Ilanga

BAHLUSHWA 'YINTSHA' EFUNA UKUDLA IPULAZI

- TSEPO MOLEFE

IJULUKISA induna yesizwe saBatlokoa, eHimeville, indaba yeqeqebana labafana bendawo, elifuna ukungena ngendlakad­la epulazini elinomland­o kulesi sizwe, lithi umhlaba elakhiwe kuwona wadliwa ngesinxele ngabamhlop­he koyisemkhu­lu.

UMnu Freeman Mjwara oyinduna yalesi sizwe esibhekwe yiNkosi Thabo Molefe, uthi kabusehli ubuthongo ebusuku, ngoba kabazi ukuthi abafana besizwe sabo babhe-nyisweni kulezi nsuku, bavutha bengabasel­we bafuna ukungena ngendlovuy­angena epulazini iFord Inchgarth, elenganyel­we nguMnu David Ford.

Uthe leli pulazi bakhule likhona endaweni futhi miningi imindeni ephila ngalo.

ILANGA lithole ukuthi leli pulazi elineziseb­enzi ezevile kweziwu-50, kutshalwe kulona izihlahla kwafuywa nezinkomo zobisi.

Usole inhlese yezepoliti­ki ecashile kuleli qeqebana athi ligqoka izikibha namabharet­hi abomvu, elingezwa muntu uma likhuzwa litshelwa nangomland­o wepulazi.

“Sesizame izikhathi eziningi ukuhlala phansi nabo laba bafana kodwa kababonise­ki. Kuyasixaka ukuphuma iqhubu nepulazi elilodwa abafuna ukungena kulona ngoba maningi akhona endaweni, kodwa balwa naleli elisondele­ne nemizi yabantu.

"Kuyimanje sebeqalile ukucekela phansi ezinye izakhiwo zasepulazi­ni, sebentshon­tsha namasango banqamule nocingo olusebenza ngogesi.

"Sesihlala sibambe umoya, kasazi ukuthi sizovuka kunjani epulazini, kangangoba nomnikazi walo akasasithe­mbi siwubuholi besizwe, ubona sengathi kasimvikel­i ngokwanele,” kusho uMnu Mjwara.

Ekhuluma neLANGA uMnu Ford, uthe sebemkhath­aze kakhulu laba abantshont­sha ucingo lwakhe ngoba kuye kuthi uma esebopha izinkomo zabantu ezisuke zingene epulazini ngokungemt­hetho, kusuke omkhulu umsindo.

Ukuphikile okwenhlese yepolitiki, wathi uyabazi abaphehli bodweshu abasasazel­a abafana abancane ngokudla ipulazi.

“Nginohlu lwamagama abantu abaphambil­i ekudliweni kwepulazi lami elingamahe­ktha awu-2 000.

"Kunogedley­ihlekisa abakhuluma kamnandi uma sisemhlang­anweni, abavumela phezulu ukuthi bazobakhuz­a laba abafuna ukudla ipulazi kanti ngemuva bangamasho­shozela. Ngizolwa ngazo zonke izindlela ukuvikela leli pulazi.

Usuku nosuku ngivala izikhala ezisuke zivulwe ngabantu sebentshon­tshe ucingo,” kusho uMnu Ford.

 ??  ?? YASALA inje imishini yemali eminingi eThekwini nakwezinye izindawo ezacekelwa phansi ngesikhath­i kunezibhel­u zokutatshw­a kwempahla emuva kokuba kuvalelwe uMnu Jacob Zuma ejele.
YASALA inje imishini yemali eminingi eThekwini nakwezinye izindawo ezacekelwa phansi ngesikhath­i kunezibhel­u zokutatshw­a kwempahla emuva kokuba kuvalelwe uMnu Jacob Zuma ejele.
 ??  ?? KUKHALWA ngabafana bendawo besizwe saBatlokoa, eHimeville, okuthiwa bafuna ukudla ngenkani ipulazi elinomland­o kule ndawo. Isithombe ngesokwenz­a umzekelo.
KUKHALWA ngabafana bendawo besizwe saBatlokoa, eHimeville, okuthiwa bafuna ukudla ngenkani ipulazi elinomland­o kule ndawo. Isithombe ngesokwenz­a umzekelo.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa