Imigomo yokhuvethe kayisibhekeleli isintu namasiko abamnyama
Kuyakhalisa ukuthi ngaphambi komngcwabo ingavunyelwa imilindelo okuyisiko lomuntu ompisholo
UMA kuthiwa kukhona into engeke iphinde ihlonishwe kuleli zwe emuva kwenkululeko yomuntu omnyama, yimikhuba namasiko akhe. Lokhu sekucace kaningi ezintweni zonke ezenzekayo, kuya ngokuya kubulawa amasiko nesintu somuntu omnyama, maqede kuhlonishwe okwezinye izizwe zesatshwe, nezinkolo zazo. Lokhu kucace bha ngesikhathi seCovid-19, kuze kube yingeledlule lapho uMengameli Cyril Ramaphosa ememezele akubize ngokuthi wukuxegisa eminye yemithetho eyengamele iCovid-19, ngokuyalelwa ngososayensi bakhe, abathembe ukwedlula izinto zakubo zesintu. Ngikusho lokhu ngezizathu eziningi esesidlule kuzona.
ICovid-19 ifikile, izwe lalandela amanye ngokuvala thaqa, okwethu kwabuhlungu ngoba kakuzange kubhekelele izinhlanga ezikhona kuleli zwe. Sithathwe wuhulumeni njengabantu ababodwa ngamasiko, isintu, ubuntu nangokwenkolo.
Umuntu omnyama uthathwe wafana nabezizwe abamhlophe, saboshwa ngabhande linye. Kukhona konke okwenziwe, nakuba bekufanele kwenziwe, kukhona lapho kufike kwashaya kwezwela khona. Umuntu omnyama unendlela yakhe yokwenza izinto ngokwesiko nesintu, okungafani nokwezinye izinhlanga ezikhona kuleli.
Isibonelo, ukugodusa nokuphelezela abasuke beshiye imindeni yabo. Ukhuvethe lwenze saboshwa ngabhande linye, kwathiwa wonke umuntu makagoqwe ngoplastiki, kungabi namilindelo, nemingcwabo ihanjelwe ngabambalwa. Umuntu omnyama kusukela emandulo wayenza izinto zakhe ngendlela yethongo nedlozi noyisemkhulu.
Ngokufika kwalesi sifo konke sikuphikisile, okunamhlanje kunabantu abakhala ngezihlobo zabo ezikhalayo, ngoba zahamba ziboshwe ngoplastiki.
Kuze kube namhlanje ethimbeni labebeluleka umengameli, kasazi noma bebekhona abebazi ngesintu namasiko omuntu omnyama, ubulokhu uzwa kukhalwa ngososayensi nezifundiswa ezikhethekile. Silimalile isizwe esimnyama, ithemba kuwukuthi mhlazane kuxegiswa imigomo kuyokuba nokubonelelwa njengazo zonke izinhlaka ezikhona, ezamabhizinisi, ezokuvakasha, ezotshwala, ezokudla nezinye eziningi.
Ngeledlule umengameli umemezele izixegiso, kodwa kukhona konke uqhubekile umuntu omnyama wamcindezela. Itshe lokugcina alibeke phezu kwamahlombe omuntu omnyama kube wukungaxegisi ezintweni ezithinta abantu abasuke besishiyile abazokuba ngamathongo namadlozi ethu kusasa.
Kuyakhalisa ukuthi athi ngaphambi komngcwabo mawungabi khona umlindelo okuyinto yomuntu omnyama, kubuywa emathuneni kwenziwe okwesintu. Kuyefana nokuthi uthi kimina bengiyofihla “inja” isilwane esingelutho. Umlindelo yisiko lomuntu omnyama okwakungeke livele libekhona ukuba lalingenasadingo. Lokhu kuyinkolo yomuntu omnyama, inkolo yase-Afrika, okufanele ithathelwe phezulu njengezinye izinkolo ezikhona kuleli.
Uzokhumbula isifo iCovid-19 sisadlangile, amaphoyisa aholwa nguNgqongqoshe onguMzulu uMnu Bheki Cele, olazi kahle kamhlophe isiko lomuntu omnyama, afika kugayiwe emizini ethize, achitha utshwala, alahla nenyama emcimbini owawenzelwe ithongo, kwahlakazwa. Nanamhlanje lawo maphoyisa kawakaze abizwe, asolwe ngalesi senzo.
Ihlaya elikhulu wukuthi emaphoyiseni enza lokho lalingekho elimhlophe, kungamnyama kuphela, alaziyo ithongo lomuntu omnyama, kodwa abuchitha utshwala ngoba edinga ukunconywa. Kakuphelanga isikhathi esingakanani, aphinda amaphoyisa angenisa ethempeleni labenkolo yobuSulumane, ngezicathulo, endaweni engcwele kwasuka omkhulu umsindo. UMnu Cele otuswa ngokuthi uyasebenza, wagijimisa okomfana owelusa izinkomo zabenkolo yobusulumane, eyoxolisa ebe engazange akwenze kwabakubo abamnyama.
Okwenziwe nguMnu Ramaphosa kakungethusi, ngoba kakadeni akekho umengameli wakuleli engake ngamuzwa ekhuluma ngethongo nobabamkhulu ephalamende, nesintu namasiko omuntu omnyama. Ekwenzeni kwakhe ngokuthi athi esexegisa konke kodwa abeluleki bakhe bangambonisi ngamasiko abamnyama, kuseyiyona inqubo yokucindezela umuntu omnyama nezinto zakhe kuleli zwe.
Okudabukisayo wukuthi sibazi bonke osopolitiki abasebenza ngempande yakwamanye amazwe, abagijima baye kuwona beyolungiselela ukungena ezikhundleni abakuzona namhlanje ekugcineni bashayeke, ngoba basuke begudluze idlozi nethongo labo.
Ukufika kweCovid-19 kwenze ukuba sibone ubuqiniso esinabo, nobuntu esingenabo, ukuphathwa sithi siphethe, ubukhulu bemali okuyiyona ebusa izwe kunokuthi libuswe ngumuntu. Kuvele nokuthi ukuthengiseka komuntu omnyama kungakanani, ngoba kakadeni ubandlululo lwamenza wangafunda kangako, nowafunda wanceliswa ubisi lwemvu kunolwenkomo ukuze ahlale elokhu ethuntubezekile njengalokhu nesizukulwane siyohlale sithuntubezekile.