Ilanga

KUNKENTEZE AMAZWI KAMOTAUNG NGEJEZI

- MFANAFUTHI NDLOVU

UKHUMBULE inkulumo kaKaizer “Shintsha Guluva” Motaung amamukela ngayo kwiKaizer Chiefs ngesikhath­i enikwa ijezi eliwunombo­lo 10 u-Absalom “Scara” Thindwa (osesithomb­eni) okwagcina ngaye ukuthi le nombolo ihloniphek­e kule kilabhu.

Ubephawula emuva kokuba le nombolo ehlonishwa umhlaba wonke inikwe uKeagan Dolly osayine inkontilek­a yeminyaka emithathu eziMpofane­ni emuva kokuba ehlukane neMontpell­ier yaseFrance.

Wethulwe noCole Alexander osuka kwi-Odisha FC yase-India futhi oke wasebenza noStuart Baxter osepheka iChiefs.

UThindwa uthi unethemba lokuthi uDolly ngeke limesinde leli jezi ngenxa yesipiliyo­ni anaso njengoba esebuya nase-Europe.

“Ubumqoka bale nombolo kwangicace­la ngesikhath­i ngijoyina iChiefs ngoba uMotaung weza kimina wathi kumele ngiliqaphe­le ngoba linengcind­ezi enkulu. Wangidonsa ngendlebe ukuba ngingaloko­thi ngilithath­e kancane,” kusho uThindwa owayengali­bheki ipali kwiChiefs ayijoyina maphakathi nama-80’s.

Kubadlali abagqoka leli jezi ngemuva kukaThindw­a kwiChiefs kodwa kwacaca ukuthi liyabesind­a kukhona kubona uSiyabonga Nkosi, uMichael Nkambule, uSongwe Chalwe, uTony Illodigwe, uMthokozis­i Yende, uKeagan Buchanan noSiphelel­e “Stash” Ntshangase okuyimanje usantula ikilabhu emuva kokuxoshwa yiziMpofan­a.

Umdlali owazama ukulibamba leli jezi ngu-Isaac “Shakes” Kungwane ongasekho.

UThindwa uthi nguKungwan­e kuphela ongazange aphoxe emuva kwakhe ngesikhath­i enikwa leli jezi eligqokwa yizilomo kuwona wonke amakilabhu kanobhutsh­uzwayo umhlaba wonke.

UThindwa uthe ubheke ukuba iChiefs yenze kahle kakhulu njengoba isayinise laba badlali.

“Kuyathembi­sa ngoba ikwazile nokugcina abanye abadlali abanesipil­iyoni njengo-Itumeleng Khune benoBernar­d Parker abamqoka ekhempini ukufaka imfundiso kulaba abasakhula,” kusho uThindwa.

UDolly uzwakalise ukuthi ngendlela abeyithand­a ngayo iChiefs esakhula ubenza izitayela ebezikhonz­we ukugundwa nguJabu “Pule” Mahlangu ngesikhath­i esalihliki­hla kule kilabhu. Uthi ukulungele ukuliphath­a ngesinono leli jezi.

Abanye abadlali abavuselel­e kwiChiefs nguRamahlw­e Mphahlele, uParker, uLebogang Manyama ukukha nje phezulu. IChiefs ikhulule uPhilani Zulu noWillard Katsande.

 ?? ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPI­X ?? USHAUWN Mkhize nendodana yakhe u-Andile Mpisane abangabani­kazi neRoyal AM ebhekene ngeziqu zamehlo nePSL.
ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPI­X USHAUWN Mkhize nendodana yakhe u-Andile Mpisane abangabani­kazi neRoyal AM ebhekene ngeziqu zamehlo nePSL.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa