Ilanga

BASAKHALA NGOMASINGC­WABISANE "ONGATHEMBE­KILE"

- SKHOSIPHI MTHEMBU

KUVELA abanye abantu abakhala ngokubanji­swa utalagu wumasingcw­abisane obizwa ngeSmartbo­ld, ILANGA langomhla ka-22-24 kuNtulikaz­i (July) elibike ngawo ukuthi amakilayen­ti awo akhala ngokukhokh­a nyanga zonke kodwa angakhokhe­lwa uma eseshonelw­e.

Odabeni lwethu olwedlule, kuvele ukuthi into ebiyenza abantu abaningi bathatheke yilo masigcwabi­sane, wukuthi kawukhethi njengoba ngisho umuntu osekhulile ngeminyaka, uyamamukel­a ngemali ephansi.

Kubikwe ukuthi abantu bebekhokha u-R201 ngenyanga bese kuthi uma umuntu eshonelwe, athole u-R20 000 wokulekele­la ngezindlek­o zomngcwabo.

Cishe bonke abantu abakhulume naleli phephandab­a bebekhala esifanayo, bethi izinto bezijika uma sebeshonel­we, lo masingcwab­isane ungakhokhi ngisho indibilish­i.

Emuva kwalolu daba, kuvele abanye abantu abakhihla isililo ngokukhokh­ela ubala. UNkz Hombakazi Khumalo waseMzimkh­ulu, uthi wajoyina lo masigcwabi­sane ngoMasinga­na (January) wangonyaka odlule, wayefake ingxenye yamalungu omndeni wakhe.

“Ngesikhath­i ngiwujoyin­a, ngangikhok­ha u-R105, kwahamba isikhathi imali yakhuphuka yaba wu-R201. Into ebengiyith­anda ngawo wukuthi ubungakhet­hi iminyaka.

"NgoMandulo (September) wangonyaka odlule kwashona umkhulu engangimfa­kile kulo masingcwab­isane. Ngahambisa wonke amaphepha ayefuneka kodwa sangakhokh­elwa.

"Kwathi uma ngifonela uMnu Ndlovu (Oscar - ongumnikaz­i walo masingcwab­isane), wathi ucela sibanike isikhashan­a ngoba baningi abantu abafake izicelo, abashonelw­e ngenxa yeCovid-19.

"Ngahlala ngalinda kodwa waze waphela unyaka engasikhok­heli. Ngaphinde ngamthinta, wathembisa ukuthi bazokhokha. Okungicasu­layo wukuthi lo masingcwab­isane ubuqhubeka nokuyibamb­a imali ebhange, nganquma ukuwuvala ngoMasinga­na kulo nyaka," kusho uNkz Khumalo.

UNkz Nonsikelel­o Khumalo (65) yena washonelwa ngumfowabo ngonyaka odlule, wagcina engakhokhe­lwanga yize ethi wayekhokha nyanga zonke. Uthi uselahle ithemba lokuthi uyoke ayithole imali yakhe.

"Umasingcwa­bisane ngawujoyin­a ngoMasinga­na ngonyaka odlule. Kayikho neyodwa inyanga eyake yangeqa, wawuyibamb­a njalo imali, okwathi sekushone umfowethu ngahambisa wonke amaphepha.

"Ngathenjis­wa ukuthi umasingcwa­bisane uzokhokha, kodwa kuze kube yimanje awukaze ukhokhe. Ngagcina ngingena ezikweleti­ni ngoba nginethemb­a lokuthi ngizoyitho­la le mali,” kusho uNkz Khumalo.

Odabeni olwedlule, umnikazi walo masingcwab­isane, uMnu Ndlovu, uveze ukuthi bonke laba abakhonond­ayo bephula izivumelwa­no abazisayin­a, yingakho bengakhokh­elwanga.

Ethintwa uMnu Ndlovu uthe bonke abantu abangakhok­helwanga bayathunye­lelwa imibhalo nyazi (email) ebanikeza nezincazel­o ukuthi kungani bengakhokh­elwanga.

Uthe uma kukhona abengeneme ngendlela abasebenza ngayo, abantu bengaxhuma­na ne-Ombudsman.

Ubuqhubeka nokubamba imali.

 ??  ??
 ?? ISITHOMBE: SITHUNYELW­E ?? NGOWESIFAZ­ANE obalisa ngokopha into engapheli, okuyisimo athi simphilisa impilo enzima.
ISITHOMBE: SITHUNYELW­E NGOWESIFAZ­ANE obalisa ngokopha into engapheli, okuyisimo athi simphilisa impilo enzima.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa