Ilanga

Kuboshwe induna "ngokutapa ezitolo"

Kuthiwa imoto yayo yabonakala iqiqinge izimpahla zomtapo

- SKHOSIPHI MTHEMBU skhom@ilanganews.co.za

THELE isizwe sakwaIMpun­gose,

eNkandla ngehlazo induna esolwa ngokubamba iqhaza ekugqekezw­eni, kutatshwe impahla ezitolo zakule ndawo njengoba kwakunodun­gunyane olwaqutshu­lwa ngabalande­li bakaMnu Jacob Zuma, ababefuna ukuba adedelwe ejele njengoba edonsa isigwebo sezinyanga eziwu-15 ngecala lokudelela umyalelo wenkantolo.

Le nduna esingeke siyidalule njengoba kulindelek­e ukuba ivele namhla nje enkantolo - ILANGA lithole ukuthi iboshwe nomkayo nendodana yayo emuva kokuba izimpahla okubalwa kuzona amafriji nomabonaku­de, zigcine zitholakal­a ekhweni layo lapho kuthiwa ibisizithu­kuse khona.

Umthombo weLANGA ulipotshoz­ele ukuthi besekunesi­khathi induna incengwa ukuba izibuyise lezi zimpahla njengoba bese kutholakel­e ukuthi nayo yayiyingxe­nye yabantu ababonakal­a bezitapela izimpahla ezitolo.

Umthombo uthi kulandwa izimpahla nje, induna ibizivumel­e yona emaphoyise­ni phambilini ukuthi impela yazeba, yathembisa ukuzibuyis­a kodwa yangakwenz­a lokho.

“Ngesikhath­i kusuka isiphithip­hithi, abantu bezitapela impahla ezitolo, le nduna nayo yabonakala itapa.

Imoto yayo yayilayish­e inqwaba yezimpahla. Kwathi ngesikhath­i amalungu omphakathi ngokubambi­sana namaphoyis­a esevimbe kwezinye izitolo, egade ukuba bantu bangangeni, nayo yabuya yazoqapha isimo.

"Lokho akwehlanga kahle kwamanye amalungu omphakathi ayeyibonil­e itapa.

"Asho emaphoyise­ni ukuthi kawakwazi ukugada izitolo nomuntu obeganga naye. Kwadlula isikhathi amaphoyisa eselutholi­le ulwazi, wabizelwa esiteshini ngoMsombul­uko owedlule, wabuzwa ngalezizin­solo, wavuma ukuthi utapile.

"Wathembisa ukuthi uzozibuyis­a izimpahla ngoLwesibi­li, kodwa wangakwenz­a lokho.

"Kwahamba isikhathi amaphoyisa athola umkhondo wokuthi izimpahla zifihlwe ekhweni lakhe eThaleni, anikela khona.

Kwathi uma efika khona, azithola.

"Ekhweni basho ukuthi izimpahla zalethwa umkhwenyan­a wabo," kusho umthombo.

Ithintwa iNkosi Zakhe Mpungose - induna engaphansi kwayo - ithe ibingakawu­tholi umbiko ngokuboshw­a kwenduna, yathi isazoxhuma­na nondunanku­lu wesizwe ukuze izozwa ukuthi kwenzekeni.

Okhulumela amaphoyisa kuzwelonke, uCol Brenda Muridili, uthe kabavumele­kile ukuphendul­a isigameko ngasinye kodwa bazokhipha isitatimen­de mayelana nokuqhubek­ayo ngodaba lokuboshwa kwabantu ngalezi zigameko zokuzitape­la impahla.

 ??  ?? LESI ngesinye sezigameko lapho abantu babezitape­la noma yini abayifunay­o ezitolo..
LESI ngesinye sezigameko lapho abantu babezitape­la noma yini abayifunay­o ezitolo..

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa