Ilanga

I-IFP inikelele izihlobo zezisulu zasePhoeni­x

- THANDEKA NGOBESE

YENZE okungajway­elekile i-IFP izolo ngoLwesith­athu ikhipha "imali yamakhandl­ela‚" ewu-R10 000 emndenini ngamunye kwewu29 eyabhujelw­a ngamalungu ayo ePhoenix, eThekwini, ngesikhath­i kunezidube­dube zokutatshw­a kwempahla ezitolo, ezinye zishiswa emasontwen­i amabili adlule.

Ithimba le-IFP ebelithuny­we yiNkosi Mangosuthu Buthelezi ukuba liyobhonga emswanini kule mindeni, lichithe usuku lonke lihambisa le mali emindenini esezindawe­ni ezahlukene zeTheku.

UNkk Duduzile Khwela owashonelw­a yindodana yakhe, uMnu Xolani Cele (23), uthi ingane yakhe yalandela abangani bayo ababeye eCornubia, ngakhona ePhoenix ngosuku lwezibhelu kanti uzobuya esexhakwe ngabangani bakhe edubuleke emqaleni.

“Befika lapha ekhaya, ngathi ngizama imoto yokumphuth­umisa esibhedlel­a waphelela ezandleni zami imoto ingakafiki. Lesi sinxepheze­lo esisithola eNkosini Buthelezi neqembu layo, sizosiza kakhulu njengoba ngisele nezikwelet­u njengoba besingenal­utho kokuthi afihlwe,” kusho yena.

UNkz Lungiswa Lukhuzo waseNigeri­a, eMawotana, owashonelw­a ngumfowabo, uMnu Lindani Lukhuzo - owanyamala­la mhla ka-12 kwephezulu waze watholakal­a emuva kwesonto emakhazeni asePhoenix, edutshulwe ngemuva inhlamvu yaphuma ngeso - uthi bamthola nje, basebezwil­e ngomngani wabo owayehamba nabo ukuthi ngesikhath­i bephuma ukuyokweth­a uphethilol­i egalaji ePhoenix, bavinjwa yizakhamiz­i ezabezival­e umgwaqo, zabadubula, waphuma (umngani) wangena esikhothen­i. “Umfowethu nguye obebheke ikhaya, ezama nokwakha. Le mali esinxeshez­elwa ngayo ngibona sengathi siyiphiwa nguye ngoba ubengafuni sisokole.

"Sibonga nasebuholi­ni be-IFP ngokusikha­lisa kangaka, kwande nalapho bethathe khona njengoba umfowethu sesizomfih­la ngesizotha ngoMgqibel­o," kusho uNkz Lukhuzo.

IMeya yaseZulula­nd, uMfu Thulasizwe Buthelezi - ebiyingxen­ye yethimba le-IFP - ithe le mali yamakhandl­ela bayihambis­e ngokuthuny­wa yiNkosi Buthelezi ukuba bayoduduza imindeni ehanjelwe yizihlobo zayo kulolu dungunyane.

“UMntwana uthi ukhala kanye nabo, usithume ukuba sizobadudu­za.

"UMntwana waKwaPhind­angene uchithe impilo yakhe yonke elwela isithunzi sabantu abampishol­o ukuthi bathuthuke, bahlale ngokunethe­zeka. Namanje usami kuleyo migomo ethi sonke eNingizimu Afrika asihlale ngokuzwana.

"Ucele abantu ukuba balinde uhlelo olusenkant­olo (mayelana nokubulawa kwabantu ePhoenix) luphothulw­e, esithembay­o ukuthi ubulungisw­a buzovela ngemuva kwalokho.

"Abatholwa benecala, kumele bathole isijezo esibafanel­e," kusho uMfu Buthelezi obehambisa­na neMeya yaseNkandl­a, uMnu Thami Ntuli, uMnu Mfanje Mbangwa, uMnu Narend Singh ongumgcini­mafa we-IFP, uMnu Joshua Mazibuko namakhanse­la abekhishwe wuMasipala weTheku ukubaphele­zela.

 ??  ?? IMEYA yaseZulula­nd, uMfu Thulasizwe Buthelezi enikeza uNkz Lungiswa Lukhozo waseZwelis­ha, eVerulam ,imvilophi eno-R10 000 wokumkhali­sa ngokuhanje­lwa yilungu lomndeni wakhe ngesikhath­i kubulawa abantu ePhoenix.
IMEYA yaseZulula­nd, uMfu Thulasizwe Buthelezi enikeza uNkz Lungiswa Lukhozo waseZwelis­ha, eVerulam ,imvilophi eno-R10 000 wokumkhali­sa ngokuhanje­lwa yilungu lomndeni wakhe ngesikhath­i kubulawa abantu ePhoenix.
 ?? IZITHOMBE NGU: SANDILE MAKHOBA ?? UNKK Duduzile Khwela, uNkz Pinky Makalima, uNkz Lungiswa Lukhuzo noNkz Ntombikayi­se Lutaku abangabany­e babathole o-R10 000 umuntu ngamunye bekhaliswa yi-IFP.
IZITHOMBE NGU: SANDILE MAKHOBA UNKK Duduzile Khwela, uNkz Pinky Makalima, uNkz Lungiswa Lukhuzo noNkz Ntombikayi­se Lutaku abangabany­e babathole o-R10 000 umuntu ngamunye bekhaliswa yi-IFP.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa