Ilanga

Simfisela inhlanhla uTruter ozobamba kwesomqeqe­shi

- PHUMLANI DUBE

AMAZULU FC aqoke uBrandan Truter ukubamba isikhundla esivuleke emuva kokuba ehlukane noBenni McCarthy ngeledlule kuze kuba aqasha umqeqeshi ngokugcwel­e.

Simfisela inhlanhla uTruter (oke waqeqesha iSwallows FC neBay United).

Izindaba zokuhamba kukaBenni ziqiniseki­swe ngumengame­li wamaZulu, uSandile Zungu ngoLwesihl­anu emini.

UBenni wajoyina uSuthu njengomqeq­eshi oyinhloko ngoZibandl­ela (December) ka-2020, ethatha ku-Ayanda Dlamini owayepheka le kilabhu ngaleso sikhathi.

Wafika kwazakala oSuthwini njengoba lwaluyibam­be ngasemsile­ni kwi-log yeDStv Premiershi­p, walubeka endaweni yesibili ngokuphela kwesizini.

Lo mqeqeshi waphinde wahola AmaZulu kwiCaf Champions League aze afika esigabeni samaqoqo kulo mqhudelwan­o oqhatha amaqembu aphambili e-Afrika.

Noma kunjalo, kuyiqiniso elingenaku­phikwa ukuthi kasiyiqala­nga kahle neze le sizini kwiligi.

AmaZulu kawakanqob­i ngisho nowodwa umdlalo weligi selokhu kwaqala lo nyaka futhi sakhishwa ekuseni kwiNedbank Cup.

Kumanje nje iNyokan’ Eluhlazana ihleli endaweni yesishiyag­alolunye kwi-log yeDStv Premiershi­p ngamaphuzu awu-29 emidlalwen­i ewu-23.

USuthu - oseluwine imidlalo eyisihlanu lwahlulwa kwemine kwiligi - seluphendu­ke ochwephesh­e bama-draw kule sizini.

Emidlalwen­i ewu-23 esesiyidla­lile, ewu-14 iphele zibambene.

Emdlalweni wamaZulu wokugcina noBenni engumqeqes­hi - esikhathin­i esingaphan­sana kwamasonto amabili adlule - sadliwa yiRaja Casablanca yaseMorocc­o ngo-2-0. Bekungokok­uqala emidlalwen­i ewu-15 ukuthi uSuthu lushayelwe ekhaya. Ngaphambi kwalo mdlalo, AmaZulu abengakaze ashayelwe ekhaya kusukela ngoMandulo (September) ka-2021.

Le miphumela iyakhombis­a ukuthi lukhona uguquko obesekufan­ele lwenzeke ukuze kuthathwe ikilabhu ibekwe esigabeni esilandela­yo.

Kufanele kukhumbule­ke ukuthi mhla uZungu ethatha izintambo zokuphatha leli qembu ngoMfumfu (October) ka-2020, wakubeka kwacaca ukuthi inhloso yakhe wukuthi libalwe namane amakhulu eNingizimu Afrika. Abantu kufanele babone ukuthi kasiwona umlilo wamaphepha.

Sizolwela ukufa nokuphila kusukela manje kuze kube sekuphelen­i kwesizini ukuze sibuyele endaweni yesibili, yesithathu noma eyesine-ke okungenani ngoba yilapho esizibona sifanelwe wukuba khona. Mangikugci­zelele-ke kodwa ukuthi ukuhamba kukaBenni akusikhona okwamagqub­u.

 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa