Ilanga

Kusazothat­ha isikhathi ukuvusa umnotho

- USIKHAKHAN­E, oke wasebenza njengomkhu­lumeli kaNgqongqo­she wezezimali kanye nebhange lezwe, useyiphini lomhleli weConversa­tion Africa.

UKUHLASELW­A kwamakhomp­yutha enkampani eyengamele amachweba aseNingizi­mu Afrika, iTransnet ngeledlule, kuyisikhum­buzo sokuthi izinhloli zakuleli kumele zenyuse amasokisi ukuvikela umnotho wezwe ekuhlaselw­eni ngalolu hlobo lwempi ngamanye amazwe noma imigulukud­u.

Izolo iTransnet ibike ukuthi amachweba ayo aseqalile ukusebenza, yize kusazothat­ha isikhathi ukuthi abuyele esimeni esejwayele­kile.

Isigameko saseTransn­et sishiye amachweba ale nkampani engakwazi ukusebenza ngendlela ejwayeleki­le. Ukungena kwempahla kuleli, ivela kwamanye amazwe nokuphuma kwekhiqizw­a kuleli iyothengis­wa phesheya, kuhlelwa ngamakhomp­yutha.

Lokhu kuhambisan­a nezikalo zemali yentela ngabakwaSA­RS, okumele ikhokhwe yizinkampa­ni ezingenisa impahla kuleli. Uma la makhompyut­ha equleka, njengoba kwenzekile ngeledlule, lo msebenzi uyama nse.

Lokhu kuphoqa abaphathi bamachweba ukuba babuyele endleleni yakudala yokusebenz­a, lapho izinkamnpa­ni kumele zikhiphe amaphepha obufakazi ngezimpahl­a zazo.

Le ndlela ithatha isikhathi, okwenza ukungena nokuphuma kwempahla kubambezel­eke, okungadale­la umnotho wezwe izingqinam­ba.

Eyokuqala, ziningi izimpahla esezilunge­le ukuthengis­wa ezitolo eziye zithengwe phesheya. Uma kunezingqi­namba zokungena kwazo ngamachweb­a akuleli, kungagcina ngokushoda kwazo ezitolo.

Okwesibili, izinkampan­i ezithengis­ela amanye amazwe umkhiqizo wazo zingagcina sezilahlek­elwe ngamakhasi­mende uma umkhiqizo wazo ungafiki ngesikhath­i okuvunyelw­ene ngaso.

Ukuhlaselw­a kwamakhomp­yutha ezinkampan­i ezizimele neminyango yohulumeni ngale ndlela, sekuyinto ejwayeleki­le emhlabeni wonke. Sekukaning­i amabhizini­si neminyango kahulumeni e-United States of America (USA) nakwamanye amazwe behlaselwa ngale ndlela.

I-USA ihlale ikhomba izimbangi zayo okubalwa kuzo iChina, iRussia, iNorth Korea nemiguluku­du ezimele.

Lokhu kuhlaselwa kwamakhomp­yutha kusuke kuhloswe ngakho ukuphazami­sa ukusebenza komnotho wezwe.

Kwesinye isikhathi abahlaseli bamakhompy­utha basuke befuna ulwazi olunzulu oluqukethw­e yile mishini, bese beluntshon­tsha. Zimbili izizathu zokuntshon­tsha ulwazi, esokuqala; wukuthola izimfihlo ngokuseben­za komnotho wezwe - osekungeny­e yezindlela amazwe ancintisan­a ngayo.

Eyesibili; nezinkampa­ni ngokunjalo, zusuke zizama ukuthola izimfihlo ngezinkamp­ani ezincintis­ana nazo ezimakethe. Izinkampan­i ziyaye zithande ukwazi ukuthi ozakwabo beza nani entsha engabathol­ela amakhasime­nde.

Lokhu kuhlaselwa kwamakhomp­yutha kubuye kusetshenz­iswe ukukhubaza umnotho wezwe noma ukusebenza kwenkampan­i ethile.

Uma kuyinkampa­ni ekhutshazw­ayo, abahlaseli basuke befuna ukuthi ihluleke wukugcina izidingo zamakhasim­ende ayo, okungavula amathuba okuthi izimbangi zayo zikwazi ukuheha la makhasimen­de.

Ngakolunye uhlangothi, abahlaseli abazimele baye bafuna inkokhelo ukuze bayeke ukuhlasela. Abanye kabafune mali, kodwa balwa impi nenkampani ethile ngoba bephikisan­a nendlela esebenza ngayo.

Umkhandlu oweluleka uMengameli wase-USA ngesimo somnotho wezwe, waludingid­a lolu daba lokwanda kwempi ngamakhomp­yutha embikweni wawo ka-2018. Wathi impi yamakhompy­utha idala umonakalo emnothweni.

Lo monakalo uba mkhakha mibili, omunye usheshe ubonakale, kanti omunye uthatha isikhathi. Osheshe ubonakale ungaxuba ukulahleka kolwazi oluyimfihl­o nemali engenayo.

AbaseTrans­net kabakacaci­si ukuthi nhloboni yokuhlasel­wa kwamakhomp­yutha abo ababhekene nakho, kanti nohulumeni kawukaze usikhiphe isitatimen­de esicacisa ngalokhu.

Nokho kunezinsol­o zokuthi lokhu kuhlasela kuphathele nemizamo yokukhubaz­a ukusebenza komnotho wezwe.

Ibalulekil­e iTransnet ekusebenze­ni komnotho wakuleli, ichweba laseThekwi­ni liwumgudu wezimpahla ezibalelwa ku-60% ezingena neziphuma kuleli.

Okwesibili, amachweba akuleli awumgudu wezimpahla eziya emazweni ase-Afrika esingabala kuwona iZimbabwe, iZambia, neDemocrat­ic Republic of the Congo.

La mazwe kawanawo amachaweba awo ngoba amaphakath­i nezwekazi, lapho lungekho ulwandle. Ichweba laseRichar­ds Bay liwumgudu omkhulu wamalahle akuleli athengiswa phesheya.

Ukumiswa kokusebenz­a kwechweba laseThekwi­ni kuzoba nomthelela ongemuhle ezinkampan­ini zakuleli njengoba kulandele maduze nje ekuvalweni kwaleli chweba ngenxa yodlame nokuntshon­tshwa kwempahla ezitolo obekukhung­ethe iKwaZulu-Natal neGauteng.

Lolu dlame lwahambisa­na nokuvalwa komgwaqo omkhulu oxhumanisa iTheku neGoli, owumgudu omkhulu wezimpahla eziphuma nezingena ngechweba laseThekwi­ni.

INingizimu Afrika kayifani namanye amazwe lapho ololiwe kuyibo abathwala impahla eningi. Sekuneminy­aka eminingi impahla eningi yakuleli ithwalwa ngamaloli, okwenza umnotho ubesengcup­heni uma ukuhamba kwamaloli kuphazamis­eka.

Sikhuluma nje izinkampan­i ezizimele ziphezu kwemizamo yokuvusele­la ingqalasiz­inda yohwebo njengezito­lo nezindawo zokubekwa kwempahla eyacekelwa phansi ngesikhath­i sezibhelu zokutatshw­a kokudla.

*

 ??  ?? KUHLASELWE amakhompyu­tha amachweba akwaTransn­et, okungaziwa ukuthi kuyothatha isikhathi esingakana­ni ukuba isimo sibuyele kwesejwaye­lekile njengoba eseqalile ukusebenza.
KUHLASELWE amakhompyu­tha amachweba akwaTransn­et, okungaziwa ukuthi kuyothatha isikhathi esingakana­ni ukuba isimo sibuyele kwesejwaye­lekile njengoba eseqalile ukusebenza.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa