SITHOLWE KWAMAKHELWANE ISIDUMBU SOBENYAMALELE
USADIDEKILE umndeni wowesifazane waseKuvukeni eMnambithi, okwatholakala isidumbu sakhe ngeledlule silaliswe embhedeni osendlini engahlali muntu eduze kwakubo, sesiqala ukonakala. Sasinenxeba lokugwazwa entanyeni.
Umndeni kaNkz Thuli Sithebe (42) (osesithombeni), uthi ucela usizo kunoma ngubani ongaba nolwazi ngokubulawa kwakhe, athinte amaphoyisa.
Abazibonela isidumbu sikamufi, bathi satholwa sinenxeba emqaleni.
Unina kamufi, uNkz Fakazile Sithembe, uthi akazi ukuthi indodakazi yakhe yayenzeni kubani ize ibulawe ngesihluku esinjena.
“Ngosuku anyamalala ngalo, sabuya ntambama naye kade sinendlela, sabukela umabonakude. Kwathi sisahleli, kwangena ucingo kumakhalekhukhwini wakhe.
"Ngenxa yokuthi amadodakazi ami kawakhulumi nomakhalekhukhwini phambi kwami, wa-phuma wakhuluma nalowo owa-yemshayele ucingo.
"Kwadlula isikhashana wabuyela endlini, wangitshela ukuthi uyabuya kukhona lapho aya khona.
"Watshela udadewabo ukuthi angakhiyi ngoba uzobuya maduze.
"Sahamba sayolala nodadewabo. Savuka ekuseni ngayobheka egunjini lakhe, ngafica ingane kadadewabo encane, yangitshela ukuthi akabuyanga.
"Samshayela ucingo lwakhala lwangaphendulwa. Ngaphindela egunjini lakhe ngiyobheka ukuthi ngabe akazithathanga yini izimpahla wahamba.
Ngafika zonke zikhona ziphelele.
"Ngaba nokusola ukuthi kukhona okungahambi kahle.
"Okwakwenza ngisole wukuthi yena uma umshayele ucingo wangaphendula, uyabuyela kuwena. Ngisho evakashile engeke abuye ekhaya, uyasishayela ucingo.
Kuthe ngoLwesine (olwedlule) ngabona izingane zibuka komunye umuzi ongasahlali muntu, oseduze kwakwami.
"Ngitshele umfana wami ukuba ayobheka ukuthi kwenzekani.
"Ubuye wangitshela ukuthi kubukwa isidumbu sikaThuli.
"Ngiphuthume khona, ngafika indodakazi yami ilele, isafake izimpahla eyaphuma izigqokile,” kusho yena.
“Ngiyacela ukuba owabona noma owaziyo ukuthi kwenzekani, axhumane namaphoyisa ngoba umuzi atholakala kuwona kawuhlali muntu,” kusho yena.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCol Thembeka Mbhele, uthe kuvulwe icala lokubulala, bekungakaboshwa muntu.