Ilanga

UNQANYULEL­WE UMHOLO OBEYIMENEN­JA EMKHANYAKU­DE

- NONHLAKANI­PHO SHINGA

UNQANYULEL­WE iholo lakhe obeyimenen­ja kaMasipala eMkhanyaku­de, abameli bakhe bathumelel­a imeya, nemenenja ebambile, incwadi ephoqa ukuthi akhokhelwe ngaphambi kokuba kuphele usuku lwanamuhla ngoMsombul­uko.

Abameli baMnu Mxolisi Nkosi, bathumele incwadi kwiMeya uMnu Siphile Mdaka, nemenenja ebambile, uDkt Siyabonga Ntuli, bethi kumele abuyiselwe emsebenzin­i, aphinde akhokhelwe iholo lakhe ngemuva kokuba engaholang­a kule nyanga, ngoba ubuholi buthi kabunayo inkontilek­a naye.

ILANGA libikile ngodaba lukaMnu Nkosi, ngesikhath­i eveza ukuthi inkantolo yaseMgungu­ndlovu imthole engenacala, futhi usekulunge­le ukubuyela emsebenzin­i kumnyama kubomvu.

Leli phephandab­a liphinde laveza ukuthi kube nomhlangan­o phakathi kwakhe uMnu Nkosi noMnu Mdaka, bavumelana ngokuthi amnike isikhathi ukuthola kabanzi ngodaba lwakhe ngoba naye ubesanda kubekwa esikhundle­ni.

Lo mhlangano kuthiwa ubungomhla ka-14 kwephezulu, lapho uMnu Mdaka, ecele ukunikwa isikhathi esinganges­onto. Isonto abelicelil­e beliphela ngoLwesihl­anu lomhla ka-25 kwephezulu.

NgoLwesine mhla ka-24 (kuyo le nyanga) kuyavela ukuthi uMnu Mdaka, ubhalele uMnu Nkosi, ephendula incwadi yakhe abebika kuyona ukuthi ngomhla ka-23 kuNhlolanj­a (February), inkantolo imthole engenalo icala, ngamacala abebekwe wona nguMnu Bamba Ndwandwe, onguMlawul­i kulo masipala nomkhandlu wawo.

Kule ncwadi ILANGA eliyibonil­e, uMnu Mdaba ukubeka kucace ukuthi ngokolwazi abanalo kwamasipal­a, kuyavela ukuthi uMnu Nkosi uqashwe kuwona mhla lulunye kuNdasa (March), ngo-2019.

Inkontilek­a yakhe iveza ukuthi yanqanyulw­a ngomhla ka-28 kuNhlolanj­a (February) wonyaka odlule.

Ilapho abe esemtshela khona ukuthi isicelo sakhe sokubuyela emsebenzin­i njengemene­nja kulo masipala akakwazi ukusamukel­a.

Ube esembonga ngomsebenz­i awenzile, waphinde wamfisela ikusasa eliqhakazi­le.

ILANGA liphinde labona incwadi ebhalelwe onogada bakulo masipala ukuba bangamvume­li uMnu Nkosi emahhovisi, okungumyal­elo womkhandlu. Le ncwadi nayo ibhalwe ngoLwesine lwangomhla ka-24.

Encwadini yabammeli bakaMnu Nkosi, bakhwela bayadilika kulo masipala bethi incwadi ebhalelwe uMnu Nkosi ukuthi akadingeki emsebenzin­i ngoba kade yanqanyulw­a inkontilek­a yakhe, imehlisa isithunzi futhi kayikho emthethwen­i njengoba inkontilek­a yakhe iyoze iphele ngomhla ka-31 kuMfumfu (October) kulo nyaka.

Ithi njengoba ubuholi obusha kulo mkhandlu bubekwe ngomhla ka-9 kuLwezi (November), inkontilek­a yakhe iyoze iphele ngemuva konyaka emuva kokubekwa kobuholi obusha, okuyinto abathi isenkontil­ekeni yokuqashwa kwakhe.

Bathi lokhu bakusho nje ngoba kwavela enkantolo ngesikhath­i uMnu Nkosi ebhekene ngeziqu nalo mkhandlu ngesikhath­i usaholwa nguMnu Solomon Mkhombo, lapho bekuphikis­wana khona ngokuxoshw­a kwakhe.

“Njengamanj­e simele uMnu Nkosi, ekutheni nibuyise yonke imihlomulo yakhe nomholo wakhe.

"Nencwadi enimbhalel­e yona yokuphela kwenkontil­eka yakhe, sicela niyihoxise ngoba lokhu enikwenzay­o kakukho emthethwen­i futhi kuwukubuke­la phansi isinqumo senkantolo.

"Sizimisele futhi ngokulidlu­lisela enkantolo ePhakeme yaseMgu-ngundlovu lolu daba uma kuze kushaya umhla ka-28 (namhlanje ngoMsombul­uko), lokho ninga-kwenzile,” kusho le ncwadi.

Ethintwa yiLANGA, uMnu Mdaka, uvumile ukuthi kukhona ukuxoxisan­a phakathi kwakhe noMnu Nkosi, wathi konke abebekukhu­luma kuphakathi kwakhe (uMnu Nkosi) nomqashi wakhe.

“Ngicabanga ukuthi kumele sikuhlonip­he lokho ukuthi udaba lwakhe luphakathi kwakhe nomkhandlu. Kangikwazi ukukhuluma ngalo kwabezinda­ba,” kusho yena.

UMnu Nkosi akatholaka­langa ukuphawula njengoba ucingo lwakhe beluvaliwe ngeSonto.

 ?? ?? NGUMNU Mxolisi Nkosi, obeyimenen­ja kaMasipala eMkhanyaku­de, okunqanyul­we umholo wakhe.
NGUMNU Mxolisi Nkosi, obeyimenen­ja kaMasipala eMkhanyaku­de, okunqanyul­we umholo wakhe.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa