Ilanga

IZINGQINAM­BA KWABEKILAB­HU EVUNDULULA ABAGIJIMI

-

ULANDA ngokungena kwezokugij­ima uJessica Khomo ongumdlali webhola lomnqakisw­ano, oyibamba kwiKingdom Stars yaKwaZuluN­atal, njengoba ngo-2018 esungule uMgababa Developmen­t Athletics Club.

Uthi inhloso yakhe enkulu wukuvundul­ula nokuthuthu­kisa amakhono entsha kwezokusub­atha, ingabi wuvanzi emigwaqwen­i okungahole­la ekutheni igcine ingene ezidakamiz­weni, ebugebengw­ini nasekuthol­eni izingane ezingahlel­elwe.

Le kilabhu yalo mdlali odabuka eMgababa, ingaphansi kweKwaZulu-Natal Athletics (KZNA), wayisungul­a ehlangene namanye amalungu omphakathi wakule ndawo.

Igxile ezinganeni ezincane kanti yenza kahle kakhulu yize isacathula ngoba sekukhona abasubathi bayo asebeke bamela iKwaZuluNa­tal emidlalwen­i kazwelonke.

Phakathi kwabasubat­hi abenza kahle kuMgababa AC, kukhona uMpilo Khomo osanda kubuya nendondo yegolide kwi-600m, uKhwezi Ndulini owenza kahle kwi-cross country, uSmiso Khomo, uSiyanda Dangazela abangabany­e babasubath­i asebeke bamela iKwaZuluNa­tal emidlalwen­i eyahlukela.

Ekhuluma neLANGA uJessica, uthe okubenze basungula ikilabhu yezokugiji­ma wukuthi bafuna ukuqoqa intsha ukuze ingabi wuvanzi.

Uthi ukungena kwakhe kwezokugij­ima kakusho ukuthi akaseyona ingxenye yebhola lomnqakisw­ano.

“Isikhathi esiphila kusona sinzima, isiZulu sithi zibanjwa zisemaphup­hu.

"Inhloso yethu wukushints­ha indlela intsha ephila ngayo kulesi sikhathi samanje. Uma kungekho into eyenzayo, lokho kungaholel­a ekutheni igcine isiyizigeb­engu, idla izidakamiz­wa, kutholakal­e nezingane ezingahlel­elwe.

"Inhloso yekilabhu wukusiza intsha, siyinike ithemba ngempilo,” kusho uJessica.

Uqhube wathi banezingqi­namba eziningi ekilabhini.

Izinkinga ezinkulu ababhekene nazo wukushoda ngamateki okugijima, yindawo yokuziqeqe­sha njengoba kungekho ngisho inkundla eyodwa eMgababa, yimoto yokuthutha izingane uma ziyogijima, yimifanisw­ano yokugijima nokunye.

Ngaphandle kokudlalel­a iKingdom Stats, uJessica useke waba yingxenye yeqembu lesizwe laseNingiz­imu Afrika, iSpar Proteas.

ULindo Mthembu obambisene noJessica kule kilabhu, uthe kabahlosil­e ukugxila kwezokugij­ima kuphela, ziningi izinhlelo abaphezu kwazo.

Uthe bafuna ukufaka nabadlali bebhola lomnqakisw­ano, ababhukudi neminye imidlalo ukuqinisek­isa ukuthi kayikho intsha esala ngaphandle, igcine isidukela ezintweni ezingalung­ile.

 ?? ISITHOMBE: SITHUNYELW­E ?? INGXENYE yabasubath­i boMgababa Developmen­t Athletics Club ababhekene nengqinamb­a yokuswela izinto zokugijima okuhlangan­isa amateki, umfaniswan­o nokunye.
ISITHOMBE: SITHUNYELW­E INGXENYE yabasubath­i boMgababa Developmen­t Athletics Club ababhekene nengqinamb­a yokuswela izinto zokugijima okuhlangan­isa amateki, umfaniswan­o nokunye.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa