Ilanga

ISalga iqoke ubuholi obusha e-KZN

Ikhethwe ngo-elethu iMeya uThami Ntuli

- MTHOBISI SITHOLE mthobisis@ilanganews.co.za

LUXAZULULW­E kuzwelonke olokuqokwa kobuholi obusha benhlangan­o yohulumeni basekhaya esifundazw­eni KwaZuluNat­al, ebhekelela ukusebenza kwabo bonke omasipala.

Iqokwe ngokungaba­ngiswa imeya kaMasipala iKing Cetshwayo, uMnu Thamsanqa Ntuli, esikhundle­ni sokuba nguSihlalo weLocal Government Associatio­n (Salga), emuva kokuba amalungu amabili abephakany­isiwe, ehoxile.

UMengameli we-Salga kuzwelonke, uMnu Bheki Stofile, obehamba nesekela lakhe engqungqut­hele ebiseCivic Centre, eMhlathuze ngoLwesihl­anu, ukuqinisek­isile engxoxweni naleli phephandab­a ukuthi akukho okungayenz­a iqale phansi ingqungqut­hela, ukhetho luhambe kahle.

“Ubuholi obuqokiwe buyibona. Kulandelwe yonke imigomo efanele yokukhetha futhi senze isiqinisek­o ukuthi kazikho izinkinga. Sibuphasis­ile ubuholi obuphakany­isiwe,” kusho uMnu Stofile.

Lolu khetho bese luphindwa okwesithat­hu emuva kokuba luchithwe kuzwelonke eCape Town, sangavunye­lwa isifundazw­e ukubamba iqhaza engqungqut­heleni kazwelonke ngenxa yokuthi i-ANC, ibhalele uzwelonke ithi akulandelw­anga imigudu efanele ekuqokweni kobuholi KwaZuluNat­al.

NgoMasinga­na (January), ukhetho lokuqala olwaluse-Inkosi Albert Luthuli Internatio­nal Convention Centre, (ICC), eThekwini, kaluphumel­elanga ngoba amalungu e-ANC athi ngeke luqhubeke uma ungekho umthetho sisekelo wenhlangan­o obhalwe ngesiZulu, isiXhosa ne-Afrikaans.

Kwabekwa izinsuku eziwu-21 ukuba luqalwe phansi ukhetho ngoNhlolan­ja (February), nakhona lwaba nezinkinga amalungu e-ANC eyiduba ingqungqut­hela.

Lokhu kwenze ukuba ukuqokwa kobuholi obaqokwa bengasekho abadubile, buchithwe kuzwelonke.

UMnu Ntuli, useqokwe kwaze kwaba kathathu kulesi sikhundla selokhu kuqale ukungaphum­eleli, kwemihlang­ano, ichithwa yi-ANC. Abaqokwe kwesobusek­ela yikhansela laseThekwi­ni uNtombifut­hi Gumede, imeya yaseNewcas­tle uMnu Xolani Dube, nemeya yasoPhongo­lo uNkz Velephi Sikhosana.

Amanye amalungu enhlangano aqokiwe, imeya yasoThukel­a iNkosi uNtandoyen­kosi Shabalala, imeya yaseMajuba uNkk Veronica Bam, usomlomo kuMasipala waseZulula­nd, uDT Memela, imeya yasoLundi uMnu Wilson Ntshangase nemeya yaseMlalaz­i, uNkk Queen Xulu.

Abazomela isifundazw­e kuzwelonke, imeya yaseMhlath­uze uMnu Xolani Ngwezi, eyaseBaqul­usini uMnu Mncedisi Maphisa, eyaseMziny­athi uMnu Petros Ngubane nabanye.

Imizamo yokuthola uMnu Ntuli, kayiphumel­elanga kodwa enkulumeni yakhe yangaphamb­ilini, uthembise ukuthi bazoqinisa kakhulu amatomu kulo msebenzi weminyaka emihlanu besehhovis­i.

 ?? ?? IMEYA yaseKing Cetshwayo, uMnu Thamsanqa Ntuli ikhethwe esikhundle­ni sokuba nguSihlalo weSalga wakwaZulu-Natal.
IMEYA yaseKing Cetshwayo, uMnu Thamsanqa Ntuli ikhethwe esikhundle­ni sokuba nguSihlalo weSalga wakwaZulu-Natal.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa