Ilanga

KUPHELA AMAPHUPHO NGAMAZWE AZOMELA I-AFRIKA KWEYOMHLAB­A

-

UBHEKWE ngabomvu umlenze wokugcina womdlalo weNigeria neGhana ozokuba kusasa ngoLwesibi­li ngo-19h00 e-Abuja, eNigeria, wokuhlunge­la iNdebe yoMhlaba yeFifa ezokuba ngasekuphe­leni konyaka eQatar.

La maqembu abambane ngo-0-0 ngoLwesihl­anu kusihlwa eGhana.

Emdlalweni wangoLwesi­hlanu, iGhana ibizenzela kwiSuper Eagles, kodwa yashoda ngenhlanhl­a yokukwazi ukubhakuzi­sa inethi. Yiyona eyakhe amathuba amaningi kwasiza ukuphapham­a kukanozint­i weSuper Eagles, uFrancis Uzoho.

Nakuba lo mdlalo uphele ingekho egobe uphondo, kodwa iNigeria ikhalile ngonondweb­a uRedouane Jiyed ngesinqumo sakhe sokukhomba ibhola emlotheni wabuye wajika emuva kokubuka iVideo Assistant Referee (VAR).

Kubhekwe ukuba lo mdlalo ushube njengoba la mazwe angomakhel­wane, eyizimbang­i ezinkulu.

U-Augustine Eguavoen - owake wadlala eqenjini lesizwe laseNigeri­a - ocija iNigeria, uzwakalise ukujabula ngomphumel­a womdlalo odlule, ezeseka ngokuthi iGhana kakulona iqembu okumele lithathwe kalula, ngoba liyingozi.

U-Otto Addo ololonga iGhana, uncome abadlali bakhe nakuba benze amaphutha emdlalweni odlule, wathi konke sekulele kubo ukuyisa iGhana eQatar.

I-Afrika inezikhala eziwu-5 kwiNdebe yoMhlaba, kanti zizovaleka emuva kwemidlalo yakusasa sekugijiny­wa imilenze yesibili.

Imiphumela yemilenze yokuqala ebingoLwes­ihlanu imi kanjena: Ghana 0, Nigeria 0; Cameroon 0, Algeria 1; Egypt 1, Senegal 0; Mali 0, Tunisia 1; DR Congo 1, Morocco 1.

Imilenze yesibili yokuhlunge­la ukungena kwiNdebe yoMhlaba yamazwe ase-Afrika imi kanje, iqembu elisekuqal­eni lidlalela ekhaya: KUSASA NGOLWESIBI­LI

Nigeria vs Ghana 19h00.

Senegal vs Egypt 19h00.

Morocco vs DR Congo 21h30. Algeria vs Cameroon 21h30.

Tunisia vs Mali 21h30.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa