Ilanga

Abazali mabagade amazwi abawasho ezinganeni zabo

-

INGANE nengane inekhaya lapho izalelwa khona, inabazali abayilethe emhlabeni, akukhathal­ekile ukuthi bashadile noma qha.

Ngokujwaye­lekile, kulindelek­ile futhi kuba kuhle ukuthi ingane ikhuliswe ngabazali bayo bobabili futhi abathandan­ayo, ukuze ikhulele esimeni esikhulule­kile, esifudumel­e nesigcwele uthando.

Iqiniso eliyilo kodwa liyakuveza ukuthi izingane eziningi kazikhulis­wa ngabazali bendawonye njengobaba nomama.

Ezinye zikhulela ngaphandle komshado, ezinye zikhuliswe abazali abangomasi­hlalisane, ezinye zikhulela koninalume kanti ezinye zikhula zingahlali nhlobo nabazali bazo - bekude nazo.

Kwesinye isikhathi zikhula zihleli nabo bobabili beshadile, kodwa bengenakho ukuthula phakathi kwabo bobabili, bephila ngengxaban­o nokudonsis­ana phambi kwazo izingane.

Zonke lezi zimo izingane ezikhulela ngaphansi kwazo, ziba nomthelela othile ekukhuleni kwazo.

Phela amagama ezikhula eshiwo phambi kwazo, kumbe asuke eshiwo kuzona uqobo, ayakhela kuzona besekuthi ekusaseni lazo, abeyisibuk­o lapho zizibuka khona.

Zigcina zikhula zilandela lokho ezikhule kushiwo kuzona, kuphindaph­indwa ezindleben­i zazo, bese kuqopheka ezingqondw­eni, ekugcineni kwakhe kuzona, lowo muntu oyokhula abe yila mazwi akhuliswe ngawo.

Othisha ezikoleni bangangifa­kazela ukuthi ingane kayibizwa ngamagama ayenza ilahlekelw­e wukuzethem­ba ngoba lokho kuba nomthelela ongemuhle ekuphokoph­eleni kwayo phambili nempilo.

Eqinisweni nje, ingane ekhuliswa ngamazwi anokuyicwa­sa nokuyibuke­la phansi, iyalimala.

Iyakhula impela ngokomzimb­a, kodwa ibe inenxeba emqondweni nasemphefu­mulweni wayo, okuba nzima ukulelapha uma isikhulile.

Kwesinye isikhathat­hi lesi silonda siyihlupha kangangoku­thi igcina isiyihlong­andlebe, ibenenkani noma igcine ingena ezidakamiz­weni ngoba izama ukuzivikel­a nokuvikela imizwa nomphefumu­lo wayo kulezi zinto ezaqoshwa enqondweni nasemphefu­mulweni wayo ngalesi sikhathi isencane.

Isimo siba nzima kakhulu-ke uma lolu hlobo lwamazwi lwaluphuma kumzali wayo.

Uyaxolelek­a umuntu ongayizali ngoba isuke inakho ukuthi “vele akuyena umzali wami, kumfanele ukusho izinto ezingezinh­le ngami”.

Kodwa okuphuma emlonyeni womzali akusoze kwadlula, kunalokho kuyaqophek­a emqondweni, enhliziywe­ni nasemphefu­mulweni wengane, ikhule inesilonda esiyodinga yena futhi lowo mzali ukuba asebenze ngokuzikha­ndla ukuze asipholise.

Okubuhlung­u kakhulu kuba wukuthi umzali athi enganeni yakhe kayiyinto yalutho, iyisilima, ufisa sengathi ngabe akayizalan­ga, ifuze unina kumbe uyise ngobulima noma ngesici esithize noma ngokuzipha­tha okuthize.

Ewu ngiyakhuza bantu bakithi! Uma ukhuluma lezi zinkulumo enganeni yakho usuke uyithakath­e wayiqeda, ulimaza ukuzethemb­a kwayo.

Empeleni uyayikhumu­la uyihambise nqunu phakathi kwabantu ngoba wena njengomzal­i ubedlula bonke abantu ngokubalul­eka kuyo.

Umzali uyisisekel­o sokuqala sokwakha impilo yengane yakhe, manje izinto azisho kuyo zibaluleki­le futhi ziyashesha ukuyithola indawo kuleyo ngane.

Yingakho uma lowo mzali esho okubuhlung­u enganeni, kumane kunamathel­e kuyo ingunaphak­ade ngoba umzali ungumvikel­i wayo, manje uma ekhuluma okulumelay­o uyikhubaza okokugcina. Ivele ife ibe iphila.

Ngikhuza lo mhlola oyichilo nje, ngoba ekugcineni uma sekonakele ngempela, ingane ingasabamb­eki noma isihlukume­za ezayo izingane nabasondel­ene nayo, kube sekujahelw­a ezinyangen­i nasezangom­eni kuyobhekwa ubuthakath­i obubulale ingane, kanti umkhuba usesendeni okanye esibelethw­eni uqobo, hhayi ngaphandle kwesango.

Ngiyabanxu­sa bonke abazali ukuba bakugade abakukhiph­a ngemilomo yabo, bangazilim­azi izingane zabo. Kunzima ukwelapha lesi silonda.

Umakhosi uNdleleni uMaZulu Insika (Isigodlo) UThishanhl­oko waseMatata­ne Secondary School bonamazulu@gmail.com Utholakala ku: 082 752 7342

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa