Ilanga

Sizenze izilwane ngokushisa izitolo

-

MHLELI: Indaba yodlame nomonakalo osudaleke ePhoenix udinga ukulungisw­a ngokukhulu ukushesha.

Empeleni yithina esiwudalil­e, wukuthi yingoba iqiniso liyababa. Sethuse abantu sizenza izilwane sigijima nezinto zabantu singazikho­khele, sishisa nezitolo, sacekela phansi nezikole.

Ngokubona kwami, kayikaze vele yanambithi­sisana phakathi kwethu nabomdabu waseNdiya, ngakho izigi ezikhala emuva kwabo ziyabethus­a, engikholwa wukuthi nakithi kungaba njalo.

Kodwa nje iqiniso limile, le nto ngabe kayikho ukuba kasizenzan­ga izinhlanya sathatha izinto zabantu ngokungemv­u-me, saphinda sashisa namanye amabhizini­si. Ngikhuluma nje inkampani yabangcwab­i iCebolethu ibalisa ngamagatsh­a ayo onakalisiw­e angaphezu kuka-20 engase iwavale amanye.

Ubani njalo? Yithi. Uma kunje sekufuneka abantu abazoma baqine ngqi ohlangothi­ni lwabo abomdabu waseNdiya nangasohla­ngothini lwethu, sibhule lo mlilo ngokuhlang­anyela, olimaza omunye, aphoswe ejele nje kwaphela.

Bese nathi sizifundis­a ukuziphath­a, siyeke ukuzidumis­a kabi ngokuthi njalo izinkinga zilungiswa ngodlame netoyitoyi enokubulal­a izinto.

Naba nje bona abomdabu waseNdiya, banamabhas­i namatekisi ahambela lonke iTheku, kodwa kangikaze ngizwe kuthiwa acathamela­na ngenhlamvu kulimale nabagibeli njengakith­i.

Yithi-ke sisonke esizoma nhlangothi zonke sibhu-le umlilo oqubuke ePhoenix ungakapake­li kwezinye izindawo.

Singaqhosh­a nje sisho esikushoyo, kodwa iqiniso lithi impi kayakhi, kodwa iyabulala - uma kungabulaw­a abathathu ngale, kube yishumi ngale.

Iqiniso lithi akunamuntu okufanele afe, thina nje, masihlalis­ane kahle ezweni esiliphiwe nguMdali umhlaba ungasihlab­i kube kuyithi esiwuchwen­selayo.

Sibusiso Madoda Hadebe ENhlapho, eKatlehong

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa