USOLWE NGOKUNGAHLONIPHI, IQEMBU LIMKHOMBA INDLELA
INGAKAHLANGANI nenyanga yesine kwaba nokhetho lohulumeni basekhaya kuleli, lowo owayeyilungu lePhalamende, emele iqembu elibusayo i-ANC, uDkt Makhosi Khoza, usexoshwe yiqembu abese engaphansi kwalo, likaMnu Herman Mashaba, naye owayehlubuke kwi-DA, i-Action SA.
Kuvela ukuthi leli qembu elisungulwe ngonyaka odlule, libhalele uSomlomo kuMasipala weTheku, uMnu Thabani Nyawose, limtshela ukuthi lizimisele ngokufaka omunye umuntu esikhundleni sikaDkt Khoza (osesithombeni), owengamele isikhundla sobukhansela aphinde abe nguSihlalo wekomidi elibhekelela ukusebenza kwezimali, i-Mpac.
UDkt Khoza ungelinye lamakhansela amane amele leli qembu ngaphansi kukaMasipala weTheku. Kuthiwa izinkinga zakhe ziqale ngasekuqaleni konyaka, ngesikhathi iqembu lakhe lithi makasuke esikhundleni sokuba nguSihlalo walo KwaZulu-Natal.
UMnu Nyawose uvumile ukuthi uDkt Khoza akaselona ikhansela kulo masipala.
“Namhlanje ngoLwesibili ekuseni sithole incwadi ebeyivela kwi-Action SA, isibikela ukuthi bazofaka omunye umuntu esikhundleni sakhe. Siyamukelile leyo ncwadi, okusho ukuthi uDkt Khoza, akaselona ikhansela kulo masipala. Sizolinda yona i-Action SA ukuba ilethe ikhansela elizovala isikhala sakhe, “kusho uMnu Khoza.
Uthi ukuphucwa kwakhe amandla njengekhansela kusho ukuthi namandla abenawo njengoSihlalo wekomiti elibhekelela ukusetshenziswa kwezimali (Mpac), akasekho kulona.
I-Action SA ikhiphe isitatimende ngoLwesibili ekuseni ithi isigungu esiphezulu kule nhlangano, sesithathe isinqumo sokunqamula ubulungu bukaDkt Khoza, kuleli qembu.
Phakathi kwezingqinamba ebezikhona phakathi kwakhe naleli qembu, ubesolwa ngokuzenzela umathanda ekhuluma noma ikanjani nabezindaba, obekugcina kufake leli qembu ezinkingeni.
Okunye leli qembu elimsola ngakho wukwenza isivumelwano neqembu elibusayo i-ANC ukuze likwazi ukuthatha umasipala weTheku kwazise lalingenazo izinombolo ezanele ukuthi lingahola lo masipala.
UDkt Khoza kuthiwa wenze isivumelwano esiholele ekutheni agcine enguSihlalo weMpac. Ezinye izingqinamba wukuthi useke wazwakala amahlandla esho okuphambana nokushiwo ngumsunguli waleli qembu uMnu Mashaba kwabezindaba.
Ngokomqingo oqukethe amacala akhe, kuthiwa inhlangano yakhe beyimsola ngokuyisebenzisa ukuzakhela ugazi, azikhulise emkhakheni wezepolitiki. UMnu Michael Beaumont, onguSihlalo kuzwelonke kwi-ActionSA, uthe uhlelo lokuqondiswa kobugwegwe yilona oluthole uDkt Khoza enecala, wathi uma efuna ukuphikisana nalokho, angaya ezinkantolo.
“Ubulungu bakhe eqenjini bunqanyuliwe, ngeke esakwazi ukulimela emphakathini nokusho ukuthi kufanele kubekwe omunye esikhundleni sakhe,” kusho yena.
Uthi kakulona iqiniso ukuthi leli qembu likwaze ukuthola izihlalo kulo masipala ngenxa yakhe. UDkt Khoza ethintwa ukuba aphawule ngokuphucwa kwakhe ubulungu nangokuxoshwa kwakhe kuleli qembu, unqabile ukuphawula.