UHLEHLILE UMHLANGANO NOMGILIJI
UJIKISIWE izolo ngoLwesithathu emhlanganweni wokudingida udaba lwakhe “lokugcwanekela iSilo”, kwathiwa kumele ayoyalwa kubo, uMnu Zihogo “Mgilitsha” Nhleko, owehliswa esihlalweni sokukhuza amabutho eSilo, esolwa ngokuqhuba intwala ngewisa.
UMnu Nhleko ubesemhlanganweni nezinduna zasoSuthu nabantwana baseNdlunkulu kaZulu, KwaNongoma, eyozehlisa mayelana nezinsolo zokungahloniphi iSilo uMisuzulu neNdlunkulu kaZulu.
Kwamfaka obishini ukubonakala kwakhe phambili namabutho emkhankasweni wokweseka uMnu Jacob Zuma, owawuKwaNxamalala, eNkandla.
Lokhu indlunkulu yakubuka njengokufakwa kobukhosi kwipolitiki, yathi iyaziqhelelanisa noMnu Nhleko ngoba wayengathunyiwe futhi akaxoxanga neSilo ngalesi senzo sakhe.
Wasolwa nangokushaya indiva umyalelo kaNdunankulu kaZulu, iNkosi Mangosuthu Buthelezi, ngesikhathi emkhuza ethi angazibandakayi nomcimbi wokugezwa kwezimpahla nezikhali zeSilo uZwelithini kaBhekuzulu esakhothama ngoNdasa (March), futhi ingaphumi inqina ngaphandle kweSilo esikhona.
INkosi Buthelezi kuthiwa yakhuza uMgiliji ngokuphuma kwakhe inqina nezinsizwa, nakuba wayetsheliwe ukuthi iSilo uMisuzulu - okwakufanele sibe khona nakanjani kulelo nqina siyadunguzela, ngeke sibekhona.
Yathi bavumelana noMgiliji kodwa waqhubeka nokuyozingela, okwathi uma ebuzwa ngabathile, wathi ngokwazi kwakhe kasikaqokwa iSilo. Kwavela nokuthi ngisho iSilo uZwelithini sahamba singaphathekile kahle ngaye, kwazise wake wasiphendula kabi komunye umkhosi waseNdlunkulu.
UMnu Nhleko uthe kuthiwe makayoyalwa kuqala. Lo mhlangano usuhlehliswe kwaze kwaba kathathu, njengoba uzophinda uhlale ngoLwesithathu oluzayo.
“Kangisafuni ukukhuluma namaphephandaba, ngisezinkingeni nje, kungenxa yawo. Kanginifuni kabi nina, vala ifoni yakho futhi ngoba usuzokhuluma wedwa,” kusho uMnu Nhleko.
Usihlalo womkhandlu wendlu yomdabu oSuthu, uDkt Dumisani Khumalo, uthe ukuhlehla kwezingxoxo kudalwe yizingqinamba ababhekane nazo.