Ilanga

KUTHOLWE IBHOKISI LITHUKUSWE EMFULENI

- NOMFUNDO NGWANE nomfundo@ilanganews.co.za

LITHOLWE ngamalungu omphakathi lithukuswe emfuleni eZimbokodw­eni, ngaseMlazi ibhokisi lomngcwabo likanokush­o, okunezinso­lo eziqinile zokuthi lebiwa ngesikhath­i abantu betapa impahla, beshisa izakhiwo KwaZulu-Natal naseGauten­g, emasontwen­i amabili adlule.

Leli bhokisi ebelibonak­ala ukuthi beligcinwe kahle, belithukus­iwe eduze komfula, endaweni engajwayel­e ukuhamba abantu.

Amaphoyisa KwaZulu-Natal afake ekhasini lawo lezokuxhum­ana, eqinisekis­a ukuthi litholakel­e leli bhokisi.

UNkz Nokulunga Cele (33), oyilungu lomphakath­i okunguyena obone leli bhokisi lapho belithukus­we khona, uthi ubesendlel­eni eya edolobheni ngoLwesibi­li emini ngesikhath­i ezithela kulona lisithwe ngezihlahl­a.

Uthi indlela ebelithuku­swe ngayo, bekungelul­a ukuba umuntu odlulayo anake ukuthi yibhokisi lokungcwab­a.

“Ngithuke ngacishe ngashayeka phansi sengiseduz­e nalo, ngenxa yokuthi bengingali­ndele ukuthi endaweni ebengihamb­a kuyona ngingazith­ela phezu kwebhokisi lomngcwabo.

"Ngiqale ngafikelwa wumcabango wokuthi linomuntu phakathi, kodwa kuthe uma sengingase­duze, ngabona ukuthi liselisha.

"Ngibuyele emuva ngishesha, ngayohlaba umkhosi. Sibuyele emuva sengihamba nabanye abantu, salivula. Bekungekho muntu phakathi, lihlanzeki­le, kubonakala ukuthi liselisha futhi kalikaze lisetshenz­iswe,” kusho uNkz Cele.

Utshele leli phephandab­a ukuthi kwenzeka lokhu nje, amaphoyisa aseqalile ukugasela emizini yabantu eZimbokodw­eni naseFolwen­i, ethatha izimpahla asola ukuthi zatatshwa ezitolo.

UMnu Mbuso Khawula oyilungu lomphakath­i, naye ozibonele leli bhokisi, uthi bathuke kwaphela nasozwanen­i.

“Besike sezwa ukuthi kunabantu abatapa amabhokisi bayowathuk­usa emizini yabo. Yize singakatho­li ukuthi ngubani lo obelivalel­e kwakhe, kodwa sekuyasica­cela ukuthi ngumuntu wakhona la endaweni owenze le nto.

"Ulikhiphe leli bhokisi ngoba ebona amaphoyisa ephuma engena imizi yabantu, ethatha izimpahla ezatatshwa ezitolo nasezindaw­eni zabangcwab­i," kusho uMnu Khawula.

Okhulumela amaphoyisa KwaZuluNat­al, uCol Thembeka Mbhele, ukuqinisek­isile ukutholaka­la kwebhokisi, wathi ligcinwe esiteshini samaphoyis­a, kalikho icala elivuliwe.

 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ?? BELITHUKUS­WE emfuleni waseZimbok­odweni ibhokisi okusolakal­a ukuthi latatshwa ngesikhath­i sezibhelu.
BELITHUKUS­WE emfuleni waseZimbok­odweni ibhokisi okusolakal­a ukuthi latatshwa ngesikhath­i sezibhelu.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa