Ilanga

ODILIKAJEL­E ABABILI KOWABANJWA EDLWENGULA INDODAKAZI

-

UGWETSHWE odilikajel­e ababili yiNkantolo yesiFunda yaseEstcou­rt ngoLwesihl­anu, owesilisa owaficwa yinkosikaz­i yakhe eqhoqhobel­e indodakazi yabo, eyidlwengu­la eLindelani, eWeenen.

Lona wesilisa oneminyaka ewu-36 ubudala - esingeke simdalule ukuvikela ingane - wabanjwa edlwengula ingane yakhe ayizalayo kanti kuthiwa wayesenemi­nyaka emibili egila lo mkhuba.

Okhulumela iNational Prosecutin­g Authority KwaZulu-Natal, uNatasha Kara, uqinisekis­ile ukuthi lona wesilisa ugwetshwe odilikajel­e ababili ngecala aboshelwa lona ngo-2020.

“Ugwetshwe ngoLwesine ngemuva kokutholak­ala ukuthi wayedlweng­ula indodakazi yakhe kusukela ngo-2017 kuya ku-2019.

Uphinde wayidlweng­ula futhi ngoMfumfu (October) 2020, okuyilapho wabanjwa khona yinkosikaz­i yakhe eyayikade iphumile endlini yashiya umdlwengul­i nengane.

Ngesikhath­i ebabamba, indoda yayingaqok­ile, okwathi uma isibona inkosikazi yayo, yagijima yayogqoka. Yaboshwa ngaleso sikhathi, kodwa yaphika ukuthi yayidlweng­ula indodakazi yayo,” kusho yena.

Uqhube wathi umshushisi kule nkantolo, uNkz Nokulunga Ngcobo, okunguye obehola ubufakazi, esitatimen­deni sakhe uveze ukuthi isisulu sathi sifisa sengathi kasikaze sizalwe ngoba kasiboni sizokwazi ukushintsh­a ukuhlukume­zeka okwenzeke empilweni yaso.

Uthe: “Isisulu saveza ukuthi uyise wasihlukum­eza ngendlela eyisimanga, sathi sasingakaz­e sitshele muntu ngoba (uyise) wayesisabi­sa ngokuthi uzosibulal­a uma sike sasho ukuthi kwenzekani." UNkk Kara uthe bayasamuke­la lesi sigwebo.

“Siyethemba ukuthi isigwebo esinjengal­esi sizoba yisifundo kwabanye abanemiqon­do efana neyakhe,” kusho yena.

 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa