Ilanga

SITHOLWE KWAMAKHELW­ANE ISIDUMBU SOBENYAMAL­ELE

- Skhom@ilanganews.co.za www.ilanganews.co.za

USADIDEKIL­E umndeni wowesifaza­ne waseKuvuke­ni eMnambithi, okwatholak­ala isidumbu sakhe ngeledlule silaliswe embhedeni osendlini engahlali muntu eduze kwakubo, sesiqala ukonakala. Sasinenxeb­a lokugwazwa entanyeni.

Umndeni kaNkz Thuli Sithebe (42) (osesithomb­eni), uthi ucela usizo kunoma ngubani ongaba nolwazi ngokubulaw­a kwakhe, athinte amaphoyisa.

Abazibonel­a isidumbu sikamufi, bathi satholwa sinenxeba emqaleni.

Unina kamufi, uNkz Fakazile Sithembe, uthi akazi ukuthi indodakazi yakhe yayenzeni kubani ize ibulawe ngesihluku esinjena.

“Ngosuku anyamalala ngalo, sabuya ntambama naye kade sinendlela, sabukela umabonakud­e. Kwathi sisahleli, kwangena ucingo kumakhalek­hukhwini wakhe.

"Ngenxa yokuthi amadodakaz­i ami kawakhulum­i nomakhalek­hukhwini phambi kwami, wa-phuma wakhuluma nalowo owa-yemshayele ucingo.

"Kwadlula isikhashan­a wabuyela endlini, wangitshel­a ukuthi uyabuya kukhona lapho aya khona.

"Watshela udadewabo ukuthi angakhiyi ngoba uzobuya maduze.

"Sahamba sayolala nodadewabo. Savuka ekuseni ngayobheka egunjini lakhe, ngafica ingane kadadewabo encane, yangitshel­a ukuthi akabuyanga.

"Samshayela ucingo lwakhala lwangaphen­dulwa. Ngaphindel­a egunjini lakhe ngiyobheka ukuthi ngabe akazithath­anga yini izimpahla wahamba.

Ngafika zonke zikhona ziphelele.

"Ngaba nokusola ukuthi kukhona okungahamb­i kahle.

"Okwakwenza ngisole wukuthi yena uma umshayele ucingo wangaphend­ula, uyabuyela kuwena. Ngisho evakashile engeke abuye ekhaya, uyasishaye­la ucingo.

Kuthe ngoLwesine (olwedlule) ngabona izingane zibuka komunye umuzi ongasahlal­i muntu, oseduze kwakwami.

"Ngitshele umfana wami ukuba ayobheka ukuthi kwenzekani.

"Ubuye wangitshel­a ukuthi kubukwa isidumbu sikaThuli.

"Ngiphuthum­e khona, ngafika indodakazi yami ilele, isafake izimpahla eyaphuma izigqokile,” kusho yena.

“Ngiyacela ukuba owabona noma owaziyo ukuthi kwenzekani, axhumane namaphoyis­a ngoba umuzi atholakala kuwona kawuhlali muntu,” kusho yena.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCol Thembeka Mbhele, uthe kuvulwe icala lokubulala, bekungakab­oshwa muntu.

 ?? ?? YIYONA le ndlu engahlali muntu okutholaka­le kuyona isidumbu sikaNkz Thuli Sithebe sesiqala ukonakala.
YIYONA le ndlu engahlali muntu okutholaka­le kuyona isidumbu sikaNkz Thuli Sithebe sesiqala ukonakala.
 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa