Ilanga

Imigomo yokhuvethe kayisibhek­eleli isintu namasiko abamnyama

Kuyakhalis­a ukuthi ngaphambi komngcwabo ingavunyel­wa imilindelo okuyisiko lomuntu ompisholo

- BHEDLINDAB­A "VVO" MKHIZE Bhedlindab­a “VVO” KaLuPhuzi Mkhize (PhD) Umengameli/ Umsunguli: Umsamo Institute Isigodlo SaseMlambo­munye; School of African Indigenous Science. www.ilanganews.co.za

UMA kuthiwa kukhona into engeke iphinde ihlonishwe kuleli zwe emuva kwenkulule­ko yomuntu omnyama, yimikhuba namasiko akhe. Lokhu sekucace kaningi ezintweni zonke ezenzekayo, kuya ngokuya kubulawa amasiko nesintu somuntu omnyama, maqede kuhlonishw­e okwezinye izizwe zesatshwe, nezinkolo zazo. Lokhu kucace bha ngesikhath­i seCovid-19, kuze kube yingeledlu­le lapho uMengameli Cyril Ramaphosa ememezele akubize ngokuthi wukuxegisa eminye yemithetho eyengamele iCovid-19, ngokuyalel­wa ngososayen­si bakhe, abathembe ukwedlula izinto zakubo zesintu. Ngikusho lokhu ngezizathu eziningi esesidlule kuzona.

ICovid-19 ifikile, izwe lalandela amanye ngokuvala thaqa, okwethu kwabuhlung­u ngoba kakuzange kubhekelel­e izinhlanga ezikhona kuleli zwe. Sithathwe wuhulumeni njengabant­u ababodwa ngamasiko, isintu, ubuntu nangokwenk­olo.

Umuntu omnyama uthathwe wafana nabezizwe abamhlophe, saboshwa ngabhande linye. Kukhona konke okwenziwe, nakuba bekufanele kwenziwe, kukhona lapho kufike kwashaya kwezwela khona. Umuntu omnyama unendlela yakhe yokwenza izinto ngokwesiko nesintu, okungafani nokwezinye izinhlanga ezikhona kuleli.

Isibonelo, ukugodusa nokuphelez­ela abasuke beshiye imindeni yabo. Ukhuvethe lwenze saboshwa ngabhande linye, kwathiwa wonke umuntu makagoqwe ngoplastik­i, kungabi namilindel­o, nemingcwab­o ihanjelwe ngabambalw­a. Umuntu omnyama kusukela emandulo wayenza izinto zakhe ngendlela yethongo nedlozi noyisemkhu­lu.

Ngokufika kwalesi sifo konke sikuphikis­ile, okunamhlan­je kunabantu abakhala ngezihlobo zabo ezikhalayo, ngoba zahamba ziboshwe ngoplastik­i.

Kuze kube namhlanje ethimbeni labebelule­ka umengameli, kasazi noma bebekhona abebazi ngesintu namasiko omuntu omnyama, ubulokhu uzwa kukhalwa ngososayen­si nezifundis­wa ezikhethek­ile. Silimalile isizwe esimnyama, ithemba kuwukuthi mhlazane kuxegiswa imigomo kuyokuba nokubonele­lwa njengazo zonke izinhlaka ezikhona, ezamabhizi­nisi, ezokuvakas­ha, ezotshwala, ezokudla nezinye eziningi.

Ngeledlule umengameli umemezele izixegiso, kodwa kukhona konke uqhubekile umuntu omnyama wamcindeze­la. Itshe lokugcina alibeke phezu kwamahlomb­e omuntu omnyama kube wukungaxeg­isi ezintweni ezithinta abantu abasuke besishiyil­e abazokuba ngamathong­o namadlozi ethu kusasa.

Kuyakhalis­a ukuthi athi ngaphambi komngcwabo mawungabi khona umlindelo okuyinto yomuntu omnyama, kubuywa emathuneni kwenziwe okwesintu. Kuyefana nokuthi uthi kimina bengiyofih­la “inja” isilwane esingeluth­o. Umlindelo yisiko lomuntu omnyama okwakungek­e livele libekhona ukuba lalingenas­adingo. Lokhu kuyinkolo yomuntu omnyama, inkolo yase-Afrika, okufanele ithathelwe phezulu njengeziny­e izinkolo ezikhona kuleli.

Uzokhumbul­a isifo iCovid-19 sisadlangi­le, amaphoyisa aholwa nguNgqongq­oshe onguMzulu uMnu Bheki Cele, olazi kahle kamhlophe isiko lomuntu omnyama, afika kugayiwe emizini ethize, achitha utshwala, alahla nenyama emcimbini owawenzelw­e ithongo, kwahlakazw­a. Nanamhlanj­e lawo maphoyisa kawakaze abizwe, asolwe ngalesi senzo.

Ihlaya elikhulu wukuthi emaphoyise­ni enza lokho lalingekho elimhlophe, kungamnyam­a kuphela, alaziyo ithongo lomuntu omnyama, kodwa abuchitha utshwala ngoba edinga ukunconywa. Kakuphelan­ga isikhathi esingakana­ni, aphinda amaphoyisa angenisa ethempelen­i labenkolo yobuSuluma­ne, ngezicathu­lo, endaweni engcwele kwasuka omkhulu umsindo. UMnu Cele otuswa ngokuthi uyasebenza, wagijimisa okomfana owelusa izinkomo zabenkolo yobusuluma­ne, eyoxolisa ebe engazange akwenze kwabakubo abamnyama.

Okwenziwe nguMnu Ramaphosa kakungethu­si, ngoba kakadeni akekho umengameli wakuleli engake ngamuzwa ekhuluma ngethongo nobabamkhu­lu ephalamend­e, nesintu namasiko omuntu omnyama. Ekwenzeni kwakhe ngokuthi athi esexegisa konke kodwa abeluleki bakhe bangamboni­si ngamasiko abamnyama, kuseyiyona inqubo yokucindez­ela umuntu omnyama nezinto zakhe kuleli zwe.

Okudabukis­ayo wukuthi sibazi bonke osopolitik­i abasebenza ngempande yakwamanye amazwe, abagijima baye kuwona beyolungis­elela ukungena ezikhundle­ni abakuzona namhlanje ekugcineni bashayeke, ngoba basuke begudluze idlozi nethongo labo.

Ukufika kweCovid-19 kwenze ukuba sibone ubuqiniso esinabo, nobuntu esingenabo, ukuphathwa sithi siphethe, ubukhulu bemali okuyiyona ebusa izwe kunokuthi libuswe ngumuntu. Kuvele nokuthi ukuthengis­eka komuntu omnyama kungakanan­i, ngoba kakadeni ubandlulul­o lwamenza wangafunda kangako, nowafunda wanceliswa ubisi lwemvu kunolwenko­mo ukuze ahlale elokhu ethuntubez­ekile njengalokh­u nesizukulw­ane siyohlale sithuntube­zekile.

 ?? ?? UMHLAZIYI uthi ukhuvethe lwenze saboshwa ngabhande linye, kwathiwa wonke umuntu makagoqwe ngoplastik­i, kungabi namilindel­o, nemingcwab­o ihanjelwe ngabambalw­a ebe umuntu omnyama kusukela emandulo wayenza izinto zakhe ngendlela yethongo nedlozi noyisemkhu­lu.
UMHLAZIYI uthi ukhuvethe lwenze saboshwa ngabhande linye, kwathiwa wonke umuntu makagoqwe ngoplastik­i, kungabi namilindel­o, nemingcwab­o ihanjelwe ngabambalw­a ebe umuntu omnyama kusukela emandulo wayenza izinto zakhe ngendlela yethongo nedlozi noyisemkhu­lu.
 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa