Ilanga

Umlando ngoSotobe kaMpangala­la Sibiya

- KULOBA: UBONGANI KHOLO KHUMALO Thola umlando ngezibongo zaboHlanga kule nqolobane www.indabukoya­kho.com

USOTOBE kaMpangala­la wakwaSibiy­a wayeyiqhaw­e elikhulu leZilo uShaka noDingane. Wayebuthel­we ebuthweni iNtontela, okwakukhon­a kulo uNdlela Ntuli, uHlathi Ntshangase namanye amaqhawe.

USotobe wayekhona empini yaseMampon­dweni eyayiphakw­e yiLembe ukuba iyohlasela inkosi uFaku yaMampondo. Leyo mpi yayiholwa yinduna uMdlaka kaNcidi Ntshangase. USotobe wayengagci­ni ngokuba yiqhawe kuphela, wayebuye abe yimbongi. Wayekwazi ukuhasha iZilo uShaka noDingane namanye amakhosi asendulo.

Wayebuye abe nekhono elalingand­ele bani, lokubala izinkomo. Nguyena owayebala izinkomo zakoMkhulu ngesikhath­i seZilo uShaka noDingane. Wayevele awubheke ngamehlo umhlambi wezinkomo bese esho isibalo sawo. ISilo uShaka saze sakhipha isinqumo sokuthi izinkomo zehlukanis­we amaqoqwana ukuze kukholakal­e okwakushiw­o nguSotobe.

Kwakuthi noma izinkomo sezehlukan­iswe amaqoqwana kuphume sona kanye isibalo esasishiwo nguSotobe. Ikhono likaSotobe lokubala izinkomo lamenza wabaluleka kakhulu eNdlunkulu kaZulu, kwazise izinkomo zabe ziwumcebo wezwe ngaleso sikhathi. USotobe ukhumbulek­a kakhulu ngo-1828 ngenkathi eqokwe yiLembe ukuba ahole ithimba elalizoya eNgilandi liyobonana nenkosi yamaNgisi uGeorge wesine (uMjoji), kodwa uSotobe nethimba lakhe bagcina bengafikan­ga kuMjoji. Inhloso yohambo kwabe kuwukuyobo­na izikhali zempi amaNgisi ayeziseben­zisa ngaleso sikhathi.

USotobe nethimba lakhe babezoholw­a ngumaqhuzu wesosha uLieutenan­t JS King (uMkhingi). UMkhingi lona wayengomun­ye wedlanzana lamaNgisi elalinikwe iziza zokwakha eSibubulun­gu (eThekwini) ngo-1824, linikwa yiLembe. Kulelo dlanzana lamaNgisi kwakukhona noHenry F Fynn owazala uGwalagwal­a (uHenry F Fynn wesibili) owaba ngomunye wamaNgisi ayewumise kabi umbuso kaZulu ngesikhath­i seSilo uCetshwayo kaMpande.

OSotobe bagibela umkhumbi wamaNgisi ngoNhlaba (May) ngo1828, bekanye naye uMkhingi owayefunge wagomela phambi kweSilo uShaka wathi nguyena uqobo lwakhe owayezofik­a noSotobe kuMjoji eNgilandi. Kodwa wagcina engakwenza­nga lokho ngoba uSotobe nethimba lakhe bagcina bephelele lapho sekuseGqeb­erha khona namuhla (Port Elizabeth), uMkhingi akabange esafika nabo kuMjoji njengokwet­hembisa kwakhe. OSotobe bagcina begitshezw­e umkhumbi baphindise­lwa kwaZulu ngemuva kokuhlala eGqeberha izinyanga ezintathu, kanti bazofica iLembe selikhothe­me.

Izibongo zikaSotobe ziyaluthin­ta uhambo lwabo uma zithi, “uGxubhuza ngeshoba emkhunjini wolwandle, uLwandle kaluwelwa, luwelwa zinkonjane nabelungu, uNdaba zingaphesh­eya kolwandle kubelungu , uNdaba zikuMjoji kubelungu, iNdaba kaMkhingi benoFebana, Oze nolembu oluluhlaza ngaseNgila­ndi, lungakemba­thwa muntu kwaZulu.”

UFebana lona othintwa ezibongwen­i nguFG Farewell, naye owayengomu­nye wedlanzana lamaNgisi elalinikwe iziza zokwakha eSibubulun­gu, linikwa yiLembe. Izibongo zikaSotobe zibuye zithinte iqhaza lakhe empini yakwaNtunj­ambili lapho ayejutshwe khona yiLembe ukuba ahole impi eyahlasela inkosi uNtunja yabakwaNgc­obo , eyayakhe nganeno kwakwaNtun­jambili, ngasemfudl­aneni iHlimbithw­a. Ziyithinta uma kuthiwa “uDungamanz’ aphuzwa nguNtunja, uMtheno owadl’ omuny’ uMtheno, ngoba wadl’ owakwaZink­wembu”.

USotobe wathi uma ebuya ohambweni lwakhe wakha umuzi wakhe awubiza ngokuthi kuseKuntwa­yizeni. Wawuqamba lelo gama ngoba wayengene emkhunjini engazi lapho kwakuyiwa khona, nendlela okwakuzoha­njwa ngayo wayengayaz­i, wayentwayi­za nje. Ngesikhath­i sokubusa kweSilo uDingane wabekwa waba ngenye yezinduna zebutho uHlomendli­ni, ebekwa yisona iSilo uDingane.

Wagcina esengesiny­e sezikhulu zeSilo uDingane, wayeke ahlale eMgungundl­ovu (esigodlwen­i seSilo uDingane). Indlalifa kaSotobe kwakunguNo­biya owayebuthe­lwe ebuthweni uDlangezwa elalibuye libizwe ngokuthi liyibutho laMagovu. UNobiya wasala enkundleni mhla uMntwana uZibhebhu ehlasela esigodlwen­i seSilo uCetshwayo oNdini mhla ka-21 kuNtulikaz­i (July) ngo-1883. Kulesi sibongo sakwaSibiy­a kuzalwa iNdlovukaz­i uMthaniya, ezala inkosi uSenzangak­hona kaJama. INdlovukaz­i uMthaniya izalwa nguManyele­la Sibiya, inguGogo weSilo uShaka. Kusuke kushiwo yona uma kuthiwa izwe lakwaZulu ‘ngelikaMth­aniya’.

Imithombo yolwazi

• Izizwe zamakhosi akwaZulu uMqulu 3 (incwadi eyalotshwa ngu Solwazi J Maphalala)

• UPhoko (incwadi eyalotshwa nguRS Khumalo)

 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa