BASAKHALA NGOMASINGCWABISANE "ONGATHEMBEKILE"
KUVELA abanye abantu abakhala ngokubanjiswa utalagu wumasingcwabisane obizwa ngeSmartbold, ILANGA langomhla ka-22-24 kuNtulikazi (July) elibike ngawo ukuthi amakilayenti awo akhala ngokukhokha nyanga zonke kodwa angakhokhelwa uma eseshonelwe.
Odabeni lwethu olwedlule, kuvele ukuthi into ebiyenza abantu abaningi bathatheke yilo masigcwabisane, wukuthi kawukhethi njengoba ngisho umuntu osekhulile ngeminyaka, uyamamukela ngemali ephansi.
Kubikwe ukuthi abantu bebekhokha u-R201 ngenyanga bese kuthi uma umuntu eshonelwe, athole u-R20 000 wokulekelela ngezindleko zomngcwabo.
Cishe bonke abantu abakhulume naleli phephandaba bebekhala esifanayo, bethi izinto bezijika uma sebeshonelwe, lo masingcwabisane ungakhokhi ngisho indibilishi.
Emuva kwalolu daba, kuvele abanye abantu abakhihla isililo ngokukhokhela ubala. UNkz Hombakazi Khumalo waseMzimkhulu, uthi wajoyina lo masigcwabisane ngoMasingana (January) wangonyaka odlule, wayefake ingxenye yamalungu omndeni wakhe.
“Ngesikhathi ngiwujoyina, ngangikhokha u-R105, kwahamba isikhathi imali yakhuphuka yaba wu-R201. Into ebengiyithanda ngawo wukuthi ubungakhethi iminyaka.
"NgoMandulo (September) wangonyaka odlule kwashona umkhulu engangimfakile kulo masingcwabisane. Ngahambisa wonke amaphepha ayefuneka kodwa sangakhokhelwa.
"Kwathi uma ngifonela uMnu Ndlovu (Oscar - ongumnikazi walo masingcwabisane), wathi ucela sibanike isikhashana ngoba baningi abantu abafake izicelo, abashonelwe ngenxa yeCovid-19.
"Ngahlala ngalinda kodwa waze waphela unyaka engasikhokheli. Ngaphinde ngamthinta, wathembisa ukuthi bazokhokha. Okungicasulayo wukuthi lo masingcwabisane ubuqhubeka nokuyibamba imali ebhange, nganquma ukuwuvala ngoMasingana kulo nyaka," kusho uNkz Khumalo.
UNkz Nonsikelelo Khumalo (65) yena washonelwa ngumfowabo ngonyaka odlule, wagcina engakhokhelwanga yize ethi wayekhokha nyanga zonke. Uthi uselahle ithemba lokuthi uyoke ayithole imali yakhe.
"Umasingcwabisane ngawujoyina ngoMasingana ngonyaka odlule. Kayikho neyodwa inyanga eyake yangeqa, wawuyibamba njalo imali, okwathi sekushone umfowethu ngahambisa wonke amaphepha.
"Ngathenjiswa ukuthi umasingcwabisane uzokhokha, kodwa kuze kube yimanje awukaze ukhokhe. Ngagcina ngingena ezikweletini ngoba nginethemba lokuthi ngizoyithola le mali,” kusho uNkz Khumalo.
Odabeni olwedlule, umnikazi walo masingcwabisane, uMnu Ndlovu, uveze ukuthi bonke laba abakhonondayo bephula izivumelwano abazisayina, yingakho bengakhokhelwanga.
Ethintwa uMnu Ndlovu uthe bonke abantu abangakhokhelwanga bayathunyelelwa imibhalo nyazi (email) ebanikeza nezincazelo ukuthi kungani bengakhokhelwanga.
Uthe uma kukhona abengeneme ngendlela abasebenza ngayo, abantu bengaxhumana ne-Ombudsman.
Ubuqhubeka nokubamba imali.