USEKHIPHE I-ALBUM OWABATHANDWA
UQOME ukukhipha i-albhamu ngokuzimela umculi obeyilungu leqembu legospel, aBathandwa, elingaphansi kweNcwane Communications, ka-Ayanda Ncwane, athi uhlose ngayo ukukhuthaza abanezifiso ezithile empilweni ukuba baqhubeke baphokophelele phambili. USthandiwe Mpofana okhiphe i-albhamu yakhe yokuqala ethi, “Ungizwile Nami”, enezingoma eziwu-12, uthi ngayo ufisa ukwazisa abantu ukuthi umkhuleko unamandla uma ukhuleka ngokumethemba uNkulunkulu. “Ngikhule ngingenalo ikhaya, sasiphila ngokuquba emijondolo yangalapho umama ayesebenzela ngakho-na emakhishini. "Iphupho lami ngisakhula kwakuwukuthi nathi sibe nekhaya, okwathi uma ngiqeda iziqu zami kwiPublic Management, ngazama ngathola umsebenzi. Nangingamile emkhulekweni.
"Into yokuqala engayenza ngeholo lami, kwaba wukwakha ikhaya eMlazi. Ngokukhumbula indlela enzima engayihamba ngize ngibe lapho ngikhona, ngiqome ukukhipha le albhamu, ukugqugquzela ababhekene nezimo ezahlukene njengoba nami ngangibhekene nazo ngisakhula.
"Ngifisa ukubaqinisa idolo ngokuthi uma bekhuleka ngokwethemba uNkulunkulu, uzobezwa njengoba wangizwa nami,” kusho yena.
Uthi le albhamu uyikhiphe ngaphansi kwenkampani iMaguyaa kaMnu Mzwakhe Ncube, kanti izingoma eziwu11 zibhalwe nguyena, kwathi eyodwa kwaba wumhlabelelo nje owaziwayo.
“Ngikujabulele kakhulu ukusebenzisana noMnu Ncube ngoba umsebenzi wakhe uyawazi futhi ungumuntu owakholelwa kakhulu kimina kwasekuqaleni, yingakho kuthe uma sengifisa ukuzimela, ngabona kungcono ukuqopha ngaphansi kwenkampani yakhe,” kusho uSthandiwe.
Leli ciko likhipha le albhamu nje, livele seliqokwe emncintiswaneni wezindondo, iNgoma Awards, ozokuba mhla ka-18 kuNcwaba (August) nonyaka, eGoli.
Uthi ukuvota kulo mncintiswano kuyagcina mhla ka-9 kuNcwaba, kanti yena uqokwe emunxeni weBest Traditonal Gospel.
Abafuna ukumvotela bangathumela umqhafazo othi: Best Traditional Album : Sthandiwe Mpofana ku-40439.