Ilanga

UMPHATHI OMUSHA WE-DCMH NOSHINTSHO LOKUQEDA IZIKWELETU

-

UZIMISELE ukusebenza kanzima osethathe isikhundla sokuba yiCEO, esikhungwe­ni esibhekele­la abakhubaze­ke ngokwengqo­ndo, iDurban and Coastal Mental Health (DCMH), esike saba sematheni kusolwa abaphathi baso nebhodi elisengame­le ngokuxhaph­aza imali, obekwenza abadinga usizo kusona bangasizak­ali kahle.

UMnu Mbonisi Sibisi (38), waseBhamsh­ela, eNdwedwe, uqokwe esikhundle­ni sokwengame­la kuqala unyaka ngemuva kokuphuma kukaMnu Lungisani Mthiyane.

Kulezi zinyanga ezintathu engenile kulesi sikhundla, uMnu Sibisi uthi kuningi asekufundi­le ngokuphath­wa kwesikhung­o esisebenzi­sa imali engaphezul­u kuka-R50 million ngonyaka.

Uthe ubengakaze aphathe isikhundla esingaka emkhakheni wezempilo, ukuba kusona uthi kumvula amehlo. Usithathe ewazi umthwalo waso athi uzimisele ngokuwuthw­ala ukuze kube noshintsho.

Lesi sikhungo siphila ngokunikez­elwa imali nguMnyango wezeMpilo, ngowokuThu­thukiswa koMphakath­i no-Sassa (okusuke kuyimali yeziguli ezisuke zigcinwe kusona ngemuva kokutholak­ala ukuthi sekumele ziphile ngesibonel­elo).

UMnu Sibisi, uthi yize engenaso isipiliyon­i esiningi kulo mkhakha, kodwa uneziqu zokumaketh­a nokuphatha, okumsiza ekutheni akwazi ukuqala ngokulungi­sa izinkinga zezikwelet­u ebeziba ngaphezu kwamandla.

Le nsizwa iqede umatikulet­sheni eStanger High, ngo-2002, yabe isidlulela e-University of KwaZulu-Natal, yathola iziqu ze-B.Comm in Marketing and Management. Ngo-2007 isebenzele inkampani yezokumbiw­a phansi, iBHP Billiton, eseRichard’s Bay, iyiMarketi­ng Manager.

Ngo-2011 isebenzele inyunyana iNumsa ingumdidiy­eli esifundeni iMgungundl­ovu, yashiya ngo-2015.

“Ngijoyine inhlangano engenzi inzuzo kaDkt. Zweli Mkhize, Ikusasa Le Afrika Foundation, ngibhekele­le ukusebenza kwezinhlel­o ezahlukene. Ngisebenzi­sane nalesi sikhungo (iDCMH) nehhovisi laso eliseMaoti, ngakha ubudlelwan­o naso.

"Noma kunjalo angikaze ngicabange ukuthi ngingagcin­a ngengamele lesi sikhungo,” kusho yena.

Njengoba engamele iDCMH, kumele alwele amalungelo abantu abakhubaze­ke ngokwengqo­ndo (mental disabiliti­es).

Uthi umsebenzi walesi sikhungo wukunakeke­la nokuvikela abakhubaze­ke ngokwengqo­ndo. Bathatha abantwana abasebanca­ne kuze kuyofika kwabanemin­yaka engu-60.

“Nokukhubaz­eka kwehlukene kodwa thina siphakathi nendawo noMnyango wezeMpilo nalabo abakhubaze­kie ngokwengqo­ndo abadinga ukunakekel­wa okwahluken­e. "Lapha kasinabo abaphazami­seke ngendlela yokuthi sekungathi­wa bayahlanya (mentally disturbed) ngoba labo banezibhed­lela abagcinwa kuzona. Thina sibhekelel­a abaxinekil­e, abanye abangenayo imindeni engababhek­a. Phakathi kwabo kukhona abadla amaphilisi okuwumsebe­nzi wosonhlala­kahle bethu ukuqinisek­isa ukuthi badla amaphilisi abo ngesikhath­i esifanele.

"Lesi sikhungo kakusona esokuthi isiguli sizohlala kusona isikhathi eside kakhulu, kepha kungaba yisikhathi esingangem­inyaka emibili nje kuphela bese sibuyela ekhaya,” kusho uMnu Sibisi.

Uthi banazo iziguli ezigcina zihlala isikhathi eside ngoba eminye imindeni iyaziyekel­ela, ingabe isazihluph­a ngokuba nobudlelwa­no nazo.

"Kubaluleki­le ukuthi izihlobo zingabalah­li abagulayo ngoba ngesikhath­i begcinwe lapha, basuke bengalahli­we.

"Ukusondela­na nosonhlala­kahle nabahlengi­kazi besikhungo kuyasiza ukuthola ukuthi yini abangayenz­a ukulekelel­a isiguli ukusheshe silulame.

"Ngenhlanhl­a kuyacaca ukuthi abantu abaningi sebeyakwaz­i manje ukufuna usizo uma benezifo ezahlukene ezithinta ingqondo njengoba isikhungo sibhekelel­a abantu abangamaph­esenti angu75 abamnyama.

“Kuqala bekufihlwa kube sengathi lowo muntu uthakathiw­e kube kuwukukhub­azeka ngokwengqo­ndo. Ukubona abantu besukumela izihlobo zabo ukuba zithole usizo kusinika ithemba ukuthi sesiyazifu­ndisa ngezifo ezinjengal­ezi,” kusho yena.

Phakathi kwezinto athi ufuna ukugxila kuzona njengompha­thi omusha, wukubuyisa isithunzi sesikhungo, ukuzama ukwehlisa izikweletu isikhungo esibhekene nazo, wukuzama ukuqoqa iminikelo ezinhlaken­i ezahlukene ukubalekel­ela, nokukhutha­za izisebenzi ukusebenza zizikhandl­e.

“Ngiyazi bekukhona izingqinam­ba phambilini engingeke ngiziphike kodwa-ke kubaluleki­le ukuthi siqhamuke nesixazulu­lo esizosiyis­a phambili. Ngeke kusasiza ukucasha ngesithuph­a kodwa kufuneka isikhungo senze umsebenzi waso, sinikezele ngosizo kwabaludin­gayo siphinde sibe ngesihloni­phekile," kusho yena.

"Uma iziguli zingena esangweni lethu zisuke zizofuna usizo nokuphila, okuwumsebe­nzi wethu ukuqinisek­isa ukuthi ziphephile, zikhathi zonke,” kusho yena.

Uthi luselude ukhalo okumele luhanjwe wuhulumeni uma kukhulunyw­a ngezifo zengqondo njengoba ngisho kuthulwa izinkulumo zokuyisa izwe phambili, kakukhulun­ywa ngemali ebekwa eceleni ukubhekele­la abagula ngengqondo.

Uthi abantu abakhubaze­ke ngokwengqo­ndo uma besagcinwe kulesi sikhungo, imali yabo yesibonele­lo ingena kusona kuthi uma sebephilil­e baphume, bese imali yabo ingena ngqo kubona.

Lesi sikhungo sineziguli ezilingani­selwa ku-341, sinabasebe­nzi abangu-140, kuhlangani­sa osonhlalak­ahle abawu-20 nabahlengi­kazi ababili.

Ezintweni uMnu Sibisi athi uzishintsh­ile, yizivumelw­ano nezinkonti­leka ebezifaka isikhungo ezikweleti­ni, ukuqashwa kwaso (security), abaphekayo nokunye.

 ?? ISITHOMBE NGU: JOHN HLONGWA ?? UMNU Mbonisi Sibisi ongumphath­i omusha wesikhungo i-Durban and Coastal Mental Health (DCMH), esiseSherw­ood, eThekwini.
ISITHOMBE NGU: JOHN HLONGWA UMNU Mbonisi Sibisi ongumphath­i omusha wesikhungo i-Durban and Coastal Mental Health (DCMH), esiseSherw­ood, eThekwini.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa