Kuboshwe induna "ngokutapa ezitolo"
Kuthiwa imoto yayo yabonakala iqiqinge izimpahla zomtapo
THELE isizwe sakwaIMpungose,
eNkandla ngehlazo induna esolwa ngokubamba iqhaza ekugqekezweni, kutatshwe impahla ezitolo zakule ndawo njengoba kwakunodungunyane olwaqutshulwa ngabalandeli bakaMnu Jacob Zuma, ababefuna ukuba adedelwe ejele njengoba edonsa isigwebo sezinyanga eziwu-15 ngecala lokudelela umyalelo wenkantolo.
Le nduna esingeke siyidalule njengoba kulindeleke ukuba ivele namhla nje enkantolo - ILANGA lithole ukuthi iboshwe nomkayo nendodana yayo emuva kokuba izimpahla okubalwa kuzona amafriji nomabonakude, zigcine zitholakala ekhweni layo lapho kuthiwa ibisizithukuse khona.
Umthombo weLANGA ulipotshozele ukuthi besekunesikhathi induna incengwa ukuba izibuyise lezi zimpahla njengoba bese kutholakele ukuthi nayo yayiyingxenye yabantu ababonakala bezitapela izimpahla ezitolo.
Umthombo uthi kulandwa izimpahla nje, induna ibizivumele yona emaphoyiseni phambilini ukuthi impela yazeba, yathembisa ukuzibuyisa kodwa yangakwenza lokho.
“Ngesikhathi kusuka isiphithiphithi, abantu bezitapela impahla ezitolo, le nduna nayo yabonakala itapa.
Imoto yayo yayilayishe inqwaba yezimpahla. Kwathi ngesikhathi amalungu omphakathi ngokubambisana namaphoyisa esevimbe kwezinye izitolo, egade ukuba bantu bangangeni, nayo yabuya yazoqapha isimo.
"Lokho akwehlanga kahle kwamanye amalungu omphakathi ayeyibonile itapa.
"Asho emaphoyiseni ukuthi kawakwazi ukugada izitolo nomuntu obeganga naye. Kwadlula isikhathi amaphoyisa eselutholile ulwazi, wabizelwa esiteshini ngoMsombuluko owedlule, wabuzwa ngalezizinsolo, wavuma ukuthi utapile.
"Wathembisa ukuthi uzozibuyisa izimpahla ngoLwesibili, kodwa wangakwenza lokho.
"Kwahamba isikhathi amaphoyisa athola umkhondo wokuthi izimpahla zifihlwe ekhweni lakhe eThaleni, anikela khona.
Kwathi uma efika khona, azithola.
"Ekhweni basho ukuthi izimpahla zalethwa umkhwenyana wabo," kusho umthombo.
Ithintwa iNkosi Zakhe Mpungose - induna engaphansi kwayo - ithe ibingakawutholi umbiko ngokuboshwa kwenduna, yathi isazoxhumana nondunankulu wesizwe ukuze izozwa ukuthi kwenzekeni.
Okhulumela amaphoyisa kuzwelonke, uCol Brenda Muridili, uthe kabavumelekile ukuphendula isigameko ngasinye kodwa bazokhipha isitatimende mayelana nokuqhubekayo ngodaba lokuboshwa kwabantu ngalezi zigameko zokuzitapela impahla.