Onebhizinisi lezinkwa usephakela izitolo
Ukhuthaza intsha ukuba igxume ihlale uma ibona amathuba ezomnotho
USIZI olubhekene neNingizimu Afrika - ikakhulukazi iKwaZulu-Natal neGauteng - ngenxa yezigemegeme ezaqubuka emuva kokuba uMnu Jacob Zuma wazinikela ejele mhla ka-12 kuNtulikazi (July), kutatshwa ukudla ezitolo, ezinye zishiswa, luphenduke isibusiso kusomabhizinisi waseMazimtoti njengoba ibhizinisi lakhe lithole amakhasimende amaningi.
Kuzokhumbuleka ukuthi emuva kokuzinikela kukaMnu Zuma, kwaqubuka udungunyane olwagcina ludlula nemiphefumulo elinganiselwa ku-300, kwaqubuka nentuthu yobuhlanga ePhoenix ngenxa yokubulawa kwabantu.
UNkk Hle Shandu (39), ongumnikazi weGemisquare Cakes, onebhikawozi lokubhaka izinkwa eKingsburgh, eManzimtoti, uthi ngesikhathi kunemibhikisho, ubethola amakhasimende amaningi abefuna izinkwa njengoba beziyindlala ngalesi sikhathi.
Lo somabhizinisi othi waqala ngamakhekhe emishado, ama-cup cake, ama-scones nama-queen cake, uthi wafaka izinkwa ebhizinisini lakhe elineminyaka ewu-5, ngoba ebona ziyinto edingwa ngabantu nsukuzonke, kungafani namakhekhe avame ukuthengwa ngezimpelasonto kuphela.
Uthi amakhasimende amaningi asenawo manje, uwathole ngesikhathi kunendlala yezinkwa, agcina esehlala kuyena noma sezivuliwe ezinye izitolo.
Udilivela amakhasimende akhe amathathu anama-tuck shop eMlazi nawu-3 aseMaoti, eNanda. Uthi akhona namanye amakhasimende athenga izinkwa ngoba efuna ukwenza eminye imikhiqizo nalawo afuna ukuzidayisela nje, othiuyawanika ithuba lokuthenga isitokwe sezinkwa eziwu-50 ngesaphulelo ukuze nawo enze inzuzo. “Isinkwa sami sibiza u-R10 sisinye, kodwa uma ikhasimende lithenga isitokwe, siba wu-R8.50c.
"Emahoreni awu-12 ngibhaka izinkwa eziwu-648 ezidayiswa ziphele ngosuku.
"Ngacela uxhaso enkampanini exhasa amabhizinisi amancane, iHollywood Bets, ngenhlanhla ngaluthola.
Kumanje bamatasa bangixhumela imishini ekhipha izinkwa eziwu-1 000 emahoreni awu-24.
Lokhu kusho ukuthi umkhiqizo wami usuzokwanelisa wonke amakhasimende ami ngoba bengiyaye ngivale ebhikawozi uma sezithengwe zonke izinkwa zosuku, ukuze ngingalokhu ngitshela amakhasimende ami ukuthi kazisekho uma efika ezifuna.
"Abantu besebazi ukuthi ibhikawozi ivulwa ekuseni, kuthi kushaya u-12h00 isivaliwe, ngoba bekushaya lesi sikhathi kungasekho ngisho isinkwa esisodwa.
"Ukufika kwale mishini kuzosikhulisa kakhulu,” kusho uNkk Shandu.
Uthi iGemisquare inezisebenzi ezintathu ezisebenza ngokugcwele.
Njengoba ibhizinisi selizokhula, ukholwa wukuthi nesibalo sezisebenzi zakhe sizokhula. Ugqugquzele intsha ngokuthi uma ifuna ukungena kwezamabhizinisi, mayingalindi ukuthi ize nezigidi zamarandi ukuze iqale - kodwa kumele iqale ngalokhu okuncane enakho. “Okunye okumele ikuqaphele (intsha), wukuthi uma ifikelwa wumqondo webhizinisi elithile, kumele igxume ihlale kulona emuva kokwenza ucwaningo lokuthi lingenzeka, ngoba uma ichitha iminyaka icabanga, isaba ukuqala, lokho kuzoyenza igcine isaba unomphela.
"Mina ngazifundisa ukuthi into ngiyizame ngihluleke ukunokwesaba ukuzama,” kusho yena.
UNkk Shandu akamusha kwezokubhaka njengoba eke wasebenza enkampanini ebiyenza amaChoice Assorted, uneziqu ze-Operations Management azenza eDurban University of Technology.