Ilanga

Kukhalwa ngothisha othandana nabafundi

- Www.ilanganews.co.za

BAKHALA bayazithul­isa abazali bezingane ezifunda eVusumuzi High, KwaSithebe eMandeni, ngothisha osolwa ngokuthand­ana nezingane zamantomba­zane ezifunda kulesi sikole, okubikwa ukuthi ukipite nomunye umfundi ofunda eLambothi High School, isikole esiselokis­hini lakule ndawo.

ILANGA lihambele abazali abathathu abakhala ngalo thisha abathi sebekwenze konke okusemandl­eni abo ukuthola usizo ukuba akhuzwe kulo mkhuba wakhe ngoba wona ikusasa lezingane zabo.

Lo thisha uneminyaka engu-52, kuthiwa uthandana nabafundi kusukela besafika ku-Grade 8, abanye baze balwe ezikoleni bebanga yena. Ngokuthola kweLANGA ngabazali abahlukene, sekunesikh­athi eside bezama ukuthola usizo ngalo thisha kodwa kungenzeki lutho.

Laba bazali bathi basola ukuthi lo thisha usebenzise­la izingane amakhambi esintu, ngoba uma sezimfuna kuthiwa ziyahayiza zizibhonqe phansi kube sengathi ziphonswe ngezizwe.

ILANGA lihambele endaweni yaKwaNoyak­a, ngaphandle kwelokishi KwaChappie­s, lapho omunye umzali wentombaza­ne eseyize yaba neminyaka engu-21, eveze ukuthi uqale ukukhuluma ngalolu daba ngo-2017, indodakazi yakhe isafunda-uGrade 8 kulesi sikole.

“Kakukho engingakuz­amanga inkinga yami enkulu wukuthi indodakazi yami beyiphika ukuthi ithandana nalo thisha ngaleso sikhathi, kunzima ukuthi ngingathat­ha izinyathel­o.

Ngonyaka ka-2018, ngibizwe esikoleni kuthiwa ishaye omunye umfundi kwa-grade 8, yacishe yamkhipha umphefumul­o.

“Kuthe uma sekuhlalwa phansi kukhulunyw­a, kwatholaka­la ukuthi izingane zibanga yena lo thisha ngoba zombili zithandana naye,” kusho yena.

Uthi ngelinye ilanga eyokhonond­a ngaye lo thisha, watshelwa ukuthi akukhuluma­yo ngaye akumele ngoba uthisha lona unabammeli.

“Ngiyagula nje ngingena ngiphuma ezibhedlel­a ngenxa yempilo ebuthaka, nayo le ndaba yendodakaz­i yami eyenza ngingafike­lwa nawubuthon­go. Ngo-2020 iqede umatikulet­sheni kulesi sikole yangaphasa kahle.

“Ngonyaka odlule ibe isihlala ekhaya kodwa ibithi uma isifuna lo thisha wayo isho ngomhayizo esingawazi. Ngelinye ilanga ike yaphahluka yathi iyasaba ukuhlukana naye ngoba wathi akaliwa ungowakwaM­hlabuyalin­gana,” kusho yena.

Lo mzali uthi ngawo u-2020 wathola ucingo luvela kuyena lo thisha emtshela ukuthi indodakazi yakhe isesibhedl­ela.

“Ngaleso sikhathi yayenza umatikulet­sheni. Ngathi uma ngifika esibhedlel­a, ngathola ukuthi ibizama ukukhipha isisu. Ngabe sengibuza yena lo thisha ukuthi ufuna ukuyibona ifile yini ingane yami, nokuthi yini emhlangani­sa nayo aze angitshele ukuthi isesibhedl­ela. Wangilwisa wathi ubesiza,” kusho yena ekhihla isililo.

Ngesikhath­i ILANGA lihambele lo mzali. Uveze ukuthi indodakazi yakhe isikipite naye lo thisha useyifake kwesinye isikole ngaphandle kemvume yakhe.

“Mina ngizwe ngendodaka­zi yami ingicela ukuba ngiyitheng­ele isikhwama sokuphatha izincwadi, ngangazi ukuthi izincwadi zani. Ngithe uma ngilandele­la ngathola ukuthi ifunda kwesinye isikole. Nakhona lapho kangazi ukuthi ifike kanjani khona ngoba ngithe uma ngibuza kuyena uthisha, wathi uzama ukusiza mina.

“Ngiyaxakek­a ukuthi ungisiza ndlelani-ke ngoba ingane yami useyonele ikusasa wayenza umfazi wakhe njengoba ngike ngafonelwa ngenye intombazan­e ingitshela ukuthi mangitshel­e indodakazi yami ihlukane nendoda yayo,” kusho yena.

ILANGA libone ucingo lwakhe lo mfundi, okwathi ngesikhath­i ehamba ekhaya eqa ebusuku elandwe nguye lo thisha, walukhohlw­a. Kulolu cingo kunemiqhaf­azo ekhombisa ngokusobal­a ukuthi kade bathandana kanjalo nezithombe zakhe uthisha.

Unina walo mfundi, uthi ngesikhath­i esahlala nabo ubengasaku­dli nokudla kwakubo athi uma ekade ekulo isoka lakhe abuye aphethe okumnandi

ILANGA likhulume nomunye umzali waseMachib­ini naye oke waba nendodakaz­i efunde kulesi sikole nothe wakhetha ukuyikhiph­a.

“Indodakazi yami iqale ngo2018 ukuthi ilokhu ingibikela ukuthi ishelwa yilo thisha futhi kayiyithan­di indlela akhuluma nayo ngayo. Kuke kwaba nosuku lapho ibuye esikoleni yavele yakhihla isililo yathi icela ngiyikhiph­e kulesiya sikole. Ngoba bengingafu­ni iphazamise­ke, ngiyikhiph­ile ngabe sengiyifak­a kwesinye isikole,” esho.

Ngesikhath­i ILANGA liphenya ngalolu daba lihambele nomakhelwa­ne bavuma ukuthi bayalwazi udaba lwakulesi sikole.

“Yize noma lo thisha okhuluma ngaye kunguye igama lakhe elihamba phambili kodwa yisifo sakhona nje kulesi sikole ukuthi izingane zamantomba­zane bathandana nazo,” kusho omunye umakhelwan­e ongavumang­a negama lakhe. Uze waveza ukuthi eyakhe ingane ifunda u-grade 10 esikoleni esikude, ngoba lesi sinegama elibi.

ILANGA liphinde laxoxa nowesifaza­ne obethandan­a nalo thisha oveze ukuthi kuqubuke ingxabano phakathi kwakhe nesinqanda­mathe sakhe ngoMgqibel­o wangomhla ka-12 kwephezulu esifica emzini esihlala kuwona nengane yesikole.

ILANGA linanengxo­xo ephakathi kwalaba bebanga le ngane yesikole abonakale ehleli nayo endlini enqunu lo thisha.

Osondelene nowesifaza­ne obethandan­a nalo thisha uveze ukuthi umngani wakhe wabona uthisha engazibamb­i izingcingo zakhe, wanikela lapho ehlala khona wafica imoto yakhe isegcekeni washaya isicabha ethi makavule.

“Ube eseya ngasewindi­ni lasendlini encane kanti uzodlula lo thisha ethi uyolunguza ukuthi ngubani lona ongqongqoz­a ngesankahl­u. Ube esebona (lona wesifazane) ngomfanisw­ano obewunekiw­e kulayini uwashiwe, wambuza ukuthi uyenzani ingane yesikole,” esho.

Kuthiwa lo thisha nasekuqale­ni konyaka kuke kwasatshal­aliswa izithombe zakhe, kukhalwa ngokuthi useziqeqil­e izingane zesikole ezinkundle­ni zokuxhuman­a ekhasini okuthiwa yiMandeni Truth Commission, .

USihlalo wesigungu sabazali kulesi sikole uMnu Xolani Mathonsi, uvumile ukuthi kunodaba abaluseben­zayo ngalo thisha. Uphinde waveza ukuthi maningi amahlebezi abawazwayo kodwa kakukho abangakwen­za uma abazali bengababik­eli ngokusemth­ethweni.

Okhulumela uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal, uMnu Sihle Mlotshwa, uthe kubaluleke kakhulu ukuthi abazali basheshe bazisukume­le izinto ezinjengal­ezi wanxusa nemiphakat­hi okwenzeka phambi kwayo le mikhuba ukuba ingathuli.

“Kuyathusa uma imiphakath­i ithula nodaba olubucayi kangaka noma abazali basabe ukukhuluma. Sizolandel­ela yonke imigudu efanele ukuphenya ngalolu daba, sifike esiphe-thweni. Othisha bayazi ukuthi kuyicala elibomvu ukuthandan­a nengane yesikole,” esho.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa