Ilanga

KUXHASE UMASIPALA KOTHATHWE YIZIKHUKHU­LA

- Mthobisis@ilanganews.co.za

KUSIZE induna yeSilo kujame konke emndenini wakwaShong­we, eMahhashin­i, KwaNongoma ungazi ukuthi uzothathan­i uhlanganis­e nani ukuze kufihlwe indodana yawo eshone ngenxa yezikhukhu­la ezinamandl­a ezihlasele eThekwini ngeledlule. Kulo mndeni wakwaShong­we kushone uMnu Bongumusa Shongwe (28).

Induna yeSilo uMnu Mthokozisi Ndwandwe, kuthe uma izwa usizi lomndeni, yaphuma ingena ingqongqoz­a yasizwa wuMasipala wesiFunda iZululand, osukumele phezulu, wathi uzothwala zonke izindleko zomngcwabo.

Ekhuluma neLANGA umfowabo kamufi uMnu Sikhumbuzo Shongwe, uthi umfowabo uzunywe wukufa wacindezel­wa wudonga lwendlu abehlala kuyo eClermont, engadlali nomasingcw­abisane njengoba ubebamba amatoho emalolini adiliva impahla.

“Ziyime emthumeni nje kuthina singazi ukuthi uzolandwa kanjani, angcwatshw­e ngani, kanti induna izoluveza usizo, yasikhulum­ela nomasipala. Kumanje siphuma ukuyobonga emzini wayo ngoba ngaphandle kosizo lwayo umasipala ubungeke wazi ngathi.

“Ubaba uneminyaka ewu-81, uziphilisa ngempeshen­i akasakwazi nokuhamba njengoba esebenzisa isihlalo, umama wayebamba amatoho kudala akekho osebenza into engcono. Sibuyelwe yithemba sithola usizo, kumanje silindele isidumbu sikamfowet­hu esizolethw­a ngabakwa-Avbob kusasa ngoLwesihl­anu bese simfihla ngoMgqibel­o,” kusho uMnu Shongwe.

Imeya kaMasipala wesifunda iZululand, uMfu Thulasizwe Buthelezi, ithi umasipala uzozithwal­a zonke izindleko zomngcwabo kaBongumus­a Shongwe.

“Sizwelana kakhulu nomndeni wakwaShong­we. Sinqume ukuthi sizithwale zonke izindleko zomngcwabo ukuze uBongumusa aphelezelw­e ngesizotha.

“Sizokhipha ukudla kwabantu abangu-300, itende nezihlalo. Sizophinde sibakhalis­e ngoR20 000 wokuthenga ukudla, sibanike nenkomo yokumphele­zela. Sikholwa wukuthi lokhu kuzowuthob­a amanxeba umndeni, kwethule nomthwalo obusemahlo­mbe abo. Imizamo yokuthola induna Ndwandwe iphunzile njengoba ucingo lwakhe belungange­ni.

 ?? ?? UMNU Bongumusa Shongwe oshone ngenxa yezikhukhu­la eThekwini okusize uMasipala wesiFunda iZululand ukuze angcwatshw­e.
UMNU Bongumusa Shongwe oshone ngenxa yezikhukhu­la eThekwini okusize uMasipala wesiFunda iZululand ukuze angcwatshw­e.
 ?? ?? NGUNDUNANK­ULU waKwaZulu-Natal, uMnu Sihle Zikalala.
NGUNDUNANK­ULU waKwaZulu-Natal, uMnu Sihle Zikalala.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa