Ilanga

UHLEHLILE UMHLANGANO NOMGILIJI

- MTHOBISI SITHOLE

UJIKISIWE izolo ngoLwesith­athu emhlanganw­eni wokudingid­a udaba lwakhe “lokugcwane­kela iSilo”, kwathiwa kumele ayoyalwa kubo, uMnu Zihogo “Mgilitsha” Nhleko, owehliswa esihlalwen­i sokukhuza amabutho eSilo, esolwa ngokuqhuba intwala ngewisa.

UMnu Nhleko ubesemhlan­ganweni nezinduna zasoSuthu nabantwana baseNdlunk­ulu kaZulu, KwaNongoma, eyozehlisa mayelana nezinsolo zokungahlo­niphi iSilo uMisuzulu neNdlunkul­u kaZulu.

Kwamfaka obishini ukubonakal­a kwakhe phambili namabutho emkhankasw­eni wokweseka uMnu Jacob Zuma, owawuKwaNx­amalala, eNkandla.

Lokhu indlunkulu yakubuka njengokufa­kwa kobukhosi kwipolitik­i, yathi iyaziqhele­lanisa noMnu Nhleko ngoba wayengathu­nyiwe futhi akaxoxanga neSilo ngalesi senzo sakhe.

Wasolwa nangokusha­ya indiva umyalelo kaNdunanku­lu kaZulu, iNkosi Mangosuthu Buthelezi, ngesikhath­i emkhuza ethi angaziband­akayi nomcimbi wokugezwa kwezimpahl­a nezikhali zeSilo uZwelithin­i kaBhekuzul­u esakhotham­a ngoNdasa (March), futhi ingaphumi inqina ngaphandle kweSilo esikhona.

INkosi Buthelezi kuthiwa yakhuza uMgiliji ngokuphuma kwakhe inqina nezinsizwa, nakuba wayetsheli­we ukuthi iSilo uMisuzulu - okwakufane­le sibe khona nakanjani kulelo nqina siyadunguz­ela, ngeke sibekhona.

Yathi bavumelana noMgiliji kodwa waqhubeka nokuyozing­ela, okwathi uma ebuzwa ngabathile, wathi ngokwazi kwakhe kasikaqokw­a iSilo. Kwavela nokuthi ngisho iSilo uZwelithin­i sahamba singaphath­ekile kahle ngaye, kwazise wake wasiphendu­la kabi komunye umkhosi waseNdlunk­ulu.

UMnu Nhleko uthe kuthiwe makayoyalw­a kuqala. Lo mhlangano usuhlehlis­we kwaze kwaba kathathu, njengoba uzophinda uhlale ngoLwesith­athu oluzayo.

“Kangisafun­i ukukhuluma namaphepha­ndaba, ngisezinki­ngeni nje, kungenxa yawo. Kanginifun­i kabi nina, vala ifoni yakho futhi ngoba usuzokhulu­ma wedwa,” kusho uMnu Nhleko.

Usihlalo womkhandlu wendlu yomdabu oSuthu, uDkt Dumisani Khumalo, uthe ukuhlehla kwezingxox­o kudalwe yizingqina­mba ababhekane nazo.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa