Ilanga

Seyiqala ukugwema ingcindezi iDowns

Ifuna ukubuya nomphumela omuhle koweCaf e-Angola

- PHILANI NCALANE

KUNCONYWA ukusebenza ngokuzikha­ndla kukaPeter Shalulile (osesithomb­eni) ongumgadli weMamelodi Sundowns enenebule iLamontvil­le Golden Arrows ngo-6-0 emdlalweni weDStv Premiershi­p ngoLwesibi­li ntambama eLoftus Stadium, eTshwane.

Lo mdlali uvalele amagoli amathathu kanti amanye ashaywe nguGaston Sirino, uKermit Erasmus noPavol Safranko.

UManqoba “TV” Mngqithi ongumqeqes­hi weDowns, uthi amathuba afika kahle kuShalulil­e ngoba usebenza kanzima ukuqinisek­isa ukuthi ikilabhu iyadlondlo­bala.

“UShalulile unikela ngenhliziy­o yakhe yonke ekilabhini. Ngicabanga ukuthi lokhu yikhona kanye okumenza avalele ngale ndlela amagoli.

"Abadlali bethu uma bephethe ibhola bacinga yena ngoba bayazi ukuthi umqondo wakhe uhlale ucabanga ukubhakuzi­sa inethi.

"Uyakwazi ukubambisa­na kalula nozakwabo okwenza izinto zenzeke kalula lapha ekilabhini,” kusho uMngqithi.

Uthi weneme ngendlela ezakhe ezihlangen­e ngakhona.

“Kumele sibancome abadlali ngalokhu abasinika khona. Bakhombisa ukulambela impumelelo ngaso sonke isikhathi. Lokhu sikubone ngokuthi bashaye amagoli amathathu ngaphambi kokusongwa kwesiwombe sokuqala,” kusho lo mqeqeshi

Nokho walile ukuphawula ngamathuba okunqoba zonke izinkomish­i abaseyingx­enye yazo.

IDowns inqobe iMTN8 ngokuqala kwesizini kanti seyivule igebe lamaphuzu awu-14 esicongwen­i selog yeDStv Premiershi­p.

Ngaphezu kwalokhu, ingene esigabeni sama-semi final eNedbank Cup ekubeni ikuma-quarter final eCaf Champions League.

Iqhathwe nePetro de Luanda yase-Angola kulo mqhudelwan­o ngoMgqibel­o ngo-18h00 ekuhambeni. IDowns ibhekwe ukudlula kule kilabhu engenawo umlando onothile ebholeni lase-Afrika nxa iqhathanis­wa nayo.

UMngqithi uthi ukwenza kahle kwabo kulezi zinsuku kakuchazi ukuthi sebezowola zonke lezi zinkomishi abasazidla­lela. Nokho kubukeka esegwema ingcindezi njengoba phambilini wakuveza ukuthi bangakujab­ulela ukuzinqoba zonke ekhuluma neLANGA.

UShalulile wephule irekhodi likaSiyabo­nga Nomvethe lokuvalela amagoli awu-20 ngesizini eyodwa. UShalulile uhamba phambili ngokuvalel­a amagoli angu-21 kwiligi.

 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa