ISAFA IGUNYAZA UKUBUYA KWEMIDLALO YOSOSESHINI
KABEHLI kahle ubuthogo kuInnocent “Tycoon” Mantengu njengoba engakawatholi amabhande amuka ngesikhathi ebanjwa inkunzi ePark Station, eGoli, ngenyanga edlule.
UMantengu, owayesendleleni eqonde eThekwini ngesikhathi ehlaselwa yizigilamkhuba, wasala encela izithupha njengoba kwahamba ibhande le-IBF Africa neleWBA Pan African junior featherweight.
Le ngqwele edabuka eMtubatuba iveze ukuthi isanda kuthola umkhondo ngomngani wayo othe ubone elinye lamabhande liphethwe ngabantu eMTN Rank, eGoli.
“Lo mngani ungifonelile wangitshela ukuthi kunebhande alibone osomatekisi nabantu belintantisa, beshutha nalo. Naye uthe ulithathile washutha nalo wase engithumelela isithombe. Nebala ngibonile ukuthi ngelami. Manje ngisazama ukuthi ngilandele umkhondo walo,” kusho uMantengu.
Uthe okumphatha kabi wukuthi kumele avikele ibhande leWBA Pan Africa alithole ngemuva kokuhlula ngamaphuzu uLuthando Mpumbulwana empini ebingoNhlangulana (June) eSandton Convention Centre, eGoli.
“Abaphathi bami iJoy4Joy Promotions bebengitshele ukuthi kumele ngibuyele eringini ngoLwezi (November). Manje kangazi ngizovikela liphi ibhande ngoba lathathwa yiziqhwaga zaseGoli. Ngicela ukuthi uma kunomuntu owabonayo asize ashayele amaphoyisa aseduzane ukuze agcinwe khona.
La mabhande ayikho konke kimina njengoba ngawalwela kanzima,” kusho uMantengu.
Ucebise labo abazowathenga ukuthi ngeke adayiseke kungcono bambuyisele.
IZOBUYELA ensimini imidlalo yeRegional Play Offs emiswe ngenxa yokuvalwa kwezinto ezweni okudalwe wukubhebhetheka ngamandla kweCovid-19 kuleli.
Le midlalo okuhloswe ngayo ukukhipha amakilabhu amabili azonyukela kwiSafa KZN ABC Motsepe League, izoqala ngomhla ka-13 isongwe ngomhla ka-15 kuNcwaba (August) eRichards Bay.
Lokhu kuqinisekiswe nguKwenzakwakhe Ngwenya onguSihlalo weSafa esifundazweni.
“Ngemuva kokuba umengameli wezwe exegise imithetho yokuvalwa kwezwe, sinqume ukuqhubeka nemidlalo. Wonke ama-lfa (local football association) angaphansi kweSafa asengaqhubeka nezinhlelo zemidlalo. Nemihlangano yokukhetha ubuholi isigunyaziwe.
“Nokho-ke siyanxusa ukuba kulandelwe yonke imigomo yokunqanda ukusabalala kweCovid-19. Imidlalo yokuhlungela ukunyukela kwiMotsepe League bese sihlele ukuthi ibe ngesonto elizayo kodwa sabuye sayihlehlisa ukuze sizinike isikhathi sokuyihlelela,” kusho uNgwenya.
UNomkhosi Zulu osehhovisi leSafa esifundazweni noBright Gumede ohola ikomidi lemiqhudelwano kwiSafa, yibona abasebenza ukudidiyelwa kwale midlalo.