ABELUNGU BAYASIHLEKA NJENGOBA SESISHISE IZITOLO EMALOKISHINI
LE NTO okuthiwa wumzabalazo ibuye ihluphe ngoba kuthi uma sekuzatshalaziwe, bese isikhuni sibuya ngomkhwezeli.
Njengoba kwakutashwa kushiswa izitolo kula masonto edlule, abahlala emalokishini sekumele bagibele baye emadolobheni ukuyothenga okuya ngasethunjini.
Ukucekela phansi izakhiwo lapho sihlala khona uma kukhona esingeneme ngakho, sekwaphenduka umkhuba omusha walesi sikhathi senkululeko. Zolo lokhu, izingane zacekela phansi amanyuvesi ngoba zithi zifuna imfundo yamahhala.
Sithe sisabheke lokho, kwacekelwa phansi amahhovisi kahulumeni ngoba nakhu abantu bethi abazitholi izimfanelo abathenjiswa zona.
AbaseLimpopo baze bashisa nezikole ngoba nakhu bekhala ngokuthi kabanazo izikole ezanele esifundazweni sabo.
Bashisa zona lezi ezimbalwa abanazo. Kwenzeka konke lokhu nje, ezabelungu zona izingane zabe zifunda, zifundela ukuphatha lezi zethu thina esishise izikole. Kodwa sizibuza mihla namalanga ukuthi kungani ondlebezikhanyilanga besasibusa yize sekwedlule iminyaka engamashumi amabili nesithupha sakhululeka.
Ngesikhathi thina simosha sithi siyayinyomfa, bona baqala amabhizinisi, bafundise nezingane zabo ukuthi ziwubambe ngazo zombili umnotho.
Thina sithi uma siqeda ukutoyiza, bese siyofuna umsebenzi kubo kanye nezingane zabo, njengoba sasenza besabusa leli elikaMthaniya.
Izifundiswa zona zithi lo mkhuba wokucekela phansi izinto waqala ngesikhathi somzabalazo wenkululeko, sisacindezelwe amaBhunu. Kwakunesiqubulo esasidumile ngeminyaka yo-1970 kuya ko-1980, esasithi,
“Inkululeko ngaphambi kwemfundo”.
Uma sisicwaninga lesi sisho, kusho ukuthi abaholi bomzabalazo babethi makulwelwe inkululeko kuqala ngaphambi kokuthi izingane zethu zifunde.
Akekho noyedwa owayebuza ukuthi uma leyo nkululeko isitholakele, ngabe leli zwe liyobuswa ngamaqaba yini, futhi lezi zingane zethu ezingafundile, ziyokwazi kanjani ukuphatha izwe ngendlela.
Yingakho nje iningi labaholi banamuhla likholwa wukuthi ukubusa wukudla imali yesizwe, lona nabangani nemindeni yalo.
Uma silandela umlando, sibuyela emuva kulesi sikhathi befika ondlebezikhanyilanga, siyokhumbula ukuthi ngesikhathi amaNgisi ehlasela elakwaXhosa, kwakunentombazanyana eyayibizwa ngoNongqawuse.
Le ngane kwakuthiwa iyapholofitha, ibona okuzayo kungakafiki.
Yathi ithole umlayezo ovela kwabaphansi, owawuthi makushiswe amasimu nemfuyo ukuze kunqotshwe abelungu.
Nangempela ashiswa amasimu nemfuyo, emuva kwalokho abantu base bengenakudla, baphoqeleka ukuthi basebenzele wona lawo maNgisi ukuze bangabulawa yindlala.
Akekho noyedwa umuntu omdala owabuza ukuthi amabutho azolwa kanjani elambile, kodwa-ke sonke njengendlu emnyama sikholelwa kulokho esikholelwa kukhona.
INkosi uCetshwayo yona yakhetha ukuthi azikhale, yaphaka amabutho abhekana ngqo namaNgisi empini yaseSandlwana. Sawabonisa uGenebusi amaNgisi, atshela nabakubo phesheya ukuthi kunesizwe e-Afrika esingajwa-yelwa kabi.
Kwaba khona futhi neNkosi uBhambatha kaMancinza wakwaZondi, owala waphetha ukuthi uZulu ukhokhiswe intela yamakhanda, okwakuyitulo lamaNgisi lokusenza izimbamgodi zawo.
Ngokuhamba kwesikhathi, noMntwana waKwaPhindangene, iNkosi Mangosuthu Buthelezi wabona ukuthi asifihlele induku emqubeni ukuze sikwazi ukusimama, sime njengoZulu.
UShenge wakwazi ukusebenzisa amaBhunu ukuthuthukisa isizwe. Laba bomzabalazo bamchapha ngayo yonke inhlamba abayaziyo, bekhohlwa wukuthi isitha sinqotshwa ngezindlela eziningi.
Uma uke walusa, uyazi ukuthi uma ulwa nomuntu kawufuni ikhanda nje sengathi ushaya inyoka.
Ngiselusa, ngafunda ukuthi umuntu umshaya amaqakala nedolo ukuze umwise, usungamshaya ikhanda uma ufisa. Ake nathi sisebenzise ubuchopho, sifunde kuSokwalisa esadla anhlamvana ukuthi ubuchopho busetshenziswa kanjani.