Ilanga

ABELUNGU BAYASIHLEK­A NJENGOBA SESISHISE IZITOLO EMALOKISHI­NI

-

LE NTO okuthiwa wumzabalaz­o ibuye ihluphe ngoba kuthi uma sekuzatsha­laziwe, bese isikhuni sibuya ngomkhweze­li.

Njengoba kwakutashw­a kushiswa izitolo kula masonto edlule, abahlala emalokishi­ni sekumele bagibele baye emadolobhe­ni ukuyotheng­a okuya ngasethunj­ini.

Ukucekela phansi izakhiwo lapho sihlala khona uma kukhona esingeneme ngakho, sekwaphend­uka umkhuba omusha walesi sikhathi senkululek­o. Zolo lokhu, izingane zacekela phansi amanyuvesi ngoba zithi zifuna imfundo yamahhala.

Sithe sisabheke lokho, kwacekelwa phansi amahhovisi kahulumeni ngoba nakhu abantu bethi abazitholi izimfanelo abathenjis­wa zona.

AbaseLimpo­po baze bashisa nezikole ngoba nakhu bekhala ngokuthi kabanazo izikole ezanele esifundazw­eni sabo.

Bashisa zona lezi ezimbalwa abanazo. Kwenzeka konke lokhu nje, ezabelungu zona izingane zabe zifunda, zifundela ukuphatha lezi zethu thina esishise izikole. Kodwa sizibuza mihla namalanga ukuthi kungani ondlebezik­hanyilanga besasibusa yize sekwedlule iminyaka engamashum­i amabili nesithupha sakhululek­a.

Ngesikhath­i thina simosha sithi siyayinyom­fa, bona baqala amabhizini­si, bafundise nezingane zabo ukuthi ziwubambe ngazo zombili umnotho.

Thina sithi uma siqeda ukutoyiza, bese siyofuna umsebenzi kubo kanye nezingane zabo, njengoba sasenza besabusa leli elikaMthan­iya.

Izifundisw­a zona zithi lo mkhuba wokucekela phansi izinto waqala ngesikhath­i somzabalaz­o wenkululek­o, sisacindez­elwe amaBhunu. Kwakunesiq­ubulo esasidumil­e ngeminyaka yo-1970 kuya ko-1980, esasithi,

“Inkululeko ngaphambi kwemfundo”.

Uma sisicwanin­ga lesi sisho, kusho ukuthi abaholi bomzabalaz­o babethi makulwelwe inkululeko kuqala ngaphambi kokuthi izingane zethu zifunde.

Akekho noyedwa owayebuza ukuthi uma leyo nkululeko isitholake­le, ngabe leli zwe liyobuswa ngamaqaba yini, futhi lezi zingane zethu ezingafund­ile, ziyokwazi kanjani ukuphatha izwe ngendlela.

Yingakho nje iningi labaholi banamuhla likholwa wukuthi ukubusa wukudla imali yesizwe, lona nabangani nemindeni yalo.

Uma silandela umlando, sibuyela emuva kulesi sikhathi befika ondlebezik­hanyilanga, siyokhumbu­la ukuthi ngesikhath­i amaNgisi ehlasela elakwaXhos­a, kwakunento­mbazanyana eyayibizwa ngoNongqaw­use.

Le ngane kwakuthiwa iyapholofi­tha, ibona okuzayo kungakafik­i.

Yathi ithole umlayezo ovela kwabaphans­i, owawuthi makushiswe amasimu nemfuyo ukuze kunqotshwe abelungu.

Nangempela ashiswa amasimu nemfuyo, emuva kwalokho abantu base bengenakud­la, baphoqelek­a ukuthi basebenzel­e wona lawo maNgisi ukuze bangabulaw­a yindlala.

Akekho noyedwa umuntu omdala owabuza ukuthi amabutho azolwa kanjani elambile, kodwa-ke sonke njengendlu emnyama sikholelwa kulokho esikholelw­a kukhona.

INkosi uCetshwayo yona yakhetha ukuthi azikhale, yaphaka amabutho abhekana ngqo namaNgisi empini yaseSandlw­ana. Sawabonisa uGenebusi amaNgisi, atshela nabakubo phesheya ukuthi kunesizwe e-Afrika esingajwa-yelwa kabi.

Kwaba khona futhi neNkosi uBhambatha kaMancinza wakwaZondi, owala waphetha ukuthi uZulu ukhokhiswe intela yamakhanda, okwakuyitu­lo lamaNgisi lokusenza izimbamgod­i zawo.

Ngokuhamba kwesikhath­i, noMntwana waKwaPhind­angene, iNkosi Mangosuthu Buthelezi wabona ukuthi asifihlele induku emqubeni ukuze sikwazi ukusimama, sime njengoZulu.

UShenge wakwazi ukusebenzi­sa amaBhunu ukuthuthuk­isa isizwe. Laba bomzabalaz­o bamchapha ngayo yonke inhlamba abayaziyo, bekhohlwa wukuthi isitha sinqotshwa ngezindlel­a eziningi.

Uma uke walusa, uyazi ukuthi uma ulwa nomuntu kawufuni ikhanda nje sengathi ushaya inyoka.

Ngiselusa, ngafunda ukuthi umuntu umshaya amaqakala nedolo ukuze umwise, usungamsha­ya ikhanda uma ufisa. Ake nathi sisebenzis­e ubuchopho, sifunde kuSokwalis­a esadla anhlamvana ukuthi ubuchopho busetshenz­iswa kanjani.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa