UBANJISWE WUKUQHOLOSHA NAMAFONI OKWEBIWA OSOLWA NGOKUSHISA ISIKOLE
BABUYELE emakhaya belambatha, bengayitholanga imiphumela yokuphela kwesigaba sokuqala sonyaka abafundi baseNdabakazibuzwa High, KwaMnyamana, eBulwer, kulandela ukushiswa kwesikole ngoLwesine ekuseni.
Kushe amagumbi amabili okuhlala othisha, ngesikhathi kusha bekukhona nemiphumela yabafundi obekumele bayithole ngoLwesihlanu kuvalwa izikole.
ILANGA lithole ukuthi emini ngosuku lwesehlakalo kubanjwe owesilisa okuthiwa ubeqholosha emigwaqeni KwaVoyizane, ejabulela ukuphatha omafoni amabili abesegumbini lothisha, okuthiwa ngawabafundi abebegcinelwe wona, njengoba bengavumelekile ukuwaphatha esikoleni.
Kuthiwa amalungu omphakathi athinte amaphoyisa esiteshi saseBulwer afica umsolwa esesitobhini elinde itekisi ephethe isikhwama ebesigcwele ijezi lebhola lokudlala abafundi, waboshwa.
UMnu Vusi Mthembu, oyikhansela lendawo, usigxekile isenzo sokushiswa kwesikole, ethi balindele amaphoyisa asebenze ngamandla ukuze kujeze umsolwa.
“Lokhu sikuthatha njengokudicilela phansi ikusasa lezingane zabantu abamnyama. Kasifisi ukuthi kuphinde kwenzeke endaweni yethu, kusifakela amahloni ngoba lesi sikole besisanda kulungiswa ngezimali ezishisiwe,” usho kanje.
USihlalo wesigungu sabazali esilawula isikole uMnu Mlindelwa Ngubane, utshele ILANGA ukuthi bagqemeke engeqiwa ntwala ngokushiswa kwesikole. Uthe lamagumbi amabili ashisiwe ngabaluleke kakhulu njengoba eyinhliziyo yokusebenza kwesikole.
“Kusize abantu abahlabe umkhosi bebona ikloba lomlilo kusha isikole. Siphuthume sathinta nabezicishamlilo bakwamasipala basilekelela ukucisha umlilo. Ngabe sikhuluma ukuthi isikole sishe sonke ukuba kasizange sisukume, nomphakathi wasilekelela ukucisha umlilo. Sesizoshiyela emaphoyiseni ukuthi enze umsebenzi wawo ukuze bajeze abathintekayo ekushisweni kwesikole,” kusho yena.
UColonel Thembeka Mbhele, okhulumela amaphoyisa KwaZuluNatal, usiqinisekisile isehlakalo sokugqekezwa kwesikole sabe sesithungelwa ngomlilo.
“Amaphoyisa aseDonnybrook, abophe owesilisa oneminyaka ewu-21 otholakale namafoni amahlanu okusolakala ukuthi athathwe esikoleni nesikhwama ebesinejezi lesikole lokudlala ibhola. Umsolwa uzovela namhlanje ngoMsombuluko, eNkantolo yeMantshi eHlanganani, eBulwer,” kusho uColonel Mbhele.
Okhulumela uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal, uMnu Muzi Mahlambi, ubonge umphakathi ngokuthinta amaphoyisa ngabebekusola okuholele ekuboshweni komsolwa.
“Okwenziwe ngumphakathi ngokubiza amaphoyisa kuyizinkomba zokuthi kawukubekezeleli ukubona abantu bedlalela ezakhiweni zikahulumeni. Sizoba khona enkantolo ngoMsombuluko ukuzophikisa isicelo sebheyili ,” kuphetha uMnu Mahlambi.