Ilanga

SELIKULUNG­ELE UKUQULWA ICALA LEGCOKAMA

- Hlongwaj@ilanganews,.co.za

LIYAQALA ukuqulwa maduze icala eli-bhekene nesilomo somculi kamasikand­i, uMthandeni” Igcokama Elisha” Manqele. Lokhu kuhlaluke izolo ngoLwesith­athu, enkantolo yemantshi eNew Hanover, lapho lo mculi ebevele khona ngecala lokushaya (assault) intatheli yelinye lamaphepha­ndaba ngonyaka ophelile.

Bese kungokwesi­bili lihlehla leli cala enkantolo efanayo. Kulokhu imantshi uMnu Roderick Alexandra Stewart, itshele uMnu Manqele ukuthi icala lakhe lihlehlela umhla ka-18 no-19 kuNhlaba (May).

Imantshi ithe leli cala ilihlehlis­a ngenxa yokuthi kunobuhixi­hixi emishinini yasenkanto­lo esetsheniz­wa uma kuqoshwa amacala.

Akukho okuningi okukhuluny­we enkantolo, Igcokama ligibele ebhokisini, imantshi yadlulisa lowo mbiko maqede lehla.

Kulokhu belimelwe uMnu Manaileng Maphike. Ukuqinisek­isile ukuthi icala lihlehlile ngenxa yokungaseb­enzi komshini oqophayo, wathi ngoNhlaba, bayabuyela enkantolo.

Kulokhu abalandeli beGcokama bebengabon­wa nangalukha­lo, njengoba bekuzishay­ela umoya enkantolo.

Ngokudlule yayikhona ingcosana eyayiswenk­ile.

Umangali kuleli cala uMnu Charles Khuzwayo, obekulinde­leke ukuthi afike, ubengekho.

ILANGA lizwe ngomunye umthombo olitshele ukuthi incwadi embizela enkantolo wayithola, kodwa wafaka isixoliso, wathi akaphilile.

UMnu Simphiwe Masondo ongumphath­i weGcokama, uthe ukuhlehla kwecala izikhawu eziningi kuyabapha-zamisa emsebenzin­i wabo.

"Uyazi uMthandeni ngumculi omatasa, onemiseben­zi eminingi, manje uma kulokhu kuthiwa asibuyele enkantolo icala lihlehle, lokho kuyasiphaz­amisa, kodwa kayikho into esingayenz­a ngoba kufanele sihloniphe inkantolo,” kusho uMnu Masondo.

 ?? ISITHOMBE NGU: JOHN HLONGWA ?? UMTHANDENI “Igcokama Elisha” Manqele ubevele enkantolo eNew Hanover, ngecala lokushaya intatheli.
ISITHOMBE NGU: JOHN HLONGWA UMTHANDENI “Igcokama Elisha” Manqele ubevele enkantolo eNew Hanover, ngecala lokushaya intatheli.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa