril Ramaphosa uthe uhulumeni usukhethe ukuyibuyisa le mali eke yamiswa ezinyangeni ezimbalwa ezedlule.
ILANGA lihambele ezindaweni ezahlukene, laxoxa nabafundi balo abake bayihola le mali, abanye abakhala ngokuthi njengoba zicekelwe phansi ezinye izindawo, kuzophoqa ukuba bagibele baye ezindaweni ezikude nabo ukuyohola le mali.
Cishe bonke abantu abakhulume neLANGA bebekhala ngokuthi ukudla kuyabiza, bekumele umengameli ayengeze le mali, okungenani ibe wu-R500.
UMnu Xolani Mthimkhulu (50) wakwa-C, KwaMashu, uthe waphelelwa wumsebenzi eminyakeni emine edlule. "Kangifuni ukuqamba amanga, yona le mali iwenzile umehluko futhi kube buhlungu kabi ngesikhathi isinqamuka, kodwa hhawu, ubengeke nje umengameli wethu abe esethi thasi okungenani ibe wu-R500 ukuze sikwazi ukulekelela emindenini yethu nathi?” kusho yena.
Uthi le mali ulekelela ngayo ngokucoshacosha izishebo, kanti ukube beyinezeliwe futhi ubezophatha oshekhasi ababili nje naye athembeke.
Ukhala ngokuthi njengoba ngonyaka odlule bebehola, kungani manje sekumele baqale phansi babhalisele le mali, kungasetshenziswa imininingwane emidala.
“Uhulumeni ubuye uzidlalele ngathi nje ngoba wona kufanele ngabe uthi ababengaholi ngonyaka odlule kumele babhalise.
"Lokhu kuzophinde kuthathe isikhathi nje kanti silambile kuyimanje, le mali siyayidinga,” kusho yena.
UNkz Thembisile Khuboni (34) waseNkandla - kodwa osaqube eThekwini ngoba ezobheka amatoho - uthe kubongwa okuncane, kubongwe okukhulu.
“Kuqale lezi zibhelu ngiseThekwini, ngizofuna amatoho. Ukubuya kwale mali kuzongisiza kakhulu ngoba ngizokwazi nokuthenga izinto zokugcoba njengomuntu wesifazane, ngingalokhu ngicela kuyise wezingane zami.
"Nginethemba futhi ukuthi noma kuthiwa masiqale phansi sibhalise kuzoshesha ngoba phela uhulumeni uyazi ukuthi silambile kuyimanje,” kusho yena.
Okhulumela uSassa, uNkz Sandy Godlwana uthe labo abebehola le mali ngaphambilini kumele bangakhathazeki, bazobe bengaqali phansi bebhalisa, kepha kuzobe kuwukuvuselela nje imininingwane ukuthi kuseyiyo yini.
“Uma ubukade uhola, sidinga ukuqinisekisa ukuthi namanje kawukakasebenzi yini, besesiqinisekisa nemininingwane esinayo ukuthi kuseyiyo yini,” kusho yena.
Uthe njengamanje uNgqongqoshe wezeNhlalakahle, uNkz Lindiwe Zulu, usaqoqa ulwazi ngomonakalo owenzekile ezindaweni ezahlukene bese bebheka ukuthi abantu bazokhokheleka kanjani.
“Okubalulekile wukuthi njengoba umengameli ethe imali izogcina ngoNdasa (March) wangonyaka ozayo, kuzoba njalo. Uma sezihlanganile zonke izinhlaka ezithintekayo, kuzobe sekumenyezelwa-ke ukuthi kuqala nini ukubhalisa," kusho uNkz Godlwana.
Uqhube wathi njengokusho kukamengameli, nabahlala nezingane abazigadayo abaziholela imali yesibonelelo sezingane, bazokwazi ukufaka isicelo sokuthola le mali.