Sizenze izilwane ngokushisa izitolo
MHLELI: Indaba yodlame nomonakalo osudaleke ePhoenix udinga ukulungiswa ngokukhulu ukushesha.
Empeleni yithina esiwudalile, wukuthi yingoba iqiniso liyababa. Sethuse abantu sizenza izilwane sigijima nezinto zabantu singazikhokhele, sishisa nezitolo, sacekela phansi nezikole.
Ngokubona kwami, kayikaze vele yanambithisisana phakathi kwethu nabomdabu waseNdiya, ngakho izigi ezikhala emuva kwabo ziyabethusa, engikholwa wukuthi nakithi kungaba njalo.
Kodwa nje iqiniso limile, le nto ngabe kayikho ukuba kasizenzanga izinhlanya sathatha izinto zabantu ngokungemvu-me, saphinda sashisa namanye amabhizinisi. Ngikhuluma nje inkampani yabangcwabi iCebolethu ibalisa ngamagatsha ayo onakalisiwe angaphezu kuka-20 engase iwavale amanye.
Ubani njalo? Yithi. Uma kunje sekufuneka abantu abazoma baqine ngqi ohlangothini lwabo abomdabu waseNdiya nangasohlangothini lwethu, sibhule lo mlilo ngokuhlanganyela, olimaza omunye, aphoswe ejele nje kwaphela.
Bese nathi sizifundisa ukuziphatha, siyeke ukuzidumisa kabi ngokuthi njalo izinkinga zilungiswa ngodlame netoyitoyi enokubulala izinto.
Naba nje bona abomdabu waseNdiya, banamabhasi namatekisi ahambela lonke iTheku, kodwa kangikaze ngizwe kuthiwa acathamelana ngenhlamvu kulimale nabagibeli njengakithi.
Yithi-ke sisonke esizoma nhlangothi zonke sibhu-le umlilo oqubuke ePhoenix ungakapakeli kwezinye izindawo.
Singaqhosha nje sisho esikushoyo, kodwa iqiniso lithi impi kayakhi, kodwa iyabulala - uma kungabulawa abathathu ngale, kube yishumi ngale.
Iqiniso lithi akunamuntu okufanele afe, thina nje, masihlalisane kahle ezweni esiliphiwe nguMdali umhlaba ungasihlabi kube kuyithi esiwuchwenselayo.
Sibusiso Madoda Hadebe ENhlapho, eKatlehong