UKHALELA AMANDLA AKHE
UKHALELA amandla akhe eminyaka akha umuzi okuthathe imizuzwana ukuba ushabalale owesifazane ophoqeleke ukuthi afihle ikhanda komakhelwane, emuva kokuba ingxenye yomuzi wakhe igugulwe yizikhukhula ngoMsombuluko.
Uhlengezela izinyembezi uma ekhuluma ngokumehlele uNkz Zanele Nxele, waseThelezini, eMzinyathi. ILANGA limfice ematasa ekhipha izimpahla emzini wakhe asehlale kuwona iminyaka ewu- 7.
Utshele ILANGA ukuthi ingaphezulu kuka R300 000 imali ayikhiphile akha umuzi wakhe kanzima, njengoba ubenesitolo eThekwini abezizamela ngaso ukuze abe namandla okwakho lo muzi. UNkz Nxele, uthi ingaphezu kwewu-20 imizi edilikile kule ndawo ngenxa yemvula ebinamandla ngoMsombuluko.
ILANGA lifike kule ndawo yaseMzinyathi amadoda endawo ematasa, elungisa umgwaqo ongenela kuyona njengoba bekungahambeki.
“Ngifike kule ndawo eminyakeni ewu-7 edlule ngakha kanzima umuzi wami nginesitolo esincane. Imali ebengiyithola esitolo, bengakha umuzi, ngikhulisa nezingane. Okungiphatha kabi wukuthi amandla ami eminyaka ngakha lo muzi ashabalale ngemizuzwana.
“Angazi ukuthi ngizokwakha kuphi manje njengoba umuzi wami ungasekho,” kusho yena. ILANGA lihambele naseNanda, eTafuleni lapho lifice umculi wokholo uThina Zungu namanye amalungu omphakathi bematasa bebheka umonakalo njengoba umgwaqo ongenele kule ndawo ungasabonwa ngenxa yale mvula.
Uthe kusukela ngo-Lwesibili abakwazi ukuphuma njengoba umgwa-qo ugugulekile.
“Ngikhuluma nje kuza iphasika nginezindawo lapho kumele ngiyonandisa khona. Angazi ngizophuma kanjani ngoba izimoto zami zivaleleke ngaphakathi,” esho.
Khona manjalo kushone amalungu amathathu omndeni wakwaButhelezi eMaotana, ngaseVerulam, acindezelwe wudonga ngoMsombuluko ebusuku.
Kushone umama uNkz Dudu Buthelezi (71), yindodakazi uNkz Nelisiwe Buthelezi (35) kanye nomzukulu u-Anita Buthelezi (14), bonke abacindezelwe wudonga ngesikhathi lina ngamandla.
UNkz Mantombazane Buthelezi, oyindodakazi kaNkz Buthelezi obekhona ngesikhathi kwenzeka lokhu, uthi kusenzima ukukholwa okwehlele umndeni wakhe.
“Le nto yenzeke ngisanda kubuya emsebenzini, umama nodadewethu nengane yakhe bebelele kwenye indlu. Sizwe umsindo endlini abebelele kuyona saphuthuma siyobheka. “Sifike indlu isiwile samemeza omakhelwane okuyibona abasisizile ukumba udaka. Ngenhlanhla oyedwa walaba abebesendlini naye obembozekile simthole esaphila.
“Umphakathi uqhubekile nokumba, kuphele amahora amabili bemba ngaphambi kokuba bafinyelele lapho bekumbozeke khona imizimba,” kusho yena.
Eqhuba uthi phambilini bake bakuveza ukuthi bengajabula uma kungakhiwa ukhonkolo ozovimba inhlabathini uma kunemvula.
“Kumanje sibone kungcono ukuba siphume ngoba akusaphephile ukuhlala kule ndawo,” kusho yena.
UMnu Nkona Xulu, ongumholi emphakathini, uthi ngenyanga edlule bekufike isekela-meya eThekwini uMnu Philani Mavundla bamukhombisa ubungozi bendawo.