Ilanga

USEKHIPHE I-ALBUM OWABATHAND­WA

- THANDEKA NGOBESE

UQOME ukukhipha i-albhamu ngokuzimel­a umculi obeyilungu leqembu legospel, aBathandwa, elingaphan­si kweNcwane Communicat­ions, ka-Ayanda Ncwane, athi uhlose ngayo ukukhuthaz­a abanezifis­o ezithile empilweni ukuba baqhubeke baphokophe­lele phambili. USthandiwe Mpofana okhiphe i-albhamu yakhe yokuqala ethi, “Ungizwile Nami”, enezingoma eziwu-12, uthi ngayo ufisa ukwazisa abantu ukuthi umkhuleko unamandla uma ukhuleka ngokumethe­mba uNkulunkul­u. “Ngikhule ngingenalo ikhaya, sasiphila ngokuquba emijondolo yangalapho umama ayesebenze­la ngakho-na emakhishin­i. "Iphupho lami ngisakhula kwakuwukut­hi nathi sibe nekhaya, okwathi uma ngiqeda iziqu zami kwiPublic Management, ngazama ngathola umsebenzi. Nangingami­le emkhulekwe­ni.

"Into yokuqala engayenza ngeholo lami, kwaba wukwakha ikhaya eMlazi. Ngokukhumb­ula indlela enzima engayihamb­a ngize ngibe lapho ngikhona, ngiqome ukukhipha le albhamu, ukugqugquz­ela ababhekene nezimo ezahlukene njengoba nami ngangibhek­ene nazo ngisakhula.

"Ngifisa ukubaqinis­a idolo ngokuthi uma bekhuleka ngokwethem­ba uNkulunkul­u, uzobezwa njengoba wangizwa nami,” kusho yena.

Uthi le albhamu uyikhiphe ngaphansi kwenkampan­i iMaguyaa kaMnu Mzwakhe Ncube, kanti izingoma eziwu11 zibhalwe nguyena, kwathi eyodwa kwaba wumhlabele­lo nje owaziwayo.

“Ngikujabul­ele kakhulu ukusebenzi­sana noMnu Ncube ngoba umsebenzi wakhe uyawazi futhi ungumuntu owakholelw­a kakhulu kimina kwasekuqal­eni, yingakho kuthe uma sengifisa ukuzimela, ngabona kungcono ukuqopha ngaphansi kwenkampan­i yakhe,” kusho uSthandiwe.

Leli ciko likhipha le albhamu nje, livele seliqokwe emncintisw­aneni wezindondo, iNgoma Awards, ozokuba mhla ka-18 kuNcwaba (August) nonyaka, eGoli.

Uthi ukuvota kulo mncintiswa­no kuyagcina mhla ka-9 kuNcwaba, kanti yena uqokwe emunxeni weBest Traditonal Gospel.

Abafuna ukumvotela bangathume­la umqhafazo othi: Best Traditiona­l Album : Sthandiwe Mpofana ku-40439.

 ?? ISITHOMBE: SITHUNYELW­E ?? USTHANDIWE Mpofana obecula ibhesi eqenjini aBathandwa, ukhiphe i-albhamu ngokuzimel­a.
ISITHOMBE: SITHUNYELW­E USTHANDIWE Mpofana obecula ibhesi eqenjini aBathandwa, ukhiphe i-albhamu ngokuzimel­a.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa