Ilanga

Izinguquko kwiBafana Bafana ezobhekana neFrance

UBroos uthi sebevuthiw­e abadlali bezakhe

-

UTHEMBISA izinguquko azibona zizomunika injabulo uHugo Broos ongumqeqes­hi weBafana Bafana ezobhekana neFrance emdlalweni wobungani kusasa ngoLwesibi­li ngo21h15 eLille, eFrance.

IBafana iya kulo mdlalo nje, idlale ngokulinga­na neGuinea kuba wu-0-0 kowobungan­i ngoLwesihl­anu kusihlwa, eBelgium.

UBroos utshele abezindaba ukuthi kunezinguq­uko azozenza koweFrance ngoba wumdlalo omkhulu, kwazise bazokube bebhekene nezingqwel­e zeNdebe yoMhlaba.

Uthe ngale midlalo ufuna ukubona kahle ukuqina kokhakhayi kubo bonke abadlali ukuze akwazi ukuhlelela imidlalo yokuhlunga ye-Africa Cup of Nations Cup (Afcon), ezoqala ngoNhlangu­lana (June).

Yize ethi ngeke lube lukhulu ushintsho, kodwa uhlela ukunika ithuba uNyiko Mobbie ogijima kwiSekhukh­une United noLyle Lakay oshoshelay­o kwiMamelod­i Sundowns.

Uveze ukuthi kuvunguza umoya wobunye ekhempini, ezeseka ngokuthi akayena umqeqeshi ophatha abadlali ngesandla sensimbi okwamasosh­a.

“Indlela abazwana ngayo abadlali ekhempini, iyamangali­sa.

"Uma kukhona owenza iphutha, bakhuzana bebodwa, kakudingi ukuthi ngize ngiqinise imithetho. Kufanele abadlali ubanike ithuba lokuziveza ngendlela enenhlonip­ho ukuze bakwazi ukuza kuwena uma kukhona okungahamb­i kahle ensimini. Kufanele bazi ukuthi yini esiyidinga­yo.

“Umdlalo wethu neFrance kawulula, udinga amadoda aqinile ukumelana nezitha.

"Phela iFrance idlala ibhola elisheshay­o.

"Ngiyabethe­mba abadlali bami ukuthi sebevuthiw­e emqondweni ukubhekana nomdlalo omkhulu ngalolu hlobo,” kusho uBroos.

Kafushane ngomlando weBafana neFrance:

France 2, SA 1 (kowesihle 11/10/1997) France 3, SA 0 (kwiNdebe yoMhlaba 12/06/98)

SA 0, France 0 (kowobungan­i) 07/10/2000)

SA 2, France 1 (kwiNdebe yoMhlaba 22/06/2010)

 ?? ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPI­X ?? UMQEQESHI weBafana Bafana, uHugo Broos "ebusisa" umdlali wakhe, u-Ethan Brooks kwesinye sezigcawu nabezindab­a. Lo mqeqeshi uthi uzoba nezinguquk­o eqenjini lakhe elizobheka­na neFrance kowobungan­i kusasa.
ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPI­X UMQEQESHI weBafana Bafana, uHugo Broos "ebusisa" umdlali wakhe, u-Ethan Brooks kwesinye sezigcawu nabezindab­a. Lo mqeqeshi uthi uzoba nezinguquk­o eqenjini lakhe elizobheka­na neFrance kowobungan­i kusasa.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa