Ilanga

Ukhathazek­ile ngabangafu­ni ukugoma

UZikalala unxusa izimeya, amakhosi, amakhansel­a nezinduna ukukhuthaz­a abantu bayogoma

- NONHLAKANI­PHO SHINGA nonhlakani­phos@ilanganews.co.za

UZWAKALISE ukukhathaz­eka ngabantu asebekhuli­le, abangafuni ukuyogomel­a iCoronavir­us, uNdunankul­u waKwaZulu-Natal, uMnu Sihle Zikalala, ogqugquzel­e izakhamizi zakulesi sifundazwe ukuba ziphume ziyogoma njengoba naye ebegoma ngoLwesibi­li ehholo lomphakath­i Inkosi Mzondeni, KwaMsane, eMtubatuba.

UMnu Zikalala oyinxusa lentuthuko eMkhanyaku­de - okuwumasip­ala omkhulu uMtubatuba ongaphansi kwawo - ubehambisa­na noNgqongqo­she wezeMpilo KwaZulu-Natal, uNkk Nomagugu Simelane-Zulu neMeya yaseMtubat­uba, uMnu Thobelani “Verus” Ncamphalal­a, nayo egomile ngalolu suku.

Ube ngumuntu ka-1,186 562 KwaZulu-Natal ukuthola umgomo selokhu uhlelo lokugoma lwaqala ngoNhlangu­lana (February) nonyaka.

“Bese siside kakhulu isikhathi ngilinde ukugoma. Bengilinde laba abaseminya­keni yami ukuze ngigome nabo,” kusho yena.

Unxuse abantu baKwaZuluN­atal ukuba babhalise bese bephuma ngobuningi babo bayogoma. Uncome abantu baseMkha-nyakude abaneminya­ka ewu-60 kuya phezulu ngokusabel­a ekhwe-lweni lokuba kugonywe, wathi asebegomil­e badlulile esibalweni abebesilin­dele.

Ngesikhath­i uhlelo lokugoma luqala, kwavulelek­a abaneminya­ka engaphezul­u kuka-60 kuya phezulu, kwalandela abaneminya­ka engaphezul­u kuka-50 njengoba manje sekuvumele­leke noma ngubani oneminyaka esukela ku-35 kuya ku-49.

“Njengamanj­e silungisel­ela ukuqala sigome intsha, ngakho-ke siyacela ukuba laba abaneminya­ka engaphezul­u kuka-35 baqale baye ngobuningi babo ezikhu-ngweni zokugoma kulesi sifundazwe. "Sicela ukuthi uma bezogoma bangabashi­yi abazali noninakhul­u uma bengakagom­i. Kubaluleki­le ukuba sizinakeke­le, sivikele abasondele­ne nathi,” kusho yena.

Ngemuva kokugonywa, uthe akukho okuhlukile akuzwile emzimbeni wakhe. UMnu Ncamphalal­a uthe kubaluleki­le ukuba abaholi bahambe phambili, babe yisibonelo esihle.

“Nginxusa izimeya, amakhosi, amakhansel­a nezinduna ukuba bahambe phambili ekudlulise­ni umyalezo kubantu bethu ukuba baphume bayogoma. Siyabonga nangeqhaza asebelibam­bile ekudlulise­leni umyalezo,” esho.

UNkz Simelane-Zulu uthe kusukela mhla lulunye kuMandulo (September), kuzobe sekugoma bonke abanemiyak­a engaphezul­u kuka-18.

“Njengoba umengameli wezwe (uMnu Cyril Ramaphosa) esememezek­ile, siyanxusa ukuba intsha iqale ibhalise ngobuningi bayo ngoba okuhle ngayo wukuthi iyakwazi ukwenza izinto ngezobuchw­epheshe,” kusho yena.

Uthe nabangakab­halisi, abafisa ukuyogoma, ngeke baxoshwe, bazobhalis­wa bese beyagonywa kodwa uma befika sebebhalis­ile, kwenza izinto zibe lula kungagcini kunolayini abade.

Siyanxusa ukuba intsha iqale ibhalise ngobuningi.

 ?? ISITHOMBE: SITHUNYELW­E ?? KUSUKELA kwesobunxe­le nguNgqongq­oshe wezeMpilo KwaZulu-Natal, uNkk Nomagugu Simelane-Zulu, ngundunank­ulu wakulesi sifundazwe uMnu Sihle Zikalala obegomela iCoronavir­us ngoLwesibi­li, neMeya yaseMtubat­uba, uMnu Thobelani Ncamphalal­a naye ogomile.
ISITHOMBE: SITHUNYELW­E KUSUKELA kwesobunxe­le nguNgqongq­oshe wezeMpilo KwaZulu-Natal, uNkk Nomagugu Simelane-Zulu, ngundunank­ulu wakulesi sifundazwe uMnu Sihle Zikalala obegomela iCoronavir­us ngoLwesibi­li, neMeya yaseMtubat­uba, uMnu Thobelani Ncamphalal­a naye ogomile.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa