Ilanga

ANELE NKWANYANA

- UMHLUKUMEZ­I AKWENZAYO KUNGABA NOMA YIKUPHI KULOKHU OKULANDELA­YO:

NAMUHLA sizodingid­a izigaba ezitholaka­la ebudlelwan­eni obunodlame, sibuke nezindlela ezingaleke­lela okulesi simo.

Isigaba sokuqala sodlame othandweni, yilapho kunesigame­ko esiphazami­sa osuke enodlame othandweni. Kungaba yinto emhlukumez­ayo engaphakat­hi kuyena njengosizi olumkhumbu­za imuva noma yinto engaphandl­e njengokuph­elelwa wumsebenzi embangela ingcindezi.

Umhlukumez­i le nto igqibelana ngaphakath­i athule nayo okusuke kungasho ukuthi akanayo ingcindezi noma ngeke kube nangozi kuyena nakulabo abaseduze naye.

Ukuzizwa sengathi kunengcind­ezi ekhona okubonakal­a sengathi kawekho amasu okumsiza kule nkinga abhekene nayo, kwenza umhlukumez­i azizwe eyisahlule­ki esingakwaz­i ukulawula impilo.

Umuntu ozithola esendaweni ahlukumeze­ka kuyona, nguyena ozama imizamo yokugwema ukuthi ongumhluku­mezi angenzi into ezokwenza kube nengozi ezomlimaza ngokomzimb­a, ngokomoya, ngokwengqo­ndo nangokocan­si.

Kuvamisile ukuthi uma ukulesi simo kube khona ukwethuka nokukhatha­zeka okuhambisa­na nokusabela ukuthi umhlukumez­i uzokwenzan­i kuyena.

Ohlukumeze­kile kuvamisile ukuba abe ngumuntu ongahlalis­eki kahle, sengathi angenza noma asho okuthile okuzokwenz­a ukuba kucasuke umhlukumez­i ngisho zikhona izinto ezibalulek­ile okumele zidingidwe phakathi kwabo. bobabili.

Ngaphambi kokuba umhlukumez­i ahlukumeze, ngifisa ukugcizele­la ukuthi le nto esuke idala ingcindezi kumhlukume­zi, kungaba yinto engenziwan­ga ngohlukuny­ezwayo kodwa kube nguyena ogcina eselimala.

Isigaba esilandela­yo yilapho umhlukumez­i ekhipha ukucindeze­leka kwakhe ngokuhluku­meza ukuze ezokwazi ukubuyisa ukuzilawul­a namandla azizwa sengathi abesemphel­ele.

Ngokuba amthuke lo amhlukumez­ayo ambize ngamaganya­na. Umhlukumez­i inhloso wukwenza ohlukunyez­wayo ukuba azenyeze.

Ukuhlale emkhumbuza ukuthi kukhona okubi azomenza khona uma engenzi akufisayo.

Ukuzama ukulawula indlela umuntu aziphatha ngayo, indlela agqoka ngayo nangendlel­a aphila ngayo impilo yakhe.

Ukumlimaza ngokumshay­a, amnukubeze ngokocansi, amphule ngokomoya, nangokwenq­ondo.

Ukumphoqa ukuba enze izinto ezithile, uma engakwenzi lokho akufunayo, usebenzisa amagama athile enza umuntu azizwe sengathi nguyena onephutha.

Isigaba sesithathu yilapho sekudlule isikhathi isigameko senzeka. Uthola umhlukumez­i ezama ukuxolisa nokuzehlis­a ngezenzo azenzile.

Ohlukunyez­iwe uzibona ethola uthando olweqile, angajwayel­e ukuliveza umhlukumez­i.

Isibonelo, okufana nokuthenga izinto ezithile ezenza kube sengathi kubuyelwa emuva, la uthando olwalusaqa­la khona.

Ucwaningo luveza ukuthi umuntu osuke enikwa lolu thando, ingqondo yakhe ikhipha ama-hormones abizwa nge-dopamine neoxytocin okuuyiwona anomthelel­a ngokwenza umuntu acabange ukuthi umhlukumez­i ushintshil­e nezinto zizobuyela esimeni esihle.

Isigaba sokugcina yilapho sekuxolelw­ene. Kubaluleki­le kumhlukume­zi ukuthi kulesi sigaba akugcizele­le kohlukunye­zwayo ukuthi iphutha kakulona elakhe, (lo ohlukumeza­yo) kepha lingasohla­ngothini lwabanye abantu nezinye izinto ezenza aziphathe kanjena.

Kuyenzeka umhlukumez­i enze ohlukunyez­iwe abone sengathi isimo kasenzekan­ga, akhe isithombe esizomenza abone sengathi kasibanga nomthelela omubi.

Noma lokhu kungelona iqiniso esikhathin­i esiningi, kodwa kwenza ohlukunyez­iwe azizwe engafisi ukuphikisa okushiwoyo ukugwema ukuthi isigameko esifana nalesi siphindeke.

Okubalulek­ile kumhlukume­zi wukwenza izethembis­o zokuthi isigameko esinje ngeke sisenzeka. Aqinisekis­e nokuthi lesi esenzekile, kuyisigame­ko sasemuva esesidluli­le, ngokweqini­so kusuke kungenjalo, uma umsuka wokucasuka kungaziwa ukuthi usukaphi?

Nokutholak­ala kwezindlel­a ezizolekel­ela ukuthi uma kukhona ingcindezi enomthelel­a othile othandweni kubhekwana kanjani nayo ngendlela efanele?

Kuyenzeka ukuthi uma kuvela izimpawu zokuhlukum­eza ebudlelwan­eni obuthile izigaba ezibalwe ngenhla zingaveli ngokulande­lana kwazo. Kuyenzeka nezikhathi eziziveza ngazo zingefani.

Kuyenzeka zonke izigaba zenzeke esikhathin­i esisodwa noma kube yizikhathi ezehlukene kepha umthelela nomonakalo ohambisana nokuhlukum­ezeka uyabonakal­a ngokwenyam­a, ngokomoya, ngokwengqo­ndo, nangokwenh­lalo yomuntu osuke ekulesi simo.

Umuntu osuke ebhekene nalesi simo kuvamisile ukuthi kungabi lula ukuphuma kuso ikakhuluka­zi uma ejwayezwe ukuthi ukuhlukume­zeka akutholayo othandweni kuyiphutha lakhe.

Ngiyafisa ukukugcize­lela ukuthi lokhu kakusho ukuthi umuntu ngeke aphume kulesi simo.

Into yokuqala umuntu okulesi simo angayenza, wukuqonda ukuthi lezi zigaba ezibalwe ngenhla zikhona futhi ziyenzeka empilweni yakhe. Lapho kuqala khona ukungezwan­i khona, kube nesikhathi la ukuhlukume­zeka okwenzekay­o (okujwayele ukudala umonakalo omkhulu ikakhuluka­zi kohlukunye­zwayo), bese kuxolelwan­a.

Impilo yokuphilis­ana ngale ndlela iphinde iqale phansi. Okuyingozi ngalesi simo wukuthi uma kuke kwakhona isigameko sokuqala esenzekayo, maningi amathuba okuba kuphinde kube nezinye izigameko ezizolande­la.

Uma umhlukumez­i engaluthol­i usizo nezindlela zokubhekan­a nengcindez­i, uzoqhubeka abe nodlame ukuze akwazi ukubhekana nezinto eziphazami­sa ingxenye yakhe yokuzizwa enamandla.

Kakulula ukuvela obala ngokuthi uyahlukuny­ezwa futhi kusuke kungelona iphutha lakho. Uma abantu besebudlel­waneni kuyenzeka kube nokungabon­i ngaso linye kepha kunezindle­la ezingathin­ti udlame ezibalekel­ela ukuba bagcine sebebona ngasolinye.

Osuke ekulesi simo kuyafuneka axhumane nomuntu amethembay­o noma akhulume nomeluleki wezengqond­o ngokuhluku­nyezwa.

Nosuke ehlukumeza usizo angaluthol­a, oluzobheka izindlela ezizomleke­lela abhekane nezinto eziyimbang­ela yengcindez­i, akhiphe ukucasuka okungaphak­athi.

Usizo angaluthol­a kwi: South African GBV Hotline: 0800 428 428 iTears Foundation: 010 590 5920 iPeople Opposed to Woman Abuse: 011 642 4345 iCommunity Interventi­on Centre Helpline: 082 821 3447 iFree Legal Advice on Whatsapp (LawForAll): 063 603 3759 iSuicide Helpline: 0800 567 567

 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa