Uthuthiswe ababulali umndeni obuhlaselwa
Bathi kabakaze baxabane namuntu ongafuna ukubabulala
ATHUKA izanya ekubhaceni amalungu omndeni wakwaMaphumulo, eBhamshela, ngaseNdwedwe, okudutshulwe kwabulawa umakhi abemqashile, ozakwabo balimala kanzima ngeSonto ebusuku.
Kulesi sigameko kubikwa ukuthi kushone uMnu Sanele Hlongwa (30). ILANGA lithole ukuthi lo mndeni uhlaselwa ngeSonto nje, kunelinye ilungu lawo elisinde ngokulambisa lidutshulwa ngesonto eledlule.
UMnu John Maphumulo oyinhloko yalo mndeni, uthi namanje akazi ukuthi woneni kubani njengoba ehlaselwa nje. Uthi ababulali bafike ekwelinye igumbi, ubazwile bebuza izisebenzi ukuthi aphi amalungu omndeni wakhe.
“Laba bafana bengibaqashile ukuba bezongakhela omunye ulawondi lapha egcekeni. "Ngesikhathi kwenzeka lesi sigameko, bengilele komunye ulawondi, umndeni wami nawo ukwenye indlu. Kuthe ngingazelele, ngezwa umsindo kuleli gumbi obekulele kulona izisebenzi.
"Ngizwe esinye sazo sikhala, sincenga ababulali ukuba bangazidubuli ngoba akuzona ezalapha ekhaya. Omunye wababulali ubelokhu ebuza ukuthi uphi umndeni.
"Ngiphumile ngayocasha ensimini ngoba bengingaphethe lutho ebengingazivikela ngayo.
"Isibhamu siqhume siphindelela. Ngihlalile lapho bengicashe khona ngaze ngakhishwa yisililo, izingane zikhala zithi nampa abantu bephela endlini, ngahamba ngayobheka.
"Lona oshonile simthole engasothangweni, ekhala, ecela usizo ngakhipha imoto waphuthunyiswa esibhedlela lapho efike washonela khona,” kusho yena.
Uthi into emphatha kabi kakhulu wukuthi akakaze axabane namuntu. Sebekhethe ukubaleka ngoba bayabona ukuthi impilo yabo isengcupheni, kabaphephile.
“Ngesonto eledlule kwahlaselwa umfowethu edutshulwa, manje sekuhlaselwa mina.
"Inkinga enkulu wukuthi kangikaze ngixabane namuntu futhi namadodana ami kawakaze axabane namuntu obengaze afune ukusibulala.
"Indlela abebekhuluma ngayo laba bantu, bekuzwakala ukuthi bahlose ukuqotha imbokodo nesisekelo," kusho uMnu Maphumulo.
UMnu Mhlonipheni Maphumulo oyinduna yakule ndawo, uthe naye usadumele ngalesi senzo sababulali, wathi akukho okubambekayo abona ukuthi kungaba yisizathu sokuhlaselwa komndeni wakwaMaphumulo.
“Phambilini kwake kwaba khona ukuhlaselana kulesiya sigodi, kodwa-ke kwaba yinto ekhulunywayo, yathula.
"Kuyasethusa-ke uma sekuqala phansi manje sekuhlaselwa umndeni ngaphandle kwesizathu," kusho induna.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCapt Nqobile Gwala, uthe kuvulwe icala lokubulala nelokuzama ukubulala emuva kokuba abesilisa abathathu bebehleli endlini bebukela umabonakude, badutshulwa ngabantu abangaziwa.
Uthe bekungakaboshwa muntu, amaphoyisa asaphenya.