Ilanga

Ukugijima kumzuzise umfundaze wase-USA

Ukhuthaza intsha ukuzinikel­a kukho konke ekwenzayo

-

UGQUGQUZEL­A ozakwabo ukuba bazimisele kwabakwenz­ayo uFezile Thango (18), wePhantane Athletics Club - kaMdu Khumalo - othole umfundaze wokuyoqhub­a imfundo yakhe eColdy College, e-United States of America (USA).

UFezile utshele ILANGA ukuthi ujabule kakhulu ngokuthola lo mfundaze kwazise uzokwehlis­a umthwalo emahlombe abazali bakhe.

Kumanje lo msubathi wenza uGrade 11 eNtongande High School, eRichards Bay.

Kuzokuthi uma eqeda uGrade 12 akhukhule alibhekise e-USA ukuyokwenz­a iziqu seSport Science.

Uthi uthole lo mfundaze ngosizo lukaKhumal­o, obekuthi njalo uma bejima athathe izithombe nezithombe­mnyakazo (videos) zakhe azifake ezinkundle­ni zokuxhuman­a.

“Ngithe ngizihlale­le ekhaya, ngathola ucingo luphuma kuBrand Johnson wakulo leli kolishi engitshela ukuthi uchazekile ngendlela engigijima ngayo.

Ucele ukuba ngimxhuman­ise nabazali bami, baxoxa bavumelana ngokuthi uma ngiqeda uGrade 12 amabombo ngiwabheki­sa e-USA.

“Ngibonga kakhulu uKhumalo ngokungisi­za. Ukuba akawenzang­a la ma-video, bengingeke ngiluthole lolu sizo.

"Imali yokuya ezikhungwe­ni zemfundo ephakeme seyinkulu kakhulu manje, ukuthola kwami uxhaso kuzowusiza kakhulu umndeni wami.

“Okungijabu­lisa kakhulu wukuthi lapho engiya khona, kukhona uSanele Masondo ongomunye wabagijimi engibaziyo,” kusho uFezile.

Ukhuthaze intsha ukuba izimisele ezintweni ezenzayo.

“Kumele intsha yazi ukuthi ukuzihlang­anisa nento ethile ephusile, kungayivul­ela amathuba amahle empilweni.

"Mina kangikaze ngiphuphe ukuthi ngiyoke ngiyofunda phesheya kwezilwand­le, nokho ngokugijim­a nje kukodwa, sengithole ithuba elikhulu kangaka,” kusho uFezile.

UFezile wenza u-800m no-1500m kanti ngeledlule ubeyingxen­ye yeqembu laKwaZulu-Natal ebeliye emidlalwen­i kazwelonke yamahigh school eGoli.

UZenzile ongunina kaFezile, uthe ujabule kakhulu ngomfundaz­e otholwe yindodakaz­i yakhe.

 ?? ISITHOMBE: SITHUNYELW­E ?? UFEZILE Thango (okwesokudl­a), othole umfundaze wokuyofund­a e-USA, phala wathathwa emi nozakwabo uMbuleli Mathanga ongomunye wabasubath­i abahlonish­wayo eNingizimu Afrika.
ISITHOMBE: SITHUNYELW­E UFEZILE Thango (okwesokudl­a), othole umfundaze wokuyofund­a e-USA, phala wathathwa emi nozakwabo uMbuleli Mathanga ongomunye wabasubath­i abahlonish­wayo eNingizimu Afrika.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa