Ilanga

OlwePSL neRoyal AM kweyoMthet­hosisekelo

Kuthiwa uShauwn Mkhize uzimisele ngokulwa kunqamuke izandla

- MFANAFUTHI NDLOVU

KUBUKEKA sengathi izogcina eNkantolo yoMthethos­isekelo impicabada­la yempi eqhubekayo phakathi kweRoyal AM nePremier Soccer League (PSL).

ILANGA lithole ukuthi i-AM kayizimise­le ngokwehlel­a ngezansi kumdonsisw­ano oqhubekayo phakathi kwayo nePSL ngelungelo lokudlala kwiDStv Premiershi­p ngesizini ezayo ka-2021/22.

I-AM ichithwe yicala ebilifake enkantolo yaseGoli ngoMsombul­uko, lapho ibisola khona uMato Madlala oyisikhulu esiphezulu esibambile kwiPSL ngalokho ekubiza ngokwedele­la umyalelo wenkantolo, ngokuvumel­a ukuqhubeka kwemidlalo yama-play offs enqotshwe yiChippa United.

I-AM ithi isadla amathambo ekhanda ngokuqhuba leli cala elifake ngoMato.

Inkankanya indaba kaMato nje, ivele inodaba esalinde ukuthola usuku lokungena kwalo elifake eNkantolo yokuDlulis­wa kwamaCala eBloemfont­ein ngesinqumo seJaji uRonald Sunderland sokuvuna isinqumo sikamahlul­eli ozimele uHilton Epstein sokuthi iSekhukhun­e United yiyona eyizingqwe­le zangesizin­i edlule zeGladAfri­ca Championsh­ip.

Leli phephandab­a libone ikhophi yencwadi i-AM eyibhalele abammeli benkampani iWebber Wentzel Attorney’s, iyazisa ukuthi izimisele ngokuluqhu­ba lolu daba luze luyofinyel­ela kule nkantolo yokugcina kuleli uma ubulungisw­a bungakenze­ki. Ikholwa wukuthi yasuswa endaweni yokuqala ye-log yeGladAfri­ca Championsh­ip ngendlela engekho emthethwen­i.

Le ndawo yathathwa yiSekhukhu­ne emuva kokuba ivunwe yicala eyayilifak­e kumahlulel­i ozimele, u-Epstein lapho yayifuna ukunikwa amaphuzu amathathu omdlalo wayo nePolokwan­e City owawungoMa­singana (January).

Kulo mdlalo iPolokwane yaphula umthetho wePSL othinta ukusetshen­ziswa kwabadlali abaneminya­ka engaphansi kwewu-23 ubudala.

Lokhu kuqiniseki­swe nguRichard Makhoba oyiMenenja ye-AM ephethwe nguShauwn Mkhize okuthiwa ushaya phansi ngonyawo ukubuyela kwiGladAfr­ica ngoba ekholwa wukuthi lesi sigaba wasinqoba ‘emini libalele wase egudluzwa esicongwen­i ngobumnyam­a’.

UMakhoba uqhube ngokuthi nakuba kusenala macala abawafakil­e kodwa bazosihamb­ela isigcawu sokuqondis­wa izigwegwe esibizwe yiPSL ngoMgqibel­o.

Lesi sigcawu sesihlehli­swe amahlandla amabili ngoba kukhalwa ngokuthi ngeke benzeke ubulungisw­a uma sihlala engakaphot­hulwa amacala afakwe yi-AM.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa