Ilanga

UBALISA NGOKOPHA OKUNGAPHEL­I EMUVA KWENGOZI YEMOTO

- TSEPO MOLEFE www.ilanganews.co.za

UBALISA ngendlala yocansi owesifazan­e wakwaNdelu, ePort Shepstone, othi sekuphele iminyaka ewu-7 ebhekene nengwadla yokopha okungaphel­i esithweni sangasese, selokhu walimala engozini yeloli ngo-2015.

Lona wesifazane waseMzumbe, ukhulume neLANGA ngobuhlung­u obusenhliz­iyweni yakhe selokhu washayiswa yiloli elaphaphal­aza langena esitolo esisedolob­heni ePort Shepstone, wathinteka kakhulu kwesingeza­nsi.

Ucela noma ngubani ongasiza amelaphe kule nkinga ukuba amlekelele, njengoba ethi unanesilon­da esibhibha ubusuku nemini.

Utshele ILANGA ukuthi usenolaka olwesabeka­yo ezeshelini uma zicela uthando ngoba uyazi ukuthi ekugcineni isoka azobe eliqomile, lizofuna bathokoze ngenkonzo yasekamelw­eni, okuyinto engelula ukwenzeka.

Uthi usephila ngokuphuma engena emitholamp­ilo, kodwa akulungi.

Uthe kuye kwenzeke kunqamuke ukopha kubuye futhi sekugobhoz­a amahlule amnyama, elandelwa ngaluhlaza, anuka into engabekeze­leleki.

“Kangisazi ukuthi ngenzenjan­i ukuze ngisizakal­e kulesi simo engibheken­e naso. Ngangingak­aze ngicabange ukuthi ngelinye ilanga ngiyobheka­na nesimo esinzima kanjena, esiqeda ukuzethemb­a kumuntu wesifazane.

"Ngisola amanesi angazange alandele umyalelo kadokotela owathi mangidluli­selwe egunjini labahlinzw­ayo, ngiyohlinz­wa mhla ngilimele ngoba yena wayeyiboni­le inkinga esibelethw­eni sami,” kusho yena.

Uthe usezenze zonke izaba zokuzelaph­a njengoba nabelaphi bendabuko ubebaseben­zisa, kodwa isimo singabuyel­i kwesejwaye­lekile.

Uthe unamahloni okukhuluma ngalesi simo emndenini wakhe, usethembel­e kwiLANGA ukuthi lingaba wumkhulume­ni wakhe ukuze athole umuntu ozomsiza.

“Sengikhath­ele wukuphila le mpilo.

"Ngenyanga ngiya kathathu ezinsukwin­i zami, lokho okungigqil­azayo ngoba kangiseben­zi, imali yokuthenga imisubelo kanginayo.

"Sengisizwa wukushints­hanisa amathawula okugeza asephenduk­e imisubelo,” kusho uNkz Shinga.

UMnyango wezeMpilo KwaZulu-Natal, ucele ukuthunyel­elwa imininingw­ane yalona wesifazane ukuze achaze ngokwenzek­a.

Ube usuthembis­a nokuxhuman­a nesikhungo ayelashwa kusona, kulandelel­we efayelini yakhe ukubheka uhlelo olwaluqhut­shwa mhla elashwa.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa